Bible Society of South Africa

To The Word – Day 81

2 Samuel 11–15, Psalm 51 (optional: Psalm 3)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 11

Isono sikaDavide noBati Sheba

1Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

2Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka. 3UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?” 4UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya. 5Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”

6UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide. 7Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani. 8UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini. 9Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.

10UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”

11U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”

12Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo. 13Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.

14Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya. 15Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”

16Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla. 17Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.

18UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi; 19wasiyala isithunywa ngokuthi: “Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi, 20kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi, ithi kuwe: ‘Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na? 21Ngubani owabulala u-Abimeleki indodana kaJerubesheti na? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngembokodwe, wafa eThebesi, na? Nisondeleleni kangako ogangeni na?’ uthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.’ ”

22Sase sihamba isithunywa, safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe. 23Isithunywa sathi kuDavide: “Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango. 24Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.”

25UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le nto mayingabi mbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe;’ bese wumqunga isibindi.”

26Umka-Uriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe. 27Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.

2 uSamuweli 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 12

Ukuzisola nokujeziswa kukaDavide

1UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu. 2Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu, 3kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo.

4“Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.”

5Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa; 6uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.”

7UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule, 8ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho. 9Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni. 10Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’

11“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa. 12Ngokuba wena wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke naphambi kwelanga.’ ”

13UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.”

UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa. 14Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”

15UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu. 16UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. 17Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.

18Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye, akalalelanga izwi lethu; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.”

19Kepha uDavide ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana, uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe: “Usefile umntwana na?”

Zathi: “Ufile.”

20UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.

21Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.”

22Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na? 23Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”

Ukuzalwa kukaSolomoni

24UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda. 25Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.

Ukuchithwa kweRaba

26UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi. 27UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi. 28Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”

29UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha. 30Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu. 31Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

2 uSamuweli 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 13

Isono sika-Amnoni nokubulawa kwakhe

1Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

2U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.

3Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu. 4Wathi kuye: “Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na?”

Wathi u-Amnoni kuye: “Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.”

5Wayesethi uJonadaba kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: ‘Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.’ ”

6Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.”

7UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: “Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.” 8Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane. 9Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U-Amnoni wathi: “Khipha bonke abantu kimi.” Baphuma bonke kuye. 10Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo. 11Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”

12Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula. 13Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.” 14Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

15U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”

16Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela. 17Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: “Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.” 18Wayenengubo enemibala, ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo. Leyo nceku yayisimkhiphela phandle, yahluthulela emnyango emva kwakhe. 19UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.

20U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: “Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto.” UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.

21Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu. 22U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.

23Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi. 24U-Abisalomu waya enkosini, wathi: “Bheka, inceku yakho inabagundi; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.”

25Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.

26U-Abisalomu wayesethi: “Uma kunjalo, makahambe nathi umfowethu u-Amnoni.”

Inkosi yathi: “Uyakuhambelani nawe na?” 27U-Abisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba u-Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.

28U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.” 29Izinceku zika-Abisalomu zenza ku-Amnoni njengokuyala kuka-Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka, yileyo naleyo yakhwela umnyuzi* wayo, abaleka.

30Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide, lithi: “U-Abisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.” 31Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.

32UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: “Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari. 33Ngalokho inkosi yami, inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo.”

Ukubaleka kuka-Abisalomu

34Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.

35UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”

36Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.

37Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.

38Wabaleka-ke u-Abisalomu, waya eGeshuri, wahlala khona iminyaka emithathu. 39Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.

2 uSamuweli 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 14

Owesifazane waseThekhowa

1UJowabe indodana kaSeruya wayeseqonda ukuthi inhliziyo yenkosi iku-Abisalomu. 2UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi, 3ungene enkosini, ukhulume kuyo ngalendlela.” UJowabe wayesemfunza amazwi emlonyeni wakhe.

4Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini, wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Siza, nkosi.”

5Inkosi yathi kuye: “Unani na?”

Wathi: “Maye, ngingumfelokazi! Indoda yami seyafa. 6Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle, akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala. 7Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”

8Inkosi yayisithi kowesifazane: “Yiya endlini yakho; mina ngiyakuyaleza ngawe.”

9Owesifazane waseThekhowa wathi enkosini: “Nkosi yami, nkosi, icala malibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, inkosi nesihlalo sayo sobukhosi kube msulwa.”

10Yathi inkosi: “Oshoyo utho kuwe, mlethe kimi; akayikuphinda akuthinte.”

11Wayesethi yena: “Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami.”

Yathi: “Kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho.”

12Wayesethi owesifazane: “Incekukazi yakho mayikhulume izwi enkosini yami, inkosi.”

Yathi: “Khuluma.”

13Wathi-ke owesifazane: “Uqambeleni okunjalo ngabantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli zwi inkosi injengonecala, lokhu inkosi ingabuyisi oxoshiweyo wayo. 14Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.

15“Ngalokho-ke lokhu ngize ukukhuluma leli zwi enkosini yami, inkosi, kungokuba abantu bengesabisile; incekukazi yakho yayisithi: ‘Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakwenza izwi lencekukazi yayo. 16Ngokuba inkosi iyakuzwa, yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.’

17“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”

18Yayisiphendula inkosi, yathi kowesifazane: “Ake ungafihli lutho kimi engiyakulubuza mina kuwe.”

Wathi owesifazane: “Mayikhulume inkosi yami, inkosi.”

19Yathi-ke inkosi: “Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na?”

Owesifazane waphendula wathi: “Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami, inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho; 20uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu ukwazi konke okusemhlabeni.”

Ukubuya kuka-Abisalomu nokuthethelelwa kwakhe

21Inkosi yayisithi kuJowabe: “Bheka-ke, yenza lokhu: hamba ubuyise umfana u-Abisalomu.”

22UJowabe wawa phansi ngobuso, wakhuleka, wayibusisa inkosi; uJowabe wathi: “Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo.”

23Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wamletha u-Abisalomu eJerusalema. 24Inkosi yathi: “Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami.” Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi.

25Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. 26Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelokhu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka, lokhu izinwele zakhe zamsinda; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe, zalingana namashekeli* angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.

27U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.

28U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo, engabuboni ubuso benkosi. 29U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini, kepha akavumanga ukuza kuye; waphinda wathumela ngokwesibili, kepha akavumanga ukuza. 30Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali* khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.

31Wayesesuka uJowabe, waya ku-Abisalomu endlini yakhe, wathi kuye: “Izinceku zakho ziyithungeleleni insimu yami ngomlilo na?”

32U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”

33Wayeseya uJowabe enkosini, wayitshela; isimbizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo, ubuso bakhe bubheke phansi, phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.

2 uSamuweli 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 15

Ukwambuka kuka-Abisalomu

1Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe. 2U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.” 3Wathi u-Abisalomu kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile, kepha akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akuzwe.” 4U-Abisalomu wathi futhi: “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.”

5Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga. 6Wenze njalo u-Abisalomu kubo bonke abakwa-Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.

7Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni. 8Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase-Aramu sokuthi: ‘Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.’ ”

9Inkosi yathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wayesesuka, waya eHebroni.

10Kepha u-Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngokuthi: “Lapho nizwa ukukhala kwecilongo, anothi: ‘U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.’ ” 11Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci. 12U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.

Ukubaleka kukaDavide

13Kwafika umbiki kuDavide, wathi: “Izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli zilandela u-Abisalomu.”

14UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.”

15Izinceku zenkosi zathi enkosini: “Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu, inkosi bheka, nazi izinceku zakho.”

16Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu. 17Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti Hamerhaki. 18Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.

19Inkosi yayisithi ku-Ithayi umGiti: “Nawe uhambelani nathi na? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho. 20Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”

21U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”

22UDavide wathi ku-Ithayi: “Hamba, uwele.” U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.

23Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

24Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye, ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u-Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.

25Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo; 26kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”

27Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara. 28Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.” 29Ngalokho oSadoki no-Abiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona.

30UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala. 31Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”

32Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe. 33UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi; 34kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli. 35Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi. 36Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”

37UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.

2 uSamuweli 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 51

Umkhuleko wowonileyo ebika isono, ecela umusa kuNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide ekufikeni komprofethi uNathani kuye emva kokuya kwakhe kuBati Sheba.

1Ngihawukele, Nkulunkulu,

ngokomusa wakho;

yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

2Ngigezisise ebubini bami,

ungihlanze esonweni sami.

3Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;

isono sami siphambi kwami njalo.

4Ngonile kuwe wena wedwa,

ngakwenza okubi emehlweni akho,

ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,

uchache ekwahluleleni kwakho.

5Bheka, ngazalelwa ebubini,

umame wangithabatha esonweni.

6Bheka, uthanda iqiniso

ngaphakathi enhliziyweni;

wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

7Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;

ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.

8Ngizwise intokozo nenjabulo,

ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.

9Fihla ubuso bakho ezonweni zami,

wesule zonke izenzo zami ezimbi.

10Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,

uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

11Ungangilahli ebusweni bakho,

ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.

12Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho,

ungiphase ngomoya ovumayo.

13Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho;

nezoni ziyakuphendukela kuwe.

14Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu,

Nkulunkulu wensindiso yami.

Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.

15Nkosi, vula izindebe zami,

ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

16Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo;

noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa,

ubungayikuthokoza ngawo.

17Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;

inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,

Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

18Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho,

uzakhe izingange zaseJerusalema.

19Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke;

khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.

Ihubo 3

Ukukhala kohlushiweyo

Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe.

1Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.

Baningi abangivukelayo.

2Baningi abathi emphefumulweni wami:

“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*

3Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,

uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

4Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;

yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*

5Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;

ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu

abangihaqile nxazonke.

7Vuka, Jehova,

ungisindise, Nkulunkulu wami,

ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini,

amazinyo ababi uwaphulile.

8Insindiso ingekaJehova;

isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU