Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 23

Ukusabalalisa Izindaba Ezinhle

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 5

16Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

NgokukaMathewu 5:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 28

19ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, 20nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

NgokukaMathewu 28:19-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 1

8kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

IzEnzo 1:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 8

UFiliphu ushumayela eSamariya

4Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.

IzEnzo 8:4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 10

42Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi: Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo. 43Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”

IzEnzo 10:42-43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kuThimothewu 4

UThimothewu uyalwa ukuba aqine

1Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi: 2Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. 3Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

2 kuThimothewu 4:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNkulunkulu ufuna ukufinyelela emhlabeni ngamakholwa

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU