Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 1

Nkulunkulu – uMdali onguMninimandla Onke - Part 1
- UNkulunkulu wadala izulu nomhlaba

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 17

24“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; 25futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

IzEnzo 17:24-25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 1

37Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”

NgokukaLuka 1:37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 1

3Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

NgokukaJohane 1:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 10

6Akakho onjengawe Jehova;

umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

UJeremiya 10:6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 10

12Wawenza umhlaba ngamandla akhe,

walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,

ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

UJeremiya 10:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 45

11“Usho kanje uJehova,

oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:

Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,

ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

12Yimi engiwenzile umhlaba,

ngadala abantu phezu kwawo;

mina ngezandla zami ngeneka izulu,

nebandla lalo lonke ngiliyalezile.

U-Isaya 45:11-12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsAmbulo 4

11“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu

ukwamukela inkazimulo nodumo namandla,

ngokuba nguwena owadala izinto zonke,

nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”

IsAmbulo 4:11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Asiqale ngokubheka ukuthi iBhayibheli lisifundisani ngoNkulunkulu njengo Mdali kanye noMbusi woMhlaba kanye nendalo yakhe.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU