Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 16

Ngizokwazi kanjani ukuthi konke lokhu kuyiqiniso?
- Ngobufakazi boMoya Oyingcwele
- NgeZwi lika Nkulunkulu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 14

16Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,

NgokukaJohane 14:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

NgokukaJohane 14:26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 16

8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela:

NgokukaJohane 16:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 12

3Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

1 kwabaseKorinte 12:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 1

21Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, 22owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

2 kwabaseKorinte 1:21-22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

105Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami

nokukhanya endleleni yami.

Ihubo 119:105ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 1

21Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.

1 kwabaseKorinte 1:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 10

17Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

KwabaseRoma 10:17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UMoya Oyingcwele ungumuntu wesithathu Ebuthathwini wayekhona kusukela ekuqaleni kwehlabathi.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU