Bible Society of South Africa

To The Word – Day 88

Luke 13–18

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 13

UJesu ufundisa ngokuphenduka

1Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo. 2Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na? 3Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke. 4Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na? 5Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”

6Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga. 7Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’

8“Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba; 9mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”

Ukuphulukiswa kowesifazane onomoya wobuthakathaka

10Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha. 11Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. 12Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” 13Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.

14Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”

15Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? 16Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”

17Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.

Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu

(Math. 13:31; Mark. 4:30)

18Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na? 19Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.”

20Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na? 21Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”

22Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema. 23Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?”

Wathi kubo: 24“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke. 25Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’

26“Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’

27“Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’

28“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. 29Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. 30Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.”

UJesu uyalikhalela iJerusalema

31Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”

32Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ 33Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.

34“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. 35Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”

NgokukaLuka 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 14

UJesu uphilisa efundisa endlini yomFarisi

1Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele. 2Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi. 3UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?” 4Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.

5Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?” 6Bahluleka ukuphendula kulokho.

7Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo: 8“Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye, 9eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni. 10Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni. 11Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”

12Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana. 13Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; 14uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”

15Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”

16Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. 17Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’

18“Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’

19“Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’

20“Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’

21“Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’

22“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’

23“Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami. 24Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”

Abafundi bakaJesu abayibo

(Math. 10:37)

25Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo: 26“Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami. 27Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami.

28“Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? 29Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, 30bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’

31“Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? 32Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula. 33Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.

34“Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na? 35Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”

NgokukaLuka 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 15

Okulahlekileyo: imvu, uhlamvu lwesiliva, indodana

1Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa. 2AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi: “Lo muntu wamukela izoni, adle nazo.”

3Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: 4“Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? 5Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. 6Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’ 7Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

8“Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? 9Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’ 10Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”

11Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. 12Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.

13“Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. 14Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. 15Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. 16Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.

17“Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. 18Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; 19angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ 20Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

21“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’

22“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, 23nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; 24ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.

25“Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. 26Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. 27Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’

28“Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga. 29Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, 30kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’

31“Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. 32Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”

NgokukaLuka 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 16

Umphathi ongathembekile

1Wayesekhuluma nakubafundi bakhe, ethi: “Kwakukhona umuntu othile oyisicebi, owayenomphathi; yena wamangalelwa kuye ngokuthi uchitha impahla yakhe. 2Wambiza, wathi kuye: ‘Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.’

3“Wayesethi umphathi phakathi kwakhe: ‘Ngizakwenze njani, lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi? Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba. 4Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo, nxa ngikhishwa ebuphathini.’

5“Wababiza ngabanye abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na?’

6“Wathi: ‘Amabhati* ayikhulu amafutha.’

“Wayesethi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.’

7“Khona wathi komunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’

“Wathi: ‘Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni.’

“Wathi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.’

8“Inkosi yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenze ngokuhlakanipha, ngokuba abantwana balesi sikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya. 9Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona* ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.

10“Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu. 11Ngakho uma beningathembeki kokukaMamona* ongalungile, ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona na? 12Futhi uma beningathembeki kokomunye, ubani oyakuninika okungokwenu na?

13“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.*”

14AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela. 15Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.

16“Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo. 17Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho.

Ukuhlalisana kwabaganeneyo

(Math. 19:3; Mark. 10:1)

18“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga.

Isicebi noLazaru

19“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. 20Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, 21enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda.

22“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. 23SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. 24Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’

25“Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. 26Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’

27“Sase sithi: ‘Njalo ngiyakucela, baba, ukuba umthumele endlini kababa, 28ngokuba nginabafowethu abayisihlanu, ukuze afakaze kubo, bangezi nabo kule ndawo yobuhlungu.’

29“Kepha u-Abrahama wathi: ‘BanoMose nabaprofethi; mabezwe bona.’

30“Sathi-ke: ‘Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo, aye kubo, bayakuphenduka.’

31“Kepha wathi kuso: ‘Uma bengalaleli uMose nabaprofethi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.’ ”

NgokukaLuka 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 17

Izikhubekiso. Ukuthethelelana. Inkonzo

1Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! 2Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. 3Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele. 4Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”

5Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”

6Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.

7“Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: ‘Sondela masinyane, uhlale phansi, udle’? 8Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na? 9Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na? 10Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”

Ukuphulukiswa kwabanochoko abayishumi

11Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile. 12Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude, 13aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”

14Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.

15Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, 16yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.

17Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? 18Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?” 19Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”

Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu

20Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo. 21Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”

22Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona. 23Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli. 24Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo. 25Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.

26“Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. 27Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.

28“Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha; 29kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke; 30kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu. 31Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva. 32Khumbulani umkaLoti. 33Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza. 34Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 35Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe. 36Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”

37Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?”

Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”

NgokukaLuka 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaLuka 18

Umahluleli ongalungile

1Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali. 2Wathi: “Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki muntu. 3Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: ‘Ngizwele esitheni sami.’

4“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, 5nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ”

6Yayisithi iNkosi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. 7UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na? 8Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?”

UmFarisi nomthelisi ethempelini

9Wayesekhuluma kwabathile ababezethemba ukuthi balungile, bedelela abanye, ebalandisa lo mfanekiso ngokuthi: 10“Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi. 11UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi. 12Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.’

13“Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’

14“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”

Ukubusiswa kwabantwana

(Math. 19:13; Mark. 10:13)

15Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza. 16Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 17Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”

Insizwa enothileyo

(Math. 19:16; Mark. 10:17)

18Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

19Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 20Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”

21Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

22UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

23Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu. 24UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

26Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

27Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

Umvuzo wokuzidela

(Math. 19:27; Mark. 10:28)

28Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”

29Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu, 30ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”

UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe

(Math. 20:17; Mark. 10:32)

31Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. 32Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, 33bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”

34Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.

35Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. 36Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”

37Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”

38Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

39Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

40Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: 41“Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”

Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.”

42UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” 43Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.

NgokukaLuka 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU