Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 21

UNkulunkulu uqinisa ukholo - Part 2
- NgeBandla lakhe
- Ngokudumisa emphakathini
- Ngokufundisa
- Ngokudumisa noKristu kanye namakholwa
- NgeSidlo seNkosi
- Ngomkhuleko

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 2

Ibandla laseJerusalema

42Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.

IzEnzo 2:42ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 2

46Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, 47bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

IzEnzo 2:46-47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 4

Ukuhlanganyela kwebandla izinto zonke

32Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.

IzEnzo 4:32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 9

31Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

IzEnzo 9:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 4

16Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.

NgokukaLuka 4:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 10

25singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

KumaHeberu 10:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 5

18Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,

Kwabase-Efesu 5:18-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 27

4Kunye engikucele kuJehova,

ngiyakufuna khona:

ukuba ngihlale endlini kaJehova

izinsuku zonke zokuphila kwami

ukubona ubuhle bukaJehova,

ngibuke ithempeli lakhe.

Ihubo 27:4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 122

IJerusalema lifiselwa isibusiso

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1Ngajabula lapho bethi kimi:

“Masiye endlini kaJehova.”

Ihubo 122:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 10

14Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? 15Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi:

“Yeka, zinhle izinyawo

zabashumayela izindaba ezinhle.”

KwabaseRoma 10:14-15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 1

UPawulu ubakhulekela kuJesu

9Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, 10nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,

KwabaseKolose 1:9-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaJohane 1

3lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.

1 kaJohane 1:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 12

5kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

KwabaseRoma 12:5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 12

13Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

14Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. 15Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. 16Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. 17Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? 18Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. 19Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? 20Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.

1 kwabaseKorinte 12:13-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 6

51Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”

52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”

53Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. 54Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. 56Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. 57Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

NgokukaJohane 6:51-57ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 10

16Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na? 17Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.

1 kwabaseKorinte 10:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 16

23Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. 24Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

NgokukaJohane 16:23-24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 7

7“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. 8Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.

NgokukaMathewu 7:7-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 11

UJesu ufundisa ngomkhuleko

1Kwathi ekhuleka endaweni ethile, esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.”

2Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi:

“ ‘Baba wethu osezulwini,

malingcweliswe igama lakho;

mawufike umbuso wakho;

mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;

3usiphe isinkwa sethu sezinsuku

zonke imihla ngemihla;

4usithethelele izono zethu,

ngokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi;

ungasingenisi ekulingweni,

kodwa usikhulule kokubi.’ ”

NgokukaLuka 11:1-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaJohane 5

14Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

1 kaJohane 5:14-15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ibandla (umzimba wakhe), kanye naye ndawonye ekudumiseni kwabantu bonke, amasakhramente kanye nokudumisa kwanxazonke kwamakholwa, liyikhaya uNkulunkulu alinikeza abathembekile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU