Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 8

- Ucansi – isihloko esibucayi
- Qaphela izingibe
- Izithombe zobulili ezingcolile – igciwane elibulalayo
- Hlakanipha nge “zidakamizwa nophuzo”
- Ukudakwa akulungile

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4

9Ungaphucile inhliziyo yami,

dadewethu, makoti wami;

ungaphucile inhliziyo yami ngelinye

lamehlo akho,

ngomgexo munye wentamo yakho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5

Umakoti:

10Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu,

uyabonakala phakathi kwezigidi.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 6

19Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? 20Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

1 kwabaseKorinte 6:19-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 10

12Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi. 13Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

1 kwabaseKorinte 10:12-13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 6

18Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.

1 kwabaseKorinte 6:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 7

UThithu ujabulisa uPawulu ngokumbikela uthando nokulalela kwabaseKorinte

1Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 7:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 20

1Iwayini liyisideleli,

uphuzo olunamandla lungumxokozeli;

bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.

IzAga 20:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 23

29Ngubani othi: “Maye!”

Ngubani othi: “Wo!”

Ngubani oxabanayo?

Ngubani okhalayo,

ngubani onezilonda ngeze, na?

Ngubani onamehlo aklwelayo na?

30Yibo abalibala ngasewayinini,

abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.

31Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu,

nokuthi liyacwebezela endebeni,

ukuba lehle kalula.

32Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka,

lihlabe njengebululu.

33Amehlo akho ayakubona imihlola,

inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.

34Uyakuba njengolele ekujuleni kolwandle

nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.

35Uyakuthi: “Bangishayile, angilimalanga;

bangigalele, angikwazanga.

Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune.”

IzAga 23:29-35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ucansi – isihloko esibucayi
Ucansi lusezingqondweni eziningana kubantu abaningi. Kuncane kabi okusivimba ekwenzeni ucansi, noma ngabe kusebudlelwaneni obuzinzile, osebunesikhathi eside noma abalingani abalandelanayo. Njengekholwa, kumele kucace bha ukuthi umephi mayelana nalokhu. IBhayibheli linikeza imihlahlandlela ecacile mayelana nobufebe. Noma kunjalo iBhayibheli livulelekile mayelana nokuyengeka ngokomzimba phakathi kwabantu ababili othandweni. Qinisekisa ukufunda iSihlabelelo Sezihlabelelo, incwadi yonke yezinkondlo ezidumisa uthando.

Noma kunjalo, njengazozonke izinto ezinhle empilweni, kunombandela okhona.

Qaphela izingibe
Asikho isizathu kunoma yimuphi umuntu onengqondo enomqondo wonke ongesaba ukufa. Kodwa qaphelani izinto ezinganephuca injabulo yenu nobumsulwa.

Izithombe zobulili ezingcolile – igciwane elibulalayo
Izithombe zobulili ezingcolile kade zaba khona kodwa ngenxa yabezindaba zokuxhumana besimanje sekusabalale kwaze kwafika lapho ingasekho into enobungcwele ngisho nabamsulwa phakathi kwethu sebenindekile. IBhayibheli alicwecwi amazwi alo ngokungakhuthazi ukuziphatha kabi ngezocansi:

Hlakanipha nge “zidakamizwa nophuzo”
Ayikho into enjalo yokuhlakanipha ngezidakamizwa noma ngophuzo, ngale nje kokuthi izikhangisi zikamabonakude (TV) zikutshelani. Zenza iziphukuphuku ngisho nabantu abahlakaniphe kakhulu. Noma kunjalo ukuphuza nokusebenzisa izidakamizwa kubonakala kuyingxenye yeshashalazi lanamhlanje kwezenhlalo. Vumani ukuthi bangaba khona abantu emshungwini wabangani bakho, abantu osebenza nabo ngisho nomndeni imbala abaphuzayo noma abasebenzisa izidakamizwa. Mukela ukuthi bazikhethele kanti nawe uzikhethele. Khetha ukuzizungeza ngabantu ongajabula nabo ngaphandle kokusebenzisa izidakamizwa kanye notshwala ukuba badakwe.

Ukudakwa akulungile
IBhayibheli livamise ukukhuluma ngemithelela yokusebenzisa utshwala ekhona ngokufanayo ekusebenziseni izidakamizwa. Umbhali weZaga uyexwayisa ngokuthi.

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU