Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 11

Isihluthulelo sesipho sika Nkulunkulu ukholo - Part 1
- Luyini ukholo?
- Ukholo lukwenza ukuba wazi enhliziyweni yakho ngaphambi kokubona ngamehlo akho
- Ukholo luwukukholwa uJesu Kristu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KumaHeberu 11

Amaqhawe enkolo esivumelwaneni esidala

1Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

KumaHeberu 11:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 11

32Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi, 33abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, 34bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. 35Abesifazane bamukeliswa abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle;

KumaHeberu 11:32-35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 5

7ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;

2 kwabaseKorinte 5:7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 10

9Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; 10ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

KwabaseRoma 10:9-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 5

24“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.

NgokukaJohane 5:24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 6

40Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

NgokukaJohane 6:40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ukuba nokukholwa kuwukukholwa ubuqiniso kanye nokwethembeka kwalokho okukholwayo nezenzo zakho ozibhekisa kukho ngalezo zinkolelo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU