Ukuhlakanipha Okungunaphakade
IBhayibheli lidala kakhulu. Incwadi yokugcina yeThestamente Elidala yabhalwa ngaphambi kokuzalwa kuka Krestu kanti iThestamente Elisha laqedelwa sekuyophela iminyaka eyikhulu yokuqala AD. Kodwa umlayezo wale ncwadi yakudala uhleze umusha futhi umuhle kuleso naleso sizukulwane. Ngenxa yokuthi iyiZwi elinikeza impilo elivela kuNkulunkulu ophilayo, selokhu yaba umthombo wamandla kanye nenduduzo yeminyaka ngeminyaka kwizigidi zamakholwa. Emhlabeni ogcwele ukungabi nasiqiniseko, abantu abasenasiqiniseko sokuthi ukukholwa kusho ukuthini kubo. Kungafani noPhawuli, abakholwa uthando luka Nkulunkulu olungenyakaziswe kubo. Ngakho-ke bazifunela isiqinisekiso kubo uqobo kanye namaqiniso esikhashana ngenkathi belahlekelwa ukubona ubuhlakani obungunaphakade obuqukethwe eZwini lika Nkulunkulu.
Izehlakalo
Ungabhalisela lolu hlelo lokufunda ku-BibleSA app