Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 3

Nkulunkulu – uMdali onguMninimandla Onke - Part 3
- Injongo kaNkulunkulu ngomuntu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 2

15UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.

UGenesise 2:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 8

6Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;

konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

7izimvu, nezinkomo zonke,

yebo, nezilwane zasendle,

8nezinyoni zezulu,

nezinhlanzi zolwandle,

nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.

Ihubo 8:6-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 17

25futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke; 26wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, 27ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. 28‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:

“ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’

IzEnzo 17:25-28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Njengolunye uphawu lothando lwakhe, uNkulunkulu akadalanga umuntu ngomfanekiso wakhe nje kuphela, kodwa wamenza ukuba alawule indalo futhi ayinakekele

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU