Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 14

Isihluthulelo sesipho sika Nkulunkulu ukholo - Part 4
- Ukholo luwukuzinikela wena uqobo kuKristu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseFilipi 3

4nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; 5ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; 6ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

Ukulunga okukuKristu kuyinzuzo

7Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. 8Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, 9ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, 10ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, 11uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

KwabaseFilipi 3:4-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ngisho nemisebenzi yethu emihle kakhulu ayiqondile futhi igcwele isono. Sekuyisikhathi sokubeka ithemba lakho ku Kristu nokuyeka ukwethembela kuwe uqobo. Kusho umphostoli uPhawuli.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU