Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 24

Injabulo nokuThula

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KuThithu 3

4Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, 7ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.

KuThithu 3:4-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 126

5Abahlwanyela ngezinyembezi

bayakuvuna ngokuthokoza.

6Ohamba ekhala izinyembezi,

ephethe imbewu yokuhlwanyela,

uyakubuya ngokuthokoza,

ephethe izinyanda zakhe.

Ihubo 126:5-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 128

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho

Igama lokukhuphuka.

1Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,

abahamba ngezindlela zakhe.

2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;

uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

Ihubo 128:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 2

17Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.

Kwabase-Efesu 2:17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseGalathiya 1

3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini yethu uJesu Kristu

KwabaseGalathiya 1:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Abantu abafuna injabulo ezintweni eziphathekayo nangezinjabulo zesikhashana bayashesha ukuphoxeka. Nokho-ke, uma siphila ngokweZwi lika Nkulunkulu, siyoba nenjabulo nentokozo eyohlala impilo yethu yonke.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU