Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 6

Uyini umbono wami namagugu?

Uma sifuna ukuba njengoKhristu, njengoba esicela ukuba sibe njalo, amagugu wethu ayobonakala ngendlela esiphila ngayo. Ekugcineni amagugu esikholelwa kuwo akukhona okufanele kwenziwe noma kungenziwa. Kuwukusebenzela ukufana noKhristu kukho konke esikwenzayo.

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 6

46“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? 47Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. 48Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.

NgokukaLuka 6:46-48ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 15

5“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

NgokukaJohane 15:5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 12

2ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.

KwabaseRoma 12:2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

6UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

NgokukaJohane 14:6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 16

10“Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.

NgokukaLuka 16:10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UKhristu njengesibonelo kimi
Noma ngabe yini okholelwa kuyo noma ngabe ulandela bani, lokho kuzoveza ubunjalo bezinkolelo zakho, amagugu kanye nendlela yokuziphatha. Njengamakholwa, amagugu wethu aboshelwe ekuthobeleni uKhristu. Bumbekani ngomfanekiso kaKhristu – hhayi ozakwenu, abazali, labo osebenza nabo noma usikompilo ophila kulo.

Iqiniso libalulekile
Uma uKhristu eyiqiniso, ngakho-ke kuyachaza ukuthi ukuqamba amanga nokungathembeki kuyakwehlukanisa noKhristu. Ukwethembeka kuwukulandela ezinyathelweni zika Jesu, ngoba Akawaqambi amanga. Ukufunda ukwethembeka okungaphezulu kuyokusiza ukukugcina unonembeza ohlanzekile.

Amagugu obuKhristu ngaphansi kwebhayithi
Ukucaca kangcono kwakho kulokho okholelwa kukho, kwenza kubelula kakhudlwana ukuletha iziqalongqangi zakho zihambisane nemigomo okholelwa kuyo. UPawula ufingqa indlela yokuphila yamakholwa esusela ezimfundisweni zika Khristu kanje:

  • Uthando malungabi nakuzenzisa;
  • nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.
  • Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,
  • ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;
  • ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi,
  • nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi.
  • Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi.
  • Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
  • Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo.
  • Ningazishayi abahlakaniphileyo.
  • Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.
  • Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.

Mayelana neMiyalelo Elishumi?

Imiyalelo emine yokuqala iyasiqondisa ukuthi kumele simthande kanjani uNkulunkulu, kanti eyokugcina eyisithupha isiqondisa ngokuthanda abanye.

UJesu ukhuluma ngemithetho bese egqamisa ukusetshenziswa kwayo ekufundiseni kwakhe. Akagxeki ukubulala nje kuphela, uxwayisa abalandeli bakhe ukuba babone ukuthi ulaka olungaxazululiwe nalo lucekela abanye phansi. Akanqabeli ukuphinga nje kuphela, kodwa uxwayisa abalandeli bakhe ukuba babe msulwa engqondweni nase nhliziyweni.

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU