Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 4

- Hlela kahle izinto eziza kuqala kuwe
- Discipline yourself

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 6

31Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ 32Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. 33Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

NgokukaMathewu 6:31-33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 37

4zithokozise ngoJehova,

yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

Ihubo 37:4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 12

Ukubekezela ezinhluphekweni

1Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, 2sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

KumaHeberu 12:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Hlela kahle izinto eziza kuqala kuwe
Nquma ukuthi yikuphi okufanele ukwenze namhlanje, kubhale phansi uma kukusiza lokho, qala ngokubalulekile bese usebenza uqale ngokusekuqaleni kulolo hlu. Uma kukhona okungeke kwenzeke kulolo suku, musa ukukufaka ohlwini! Kanti futhi uma kungakuphathi kahle ukwenza izinhla, okungenani zama futhi usebenze ngohlaka olubanzi oluzokunikeza umhlahlandlela.

Zikhuze wena uqobo
Yenza isiqiniseko sokuthi uyazikhuza wena qobo. Uma ungakwenzi lokho, akekho omunye ozokwenzela – ngisho uNkulunkulu uqobo!

Bible Society of South Africav.4.23.0
SITHOLE KU