Bible Society of South Africa

To The Word – Day 223

Psalms 46, 118, 120

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 46

INkosi yethu iyinqaba

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti.* Igama.

1UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;

ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

2Ngakho-ke asiyikwesaba

nokuba kuguquka umhlaba,

nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,

3nokuba amanzi alo ehlokoma,

ekhephuza,

nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela*

4Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu,

indlu engcwele yoPhezukonke.

5UNkulunkulu uphakathi kwawo,

awuyikuzanyazanyiswa;

uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.

6Izizwe ziyaxokozela;

imibuso iyazamazama;

uphumisela izwi lakhe,

umhlaba uncibilike.

7UJehova Sebawoti unathi;

uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*

8Wozani nibone izenzo zikaJehova,

izincithakalo azenzileyo emhlabeni.

9Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba;

uyaphula umnsalo,

anqume umkhonto,

izinqola zempi azishise ngomlilo.

10Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;

ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,

ngiphakame emhlabeni.

11UJehova Sebawoti unathi;

uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*

Ihubo 118

Igama lokudumisa

1Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Makathi u-Israyeli:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3Mayithi indlu ka-Aroni:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4Mabathi abamesabayo uJehova:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,

uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

6UJehova ungakimi, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

7UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;

ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba umuntu.

9Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba izikhulu.

10Bonke abezizwe bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

11Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

12Bayangibunganyela njengezinyosi,

bacimeka njengomlilo wameva;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

13Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,

kepha uJehova uyangisiza.

14UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,

waba yinsindiso yami.

15Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;

esokunene sikaJehova senza okwamandla.

16Esokunene sikaJehova siphakeme,

esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.

17Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,

ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18UJehova wangilaya nokungilaya,

kodwa akanginikelanga ekufeni.

19Ngivuleleni amasango okulunga,

ngingene ngawo,

ngimdumise uJehova.

20Yileli isango likaJehova;

olungileyo uyakungena ngalo.

21Ngiyakukudumisa,

ngokuba ungizwile,

waba yinsindiso yami.

22Itshe abalinqabayo abakhi

selaba yinhloko yegumbi.

23Lona lavela kuJehova;

liyisimangaliso emehlweni ethu.

24Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;

siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;

hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.

26Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;

siyanibusisa sisendlini kaJehova.

27UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;

hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

28Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;

Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.

29Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Ihubo 120

Umkhuleko wocela ukusizwa ekukhohliseni kwezitha

Igama lokukhuphuka.

1Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,

wangiphendula.

2Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga

nasolimini lwenkohliso.

3Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani

wena lulimi lwenkohliso, na?

4Imicibisholo ebukhali yeqhawe

namalahle omlilo.

5Maye kimi!

Ngokuba ngigogobele kwaMesheke,

ngihlezi ematendeni akwaKedari.

6Umphefumulo wami sekukade wahlala naye

ozonda ukuthula.

7Ngingowokuthula;

kepha uma ngikhuluma, bangabalwayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU