Bible Society of South Africa

To The Word – Day 89

Luke 19–24

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 19

UJesu ungenisa kwaZakewu

1Wangena eJeriko, wadabula khona. 2Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile. 3Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane. 4Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.

5Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” 6Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.

7Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”

8Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”

9UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. 10Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Omina* abayishumi

(Math. 25:14)

11Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane. 12Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye. 13Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’

14“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’

15“Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.

16“Yavela-ke eyokuqala, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’

17“Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.’

18“Yafika neyesibili, yathi: ‘Umina wakho, Nkosi, uzuze omina abayisihlanu.’

19“Wathi nakuleyo: ‘Nawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu.’

20“Kwafika nenye, yathi: ‘Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwe endwangwini. 21Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga.’

22“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga; 23awufakanga ngani imali yami ebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?’

24“Wayesethi kwababemi khona: ‘Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.’

25“Kepha bathi kuye: ‘Nkosi, unawomina abayishumi.’

26“Ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho. 27Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”

28Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema.

UJesu ungena eJerusalema

(Math. 21:1; Mark. 11:1; Joh. 12:12)

29Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 30ethi: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nothi ukuba ningene kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 31Uma umuntu enibuza ethi: ‘Nilithukululelani na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga.’ ”

32Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo. 33Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: “Nilithukululelani ithole na?”

34Bathi: “INkosi iyalidinga.”

35Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole, bamkhwelisa uJesu. 36Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni.

37Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo, isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo, 38sithi:

“Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi,

ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”

39Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.”

40Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”

41Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. 42Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho. 43Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, 44zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Ukuhlanzwa kwethempeli

(Math. 21:12; Mark. 11:15)

45Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, 46wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi’.”

47Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala. 48Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.

NgokukaLuka 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 20

Igunya likaJesu

(Math. 21:23; Mark. 11:27)

1Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela. 2Bakhuluma, bathi kuye: “Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini, nokuba ngubani okunike leli gunya na?”

3Waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi, nize ningitshele. 4Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?”

5Bazindlisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Anikholwanga nguye ngani na?’ 6Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.”

7Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.

8UJesu wayesethi kubo: “Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

Umfanekiso wabalimi besivini

(Math. 21:33; Mark. 12:1)

9Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso, ethi kubantu: “Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside. 10Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze. 11Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa ze. 12Wayesephinda ethuma neyesithathu; nalena bayilimaza, bayiphonsa ngaphandle.

13“Khona wathi umninisivini: ‘Ngizakwenze njani na? Ngizakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.’

14“Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: ‘Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe ngelethu.’ 15Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na? 16Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.”

Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”

17Kepha wababheka, wathi: “Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi:

“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi

lona laba yinhloko yegumbi’?

18“Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Intela kaKesari

(Math. 22:15; Mark. 12:13)

19Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.

20Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe. 21Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo. 22Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

23Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo: 24“Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”

Bathi: “OkaKesari.”

25Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

26Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.

Ukuvuka kwabafileyo

(Math. 23:23; Mark. 12:13)

27Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; 28bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. 29Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, 30nowesibili; 31nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana. 32Ukugcina wafa nomfazi. 33Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.”

34UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa. 35Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; 36ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. 37Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. 38UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”

39Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” 40Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.

UMesiya nemvelo yakhe

(Math. 22:41; Mark. 12:35)

41Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 42lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:

“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

43ngize ngibeke izitha zakho

zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’

44“Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?”

45Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe: 46“Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni, 47abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

NgokukaLuka 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 21

Umnikelo womfelokazi

(Mark. 12:41)

1Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo. 2Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili; 3wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke. 4Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”

Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu

(Math. 24:1; Mark. 13:1)

5Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo: 6“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

7Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”

8Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli. 9Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.”

10Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; 11kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.

12“Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. 13Kuyakunehlela kube ngubufakazi. 14Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; 15ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini. 16Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. 17Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. 18Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu. 19Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.

20“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. 21Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo. 22Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo. 23Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe. 24Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.

25“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, 26abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. 27Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. 28Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”

29Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. 30Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. 31Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.

32“Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. 33Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

34“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, 35ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. 36Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”

37Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. 38Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

NgokukaLuka 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 22

Iwundlu lePhasika

(Math. 26:1; Mark. 14:1)

1Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. 2Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.

Umvuzo wokumkhaphela uJesu

(Math. 26:14; Mark. 14:10)

3Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. 4Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. 5Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. 6Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.

Ukumiswa kwesidlo esingcwele

(Math. 26:17; Mark. 14:12; Joh. 13:21)

7Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. 8Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”

9Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”

10Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, 11nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ 12Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”

13Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

14Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. 15Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. 16Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”

17Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; 18ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”

19Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”

20Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. 21Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. 22Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” 23Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.

24Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. 25Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. 26Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. 27Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. 28Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; 29nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona 30ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

USimoni Petru uyaxwayiswa

(Math. 26:31; Mark. 14:27; Joh. 13:36)

31“Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; 32kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

33Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”

34Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”

35Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?”

Bathi: “Lutho.”

36Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. 37Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”

38Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”

Wathi kubo: “Kwanele.”

EGetsemane

(Math. 26:36; Mark. 14:32)

39Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. 40Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” 41Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, 42wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” 43Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. 44Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.

45Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. 46Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

Ukuboshwa kukaJesu

(Math. 26:47; Mark. 14:43; Joh. 18:2)

47Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. 48Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”

49Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” 50Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.

51Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.

52Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. 53Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”

Ukuphika kukaPetru

(Math. 26:69; Mark. 14:66; Joh. 18:1,25)

54Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. 55Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. 56Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.”

57Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”

58Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”

Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”

59Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”

60Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. 61INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” 62Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe

(Math. 26:57; Mark. 14:53; Joh. 18:12)

63Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. 64Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” 65Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

66Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, 67bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”

Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; 68noma ngibuza, anisoze naphendula. 69Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”

70Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”

Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”

71Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”

NgokukaLuka 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 23

UJesu ephambi kukaPilatu noHerode

(Math. 27:1; Mark. 15:1; Joh. 18:28)

1Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu. 2Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”

3UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

Wamphendula wathi: “Usho khona.”

4Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.”

5Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.”

6UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini. 7Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku.

8Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye. 9Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho. 10Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. 11Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. 12Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo.

13UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu, 14wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo; 15kunjalo noHerode futhi ngokuba umbuyisele kithi; bheka-ke, akenzanga lutho afanele ukufa ngalo. 16Ngakho-ke ngiyakumshaya, ngimkhulule.” 17Ubemelwe phela ukubakhululela abe munye ngomkhosi.

18Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: “Susa lo, usikhululele uBaraba,” 19yena owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu esithile esasenzeka emzini, nangenxa yokubulala.

20UPilatu wabuye wakhuluma kubo efuna ukumkhulula uJesu; 21kodwa bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!”

22Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”

23Kepha bamcindezela ngokumemeza okukhulu befuna ukuba abethelwe. Ukumemeza kwabo kwanqoba. 24Wayesenquma uPilatu ngokuthi akwenziwe abakufunayo. 25Wayesemkhulula owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcela, kepha wamnikela uJesu kubo njengokuthanda kwabo.

UJesu esesiphambanweni

(Math. 27:33; Mark. 15:22; Joh. 19:17)

26Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu. 27Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. 28Kepha uJesu ephendukela kubo wathi: “Madodakazi aseJerusalema, ningangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni nina nabantwana benu. 29Ngokuba bhekani, kuyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba nezizalo ezingazalanga namabele angancelisanga.’ 30Khona

“ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni:

“Welani phezu kwethu,”

nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’

31“Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.”

32Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye. 33Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. 34Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.

35Abantu bema, bebukela; nababusi bamklolodela bathi: “Wasindisa abanye; kazisindise yena, uma enguKristu okhethiweyo kaNkulunkulu.”

36Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika uviniga, 37ethi: “Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.”

38Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe othi: LO YINKOSI YABAJUDA.

39Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “Wena awusiye uKristu na? Zisindise kanye nathi.”

40Sase siphendula esinye, sasithethisa sathi: “Nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na? 41thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.”

42Sase sithi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufike embusweni wakho.”

43Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*”

44Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye; 45kwafiphala ilanga, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi. 46UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.

47Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.” 48Zonke izixuku ezazibuthanele ukubukela lokho sezibonile okwenzekileyo, zabuyela emuva, zishaya izifuba zazo. 49Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto.

Ukumbelwa kukaJesu

(Math. 27:57; Mark. 15:42; Joh. 19:38)

50Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo – 51yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu; 52yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. 53Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. 54Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.

55Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. 56Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.

NgokukaLuka 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 24

Ukuvuka kukaJesu

(Math. 28:1; Mark. 16:1; Joh. 20:1)

1Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. 2Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. 3Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. 4Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. 5Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? 6Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, 7ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” 8Bawakhumbula-ke amazwi akhe.

9Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. 10KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. 11Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. 12Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.

Abafundi abaya e-Emawuse

13Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha. 14Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. 15Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. 16Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.

17Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. 18Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”

19Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”

Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, 20ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. 21Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. 22Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; 23kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. 24Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”

25Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! 26UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” 27Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.

28Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. 29Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.

30Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. 31Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. 32Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”

33Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye, 34bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” 35Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.

Ukuzibonakalisa kukaJesu kubafundi bonke

(Mark. 16:14; Joh. 20:19)

36Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”

37Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. 38Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? 39Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”

40Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. 41Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” 42Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. 43Wakuthatha, wadla phambi kwabo.

44Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”

45Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. 46Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, 47kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. 48Nina-ke ningofakazi balezi zinto. 49Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”

Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe

(Mark. 16:19; IzE. 1:9)

50Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. 51Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. 52Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. 53Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.

NgokukaLuka 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU