Bible Society of South Africa

To The Word – Day 80

2 Samuel 6–10, Psalms 20–21

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 6

Umphongolo uyiswa eJerusalema

1UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu. 2UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.* 3Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha. 4Bayikhipha-ke endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo; u-Ahiyo wahamba phambi komphongolo. 5UDavide kanye nendlu yonke ka-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi,* namahabhu,* nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.*

6Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela. 7Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.

8UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.

9UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?” 10Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti. 11Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.

12Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula. 13Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo. 14UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni. 15Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.

16Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.

17Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova. 18UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti. 19Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.

20UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”

21Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa-Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza. 22Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.”

23UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.

2 uSamuweli 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 7

UNkulunkulu akamvumeli uDavide ukwakha ithempeli

1Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke, 2inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”

3UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.”

4Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi:

5“Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na? 6Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.* 7Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa-Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u-Israyeli ukuthi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’

8“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli; 9nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni. 10Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala, 11kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu. 12Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo. 13Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade. 14Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu, 15kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. 16Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”

17Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.

Umkhuleko kaDavide

18UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na? 19Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.

20“UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova. 21Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho.

22“Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu. 23Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na? 24Wazimisela ukuba abantu bakho u-Israyeli babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.

25“Manje, Jehova Nkulunkulu, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo, liqinise kuze kube phakade, wenze njengokukhuluma kwakho. 26Malibe likhulu igama lakho kuze kube phakade ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli,’ indlu yenceku yakho uDavide imiswe ngaphambi kwakho.

27“Ngokuba wena Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu;’ ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe. 28Manje, Nkosi Jehova, wena unguNkulunkulu, namazwi akho ayiqiniso, uthembisile inceku yakho lokhu okuhle; 29ngalokho-ke mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba wena Nkosi, Jehova, ukukhulumile; ngesibusiso sakho mayibusiswe indlu yenceku yakho kuze kube phakade.”

2 uSamuweli 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 8

Ukunqoba kukaDavide amazwe.Izinduna zakhe

1Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.

2Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

3UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni. 4UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

5Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu. 6UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema. 8Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu.

9Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri, 10uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadadezeri, yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi.

11Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile: 12e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.

13UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe esebulele ama-Aramu ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili esiGodini sikaSawoti.

14Wamisa amakhanda kwa-Edomi; kulo lonke lakwa-Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

15UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 16UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana; 17uSadoki indodana ka-Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara babe ngabapristi; uSeraya wayengumbhali; 18uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.

2 uSamuweli 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 9

UDavide uphatha kahle uMefibosheti

1UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”

2Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: “UnguSiba na?”

Wathi: “Inceku yakho inguye.”

3Inkosi yayisithi: “Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?”

USiba wathi enkosini: “UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.”

4Yathi inkosi kuye: “Iphi na?”

USiba wathi enkosini: “Bheka, isendlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli eLo Debari.”

5Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari.

6UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: “Mefibosheti.”

Wathi: “Nansi inceku yakho.”

7UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”

8Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”

9Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule, yathi kuye: “Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikunike indodana yenkosi yakho. 10Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.

11USiba wathi enkosini: “Njengakho konke inkosi yami, inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho.” UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi.

12UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika. Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti. 13UMefibosheti wayesehlala eJerusalema, ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.

2 uSamuweli 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 10

Abakwa-Amoni badlala ngezigijimi zikaDavide.Bona nama-Aramu bachithwa nguDavide

1Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa-Amoni yafa, uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo. 2UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni. 3Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?” 4UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

5Lapho sebemtshela uDavide lokho, wathumela ukuzihlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

6Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.

7UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe. 8Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.

9Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu; 10abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni. 11Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakufika ngikusize. 12Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”

13UJowabe nabantu ababe naye base besondela ukuba balwe nama-Aramu; kepha abaleka phambi kwakhe. 14Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.

15Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, abuthana ndawonye. 16UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula;* afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo.

17UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye. 18Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho. 19Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.

2 uSamuweli 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 20

Abakwa-Israyeli bakhulekela inkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka;

igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.

2Makakuthumele usizo lwasendlini engcwele,

akusekele ngamandla aseSiyoni.

3Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa,

awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*

4Makakunike njengokwenhliziyo yakho,

afeze icebo lakho lonke.

5Siyahalalisa ngensindiso yakho,

siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu;

uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.

6Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova uyamsindisa ogcotshiweyo wakhe:

esezulwini lakhe elingcwele uyamphendula

ngamandla okusindisa esandla sakhe sokunene.

7Abanye izinqola, abanye amahhashi,

kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

8Bayathoba, bawe;

kepha thina siyavuka, sime.

9Sindisa, Jehova!

INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.

Ihubo 21

Abakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu ngokusinda kwenkosi yabo

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;

iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,

nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*

3Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;

wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4Yacela ukuphila kuwe,

wayinika khona,

izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;

udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

6Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;

uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,

nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;

esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9Uyakubenza babe njengesithando somlilo,

nxa ubonakalisa ubuso bakho;

uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,

umlilo uyakubaqeda.

10Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni

kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.

11Ngokuba babehlosa okubi,

baceba icebo;

kepha bayahluleka.

12Ngokuba uyakubafulathelisa;

ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.

13Mawuphakame, Jehova,

emandleni akho;

thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU