Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 12

Isihluthulelo sesipho sika Nkulunkulu ukholo - Part 2
- Ukholo ukuthobela uKristu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kaJohane 2

3Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. 4Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; 5kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;

1 kaJohane 2:3-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaJohane 3

23Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. 24Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

1 kaJohane 3:23-24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaJohane 5

3Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,

1 kaJohane 5:3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 7

UThithu ujabulisa uPawulu ngokumbikela uthando nokulalela kwabaseKorinte

1Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 7:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ukwenza njengokusho kuka Kristu kithi, kunikeza iqiniso ezinkolelweni zethu.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU