Bible Society of South Africa

Umhlahlandlela Wokuphila – Day 3

- Thola “Izwi” lakho nsukuzonke
- Sukumela lokho okholelwa kukho
- Let your words be your witness

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 108

Umkhuleko wokunqoba izitha

Igama. Ihubo likaDavide.

1Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;

ngizakuhlabelela, ngihube,

ngisho nomphefumulo wami.

2Vukani, lugubhu nehabhu!*

Ngizakuvusa ukusa.

3Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,

ngikudumise phakathi kwezizwe.

4Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,

nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

Ihubo 108:1-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 119

9Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?

Ngokuqaphela okwezwi lakho.

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;

mangingaphambuki emiyalweni yakho.

11Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,

ukuze ngingoni kuwe.

Ihubo 119:9-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kuThimothewu 4

UPawulu ululeka uThimothewu abe yisibonelo, athembeke enkonzweni

12Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

1 kuThimothewu 4:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 4

5Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

KwabaseKolose 4:5-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Thola “Izwi” lakho nsukuzonke
Qala usuku njalo ngeZwi likaNkulunkulu ngenkathi uxhumana naye osukwini lonke ngomkhuleko. Iyona ndlela kuphela yokugcina iziqalongqangi zakho zihambelane nalokho okholelwa kukho.

Sukumela lokho okholelwa kukho
Kunesisho esithi: Uma ungazifuni ezami izimiso, nginazo ezinye! Kunjalo indlela obuka ngayo izinto iyashintsha ngokuhamba kwesikhathi. Kodwa kunezinye izinkolelo ezihlala zinjalo.

Amazwi akho awabe ufakazi wakho
Uma kukhona ogxeka izinkolelo zakho, ungesabi ukuma kokholelwa kukho. Ngokufanayo, kumele uzwelane nabantu abanezinkolelo ezehlukile kwezakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU