Bible Society of South Africa

To The Word – Day 224

Psalms 124–126, 147

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 124

Ukubonga ukusindiswa engozini enkulu

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1Uma uJehova ebengenathi,

makasho njalo manje u-Israyeli,

2uma uJehova ebengenathi,

lapho abantu besivukela,

3ngabe sebesigwinyile

ekuvutheni kolaka lwabo kithina;

4amanzi ngabe asewele phezu kwethu,

kudlule isikhukhula phezu komphefumulo wethu,

5kudlule phezu komphefumulo wethu amanzi akhukhumeleyo.

6Makabongwe uJehova

ongasinikelanga ukuba sibe yimpango

yamazinyo abo.

7Umphefumulo wethu uphunyukile

njengenyoni ogibeni lwabacuphi;

ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.

8Usizo lwethu lusegameni likaJehova

owenzile izulu nomhlaba.

Ihubo 125

UJehova uyalondoloza u-Israyeli

Igama lokukhuphuka.

1Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni

engenakunyakaziswa kepha imi phakade.

2Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema,

kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.

3Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo,

funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.

4Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo

nabaqotho ezinhliziyweni zabo.

5Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge

uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi.

Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Ihubo 126

Ukutshala ngezinyembezi nokuvuna ngentokozo

Igama lokukhuphuka.

1Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni,

sasinjengabaphuphayo.

2Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka

nolimi lwethu ukuhuba;

bathi phakathi kwabezizwe:

UJehova ubenzele izinto ezinkulu.

3UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula.

4Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu

njengemifula yaseningizimu.

5Abahlwanyela ngezinyembezi

bayakuvuna ngokuthokoza.

6Ohamba ekhala izinyembezi,

ephethe imbewu yokuhlwanyela,

uyakubuya ngokuthokoza,

ephethe izinyanda zakhe.

Ihubo 147

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa

1Haleluya!

Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;

ukudumisa kufanele.

2UJehova uyalakha iJerusalema;

abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.

3Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;

izilonda zabo uyazibopha.

4Uyabala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

6UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;

ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

7Hubelani uJehova ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*

8osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajabuleli imilenze yomuntu.

11UJehova uyathokoza ngabamesabayo,

abathemba umusa wakhe.

12Jerusalema, mbabaze uJehova;

Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

13Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;

ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

14Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;

uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

15Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;

izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.

16Uyanika iqhwa njengoboya;

uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;

uyavusa umoya wakhe,

amanzi agobhoze.

19Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.

20Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:

izahlulelo zakhe asizazi.

Haleluya!

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU