Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 8

UJesu Kristu – ithemba labantu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 1

14ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

NgokukaJohane 1:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kuThimothewu 2

4othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, 6owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,

1 kuThimothewu 2:4-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 3

18Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 3:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 8

Okholwayo usindiswa ekulahlweni, ahambe ngokukaMoya

1Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.

KwabaseRoma 8:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNkulunkulu uveza uthando lwakhe ngokunikela ngeNdodana yakhe. Waba njengathi ukuze ahlale phakathi kwethu, ukuze asikhombise indlela.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU