Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 20

UNkulunkulu uqinisa ukholo - Part 1
- NgoMoya Oyingcwele
-NgeZwi lakhe

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 28

20nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

NgokukaMathewu 28:20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

16Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, 17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.

NgokukaJohane 14:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

NgokukaJohane 14:26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KuThithu 3

5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,

KuThithu 3:5-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 4

Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla

12Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo; 13futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.

KumaHeberu 4:12-13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kuThimothewu 3

16Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, 17ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

2 kuThimothewu 3:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 8

31Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; 32niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

NgokukaJohane 8:31-32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNkulunkulu unikeza izindlela zokuqinisa ukholo lwethu futhi alwenze lukhule.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU