Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 5

Sazi kanjani ukuthi siyini isono? - Part 1
- UMthetho uyasikhombisa ukuthi isono siyini
- UJesu usifinqele uMthetho kanje

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 20

Imiyalelo eyishumi

1UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi:

2“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

3“Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

4“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; 5ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 6kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

7“Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

8“Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. 9Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; 10kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho; 11ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.

12“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

13“Ungabulali.

14“Ungaphingi.

15“Ungebi.

16“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.

17“Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”

U-Eksodusi 20:1-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 7

Umthetho nesono

7Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”

KwabaseRoma 7:7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 22

37UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’ 38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. 39Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ 40Kuleyo miyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.”

NgokukaMathewu 22:37-40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Akukhona ukuthi umuntu akayazi imithetho kaNkulunkulu ekoneni kwakhe, ukhethe ukulandela inhliziyo yakhe. UNkulunkulu usinike Imithetho Eyishumi; kanti kwiThestamente Elisha, uJesu uwufinqile umthetho kaNkulunkulu ukuthi uphinde ube lula kithi ukuze siwuqonde futhi siwulandele.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU