Bible Society of South Africa

To The Word – Day 82

2 Samuel 16–18, Psalms 4–5 & 7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 16

OSiba noMefibosheti

1UDavide esedlulile kancane isiqongo sentaba, bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo, zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

2Inkosi yathi kuSiba: “Uthini ngalezi zinto na?”

Wathi uSiba: “Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi, izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.”

3Yayisithi inkosi: “Iphi indodana yenkosi yakho na?”

USiba wathi enkosini: “Bheka, ihlezi eJerusalema, ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”

4Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.”

Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”

UDavide uthukwa nguShimeyi

5Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka. 6Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo. 7UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe, wathi: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi! 8UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”

9U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”

10Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

11UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye. 12Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”

13UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye, wahamba ethuka, wamphonsa ngamatshe, wamthela ngothuli.

OHushayi no-Ahithofeli

14Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.

15U-Abisalomu nabantu bonke, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo. 16Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.”

17U-Abisalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukuthembeka kwakho kumngane wakho na? Awuhambanga ngani nomngane wakho na?”

18Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: “Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe, ngihlale naye. 19Futhi ngikhonze bani na? Kungabi phambi kwendodana yakhe na? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo, kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.”

20Wayesethi u-Abisalomu ku-Ahithofeli: “Sipheni isiluleko sokuthi siyakwenze njani.”

21Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.” 22Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

23Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.

2 uSamuweli 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 17

Isiluleko sesibili sika-Ahithofeli

1U-Ahithofeli wathi futhi ku-Abisalomu: “Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku, 2ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela, 3ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.” 4Leli zwi lamjabulisa u-Abisalomu nawo onke amalunga akwa-Israyeli.

5Wayesethi u-Abisalomu: “Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.” 6UHushayi esefikile ku-Abisalomu, u-Abisalomu wakhuluma kuye, wathi: “U-Ahithofeli ukhulume kanjalo; siyakwenza njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, khuluma wena.”

7UHushayi wathi ku-Abisalomu: “Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.” 8Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu. 9Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’ 10naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.

11“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini. 12Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona, simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa. 13Noma engena emzini, wonke u-Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.”

14U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.

15UHushayi wayesethi kuSadoki naku-Abiyathara abapristi: “U-Ahithofeli weluleka u-Abisalomu namalunga akwa-Israyeli kanje nakanje; mina ngeluleke kanje nakanje. 16Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ”

17OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini. 18Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona. 19Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa lutho.

20Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?”

Owesifazane wathi kuzo: “Bawuwele umfudlana.” Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.

21Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide, bathi kuDavide: “Sukani, nisheshe niwele amanzi, ngokuba u-Ahithofeli weluleke kanjalo ngani.” 22UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.

23Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

UDavide useMahanayimi

24UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye. 25U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe. 26O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.

27Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi 28baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali,* nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa, 29nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”

2 uSamuweli 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 18

Impi kaDavide no-Abisalomu

1UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu. 2UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”

3Kepha abantu bathi: “Awuyikuphuma, ngokuba uma sibaleka, abayikusinakekela; noma kufa inxenye yethu, abayikusikhathalela, kepha wena unjengezinkulungwane eziyishumi zethu; ngalokho kuhle ukuba usisize usemzini.”

4Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane. 5Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.

6Base bephumela endle ukulwa no-Israyeli, kwaliwa ehlathini lakwa-Efrayimi. 7Abantu bakwa-Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide, kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku, abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili. 8Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.

Ukufa kuka-Abisalomu nokukhala kukaDavide

9U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide. U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi* wakhe, umnyuzi wangena phansi kwehlozi le-oki,* ikhanda lakhe labambelela e-okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.

10Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*

11UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo: “Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona, awele phansi, na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.”*

12Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’ 13Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”

14Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.* 15Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.

16UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu. 17Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

18U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.

19U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.”

20UJowabe wathi kuye: “Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla, kepha uyakubika ngolunye usuku; namuhla awuyikubika lutho, ngokuba indodana yenkosi ifile.”

21Wayesethi uJowabe kumKushe: “Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo.” UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.

22U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe: “Noma kanjani, ake ngigijime nami, ngimlandele umKushe.”

Kepha uJowabe wathi: “Uyakugijimelani wena mntanami, lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe, na?”

23Wathi: “Noma kanjani, ake ngigijime.”

Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.

24UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa. 25Umlindi wamemeza, wayitshela inkosi. Yathi inkosi: “Uma eyedwa, unombiko emlonyeni wakhe.” Wayelokhu esondela njalo.

26Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima; umlindi wabiza umlindisango, wathi: “Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa.”

Inkosi yathi: “Naye uletha umbiko.”

27Umlindi wayesethi: “Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka-Ahimahasi indodana kaSadoki.”

Yathi inkosi: “Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.”

28Wayesememeza u-Ahimahasi, wathi enkosini: “Bayede!” Wakhothama phambi kwenkosi ebhekise phansi ubuso bakhe, wathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho, onikele abantu abaphakamisela isandla sabo enkosini yami, inkosi.”

29Inkosi yathi: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?”

U-Ahimahasi wathi: “Ngabona isixuku sabantu, lapho uJowabe inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.”

30Inkosi yathi: “Gudluka, ume lapho.” Wagudluka, wema.

31Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: “Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.”

32Inkosi yathi kumKushe: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?”

UmKushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.”

33Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”

2 uSamuweli 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 4

Umkhuleko womethemba uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo likaDavide.

1Ngiphendule ekukhaleni kwami,

Nkulunkulu wokulunga kwami.

Ekucindezelweni wangenzela indawo;

yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.

2Madodana abantu,

koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na?

Koze kube nini nithanda okuyize,

nifuna amanga, na? Sela*

3Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo;

uJehova uyezwa lapha ngikhala kuye.

4Thukuthelani ningoni;

zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu,

nithule. Sela*

5Nikelani iminikelo yokulunga,

nethembe uJehova.

6Baningi abathi:

“Ngubani oyakusibonisa okuhle na?”

Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.

7Ubeke injabulo enhliziyweni yami

edlula eyamabele abo newayini labo sekuvamile.

8Ngizakucambalala ngokuthula,

ngilale ubuthongo,

ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

Ihubo 5

Umkhuleko wocela ukuvikelwa kwababi

Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti.* Ihubo likaDavide.

1Yizwa amazwi ami, Jehova,

uqaphele ukuzindla kwami.

2Yizwa izwi lokukhala kwami,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami,

ngokuba ngithandaza kuwe.

3Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;

ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi;

omubi akanakuhlala kuwe.

5Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho;

uyabazonda bonke abenza okubi.

6Uyabhubhisa abakhuluma amanga;

uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.

7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho

ngobuningi bomusa wakho,

ngikhothame ngokukuhlonipha,

ngibhekene nendawo yakho engcwele.

8Jehova, ngihole ngokulunga kwakho

ngenxa yezitha zami,

ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.

9Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo;

izibilini zabo zingukonakala:

umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo;

bayathopha ngolimi lwabo.

10Balahle ngecala, Nkulunkulu.

Mabawe ngenxa yamacebo abo,

ubawise ngobuningi beziphambeko zabo,

ngokuba bahlubukile kuwe.

11Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe,

bahalalise kuze kube phakade,

abathanda igama lakho bethabela kuwe.

12Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;

umphahla ngomusa njengesihlangu.

Ihubo 7

Ukunxusa uJehova ukuba avikele abazingelwayo

IShigayoni* likaDavide alihubela uJehova ngenxa yamazwi kaKushe wakwaBenjamini.

1Jehova, Nkulunkulu wami,

ngiyaphephela kuwe;

2ngisindise kubo bonke abangizingelayo,

ungikhulule,

bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama

eklebhula, kungekho okhululayo.

3Jehova Nkulunkulu wami,

uma ngikwenzile lokho,

uma kukhona okubi ezandleni zami,

4uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula,

ngaphanga isitha sami kungekho sici,

5isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice,

sikunyathele phansi ukuphila kwami,

nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

6Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho,

uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele;

ngokuba uyalezile ukwahlulela.

7Umhlangano wezizwe mawukuphahle,

ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

8UJehova uyahlulela izizwe;

ngahlulele, Jehova,

ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.

9Makuphele ukonakala kwababi,

kepha olungileyo mawumqinise.

Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso,

Nkulunkulu olungileyo.

10Isihlangu sami sikuNkulunkulu

osindisa abaqotho ngenhliziyo.

11UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo;

unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.

12Uma umuntu engaphenduki,

uyakulola inkemba yakhe,

ansale umnsalo wakhe, awulungisele,

13izikhali zokubulala azibhekisele kuye;

imicibisholo uyenza ishise.

14Unemihelo ngobubi;

ukhulelwe ngukona, uzala amanga.

15Umgodi uwumba, uwugubha,

kepha ukhalakathela egebeni alenzileyo.

16Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe;

ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.

17Ngizakumbonga uJehova ngokokulunga kwakhe,

ngihubele igama likaJehova oPhezukonke.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU