Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 19

Umuntu uphila kanjani njenge sidalwa esisha? - Part 2
- Khula okholweni

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseFilipi 1

9Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, 10ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu,

KwabaseFilipi 1:9-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 6

Kuhle baqhubeke ekwazini kokukholwa; ukusilela kulokho kunengozi

1Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,

KumaHeberu 6:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 1

6njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,

1 kwabaseKorinte 1:6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 1

UPawulu ubakhulekela kuJesu

9Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, 10nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,

KwabaseKolose 1:9-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 2

2njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,

1 kaPetru 2:2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Isidalwa esisha kufanele sikhule futhi sivuthwe. Ukukhula kusukela ekufundeni nasekuzweni iZwi lika Nkulunkulu nasekukhulekeleni amanye amakholwa.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU