Bible Society of South Africa

To The Word – Day 222

Psalms 112–117

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 112

Inhlanhla yomesabayo uNkulunkulu

1Haleluya!

Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,

othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

2Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;

isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

3Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;

ukulunga kwakhe kumi phakade.

4Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:

umusa, nobubele, nokulunga.

5Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,

esekela izindaba zakhe ngokulunga.

6Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;

olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

7Akesabi imibiko emibi;

inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.

8Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,

aze azibuke izitha zakhe ziphansi.

9Uyaphana, uyabanika abampofu;

ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;

uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

10Omubi uyakukubona, acunuke,

agedle amazinyo akhe, abesephela;

isifiso sababi siyakubhubha.

Ihubo 113

Ukumbonga uJehova ngokunaka kwakhe ompofu

1Haleluya!

Dumisani nina zinceku zikaJehova,

nidumise igama likaJehova.

2Malibongwe igama likaJehova

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

3Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze

kube sekushoneni kwalo

igama likaJehova malidunyiswe.

4UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke,

inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

5Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu,

ohlezi phezulu,

6ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na?

7Uyavusa odingayo othulini,

aphakamise ompofu ezaleni,

8ukuze amhlalise nezikhulu,

yebo, izikhulu zabantu bakhe.

9Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi,

ibe ngunina othokozayo wabantwana.

Haleluya!

Ihubo 114

Ukukhishwa okumangalisayo kuka-Israyeli eGibithe

1Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,

indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,

2khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,

u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

3Ulwandle lwakubona, lwabaleka,

iJordani labuyiselwa emuva.

4Izintaba zatshekula njengezinqama,

amagquma njengamawundlu.

5Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,

nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,

6nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama,

nani magquma eninjengamawundlu, na?

7Thuthumela, mhlaba,

ebusweni beNkosi,

ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,

8yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi,

insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.

Ihubo 115

Udumo malube kuJehova yedwa

1Ungasiphi thina, Jehova,

ungasiphi thina,

kepha uliphe igama lakho inkazimulo

ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

2Abezizwe bayakusho ngani ukuthi:

“Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”

3Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;

wenza konke akuthandayo.

4Izithombe zabo ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

5Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kepha aziboni.

6Izindlebe zinazo, kepha azizwa;

zinamakhala, kepha azihogeli.

7Zinezandla, kepha aziphathi;

zinezinyawo, kepha azihambi;

azikhulumi ngomphimbo wazo.

8Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

9Israyeli, themba kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

10O wena ndlu ka-Aroni,

themba kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

11Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

12UJehova usikhumbulile; uyakubusisa,

abusise indlu ka-Israyeli,

abusise indlu ka-Aroni.

13Uyakubusisa abamesabayo uJehova,

abancane nabakhulu.

14UJehova uyakunandisa,

nina nabantwana benu.

15Manibe ngababusisiweyo bakaJehova

owenzile izulu nomhlaba.

16Izulu liyizulu likaJehova,

kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

17Abafileyo abamdumnisi uJehova,

qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

18Kepha thina siyakumbonga uJehova

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Haleluya!

Ihubo 116

Ukudumisa kosindisiweyo

1Ngiyamthanda uJehova,

ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi

ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3Izintambo zokufa zangizungeza,

nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;

ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:

“Ngiyakuncenga, Jehova,

khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile;

uNkulunkulu wethu unobubele.

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili;

ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

7Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami,

ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

8Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni,

amehlo ami ezinyembezini,

nezinyawo zami ekuweni.

9Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

10Ngiyakholwa,

ngalokho ngiyakhuluma;

ngahlushwa kakhulu.

11Ngathi osizini lwami:

“Bonke abantu banamanga.”

12Ngiyakubuyiselani kuJehova

ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

13Ngiyakuthatha indebe yensindiso,

ngibize igama likaJehova.

14Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

15Kuyigugu emehlweni kaJehova

ukufa kwabangcwele bakhe.

16Ngiyinceku yakho impela, Jehova;

ngiyinceku yakho,

indodana yencekukazi yakho;

uthukululile izintambo zami.

17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,

ngibize igama likaJehova.

18Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

19emagcekeni endlu kaJehova,

phakathi kwakho, Jerusalema.

Haleluya!

Ihubo 117

Izizwe zonke mazibonge uJehova

1Dumisani uJehova nina bezizwe zonke,

nimbabaze nina bantu bonke.

2Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina;

iqiniso likaJehova limi phakade.

Haleluya!

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU