Bible Society of South Africa

To The Word – Day 42

Numbers 32–36, 1 Corinthians 11

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 32

Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yesakwaManase zithola ifa lezwe ngasempumalanga

1Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo, 2abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi: 3“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni, 4izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.” 5Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”

6UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na? 7Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na? 8Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe. 9Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona. 10Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi: 11‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo, 12ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’ 13Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

14“Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli. 15Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”

16Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi; 17kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni. 18Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo. 19Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”

20UMose wayesethi kubo: “Uma nenza lokhu, uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi, 21kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova, aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe, 22izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.

23“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana. 24Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”

25Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala. 26Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi, 27kepha izinceku zakho ziyakuwela, kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa, phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.”

28UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo. 29UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo; 30kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”

31Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo. 32Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”

33UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

34Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri, 35ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha, 36neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu. 37Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi, 38neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

39Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo. 40UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo. 41UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire. 42UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo, walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.

UNumeri 32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 33

Izindawo zokumisa ekuhambeni kuka-Israyeli, kusukela eGibithe kuze kufike eKhanani

1Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni. 2UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.

3Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe, 4abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.

5Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamesesi, bamisa eSukoti.

6Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.

7Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.

8Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.

9Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.

10Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.

11Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.

12Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.

13Basuka eDofika, bamisa e-Alushi.

14Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.

15Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.

16Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa.

17Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti.

18Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.

19Basuka eRitima, bamisa eRimoni Pheresi.

20Basuka eRimoni Pheresi, bamisa eLibina.

21Basuka eLibina, bamisa eRisa.

22Basuka eRisa, bamisa eKehelatha.

23Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi.

24Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada.

25Basuka eHarada, bamisa eMakeloti.

26Basuka eMakeloti, bamisa eTahati.

27Basuka eTahati, bamisa eThera.

28Basuka eThera, bamisa eMitika.

29Basuka eMitika, bamisa eHashimona.

30Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti.

31Basuka eMoseroti, bamisa eBene Jahakani.

32Basuka eBene Jahakani, bamisa eHori Hagidigadi.

33Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata.

34Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona.

35Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.

36Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.

37Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi. 38U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga. 39U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.

40UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.

41Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.

42Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.

43Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.

44Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.

45Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboni Gadi.

46Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.

47Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.

48Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

49Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.

50UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi: 51“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani, 52niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo, 53nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle. 54Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.

55“ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo. 56Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”

UNumeri 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 34

Ukunqunywa kwemikhawulo yezwe

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo – 3uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, 4umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni, 5umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.

6“ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.

7“ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori; 8kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi, 9andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.

10“ ‘Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu; 11umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, 12umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”

13UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, 14ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo; 15lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”

Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17“Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni. 18Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

    20Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
    21Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.
    22Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
    23Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.
    24Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
    25Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.
    26Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
    27Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.
    28Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”

29Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.

UNumeri 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 35

Imizi engamashumi amane nesishiyagalombili yamaLevi

1UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi kulo izwe eliyifa labo imizi ukuba ahlale kuyo; niyakunika amaLevi namadlelo emizi nxazonke. 3Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo.

4“Amadlelo emizi eniyakunika wona amaLevi ayakusuka ogangeni lomuzi izingalo eziyinkulungwane nxazonke. 5Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho, umuzi ube phakathi. Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.

6“Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili. 7Yonke imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba ngamashumi amane nesishiyagalombili, yona kanye namadlelo ayo. 8Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”

9UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 10“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani, 11niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona. 12Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe. 13Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela. 14Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela. 15Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

Imithetho yababulali

16“ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa. 17Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa. 18Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa. 19Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala. 20Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe, 21noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.

22“ ‘Kepha uma emgqula engazelele kungengabutha, noma emphonsa ngento engamqamekelanga, 23noma ngetshe umuntu angafa ngalo, engamboni, amphonse ngalo aze afe, engeyiso isitha sakhe, ebengafuni futhi ukumona, 24khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo; 25inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.

26“ ‘Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona, 27umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi, 28ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.

29“ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.

30“ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.

31“ ‘Futhi aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala, kodwa wobulawa nokubulawa.

32“ ‘Aniyikuthatha ihlawulo lobalekele emzini wakhe wokuphephela ukuba abuye ahlale ezweni, engakafi umpristi.

33“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile. 34Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”

UNumeri 35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 36

Ukugana kwamadodakazi kaSelofehadi

1Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase, abemindeni yamadodana kaJosefa, zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli, 2zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe. 3Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu. 4Lapho liyakuba khona ijubili* labantwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso, ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba.

5UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli njengezwi likaJehova, wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle. 6Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi, ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo, kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise. 7Ifa labantwana bakwa-Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayakunamathela, kube yilowo nalowo efeni lesizwe sawoyise. 8Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa-Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise, ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise. 9Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso.

10Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi, 11ngokuba oMahela, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi. 12Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa, nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise.

13Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

UNumeri 36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 11

Isambatho sowesifazane enkonzweni

1Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.

2Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.

3Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu. 4Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo. 5Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile. 6Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele. 7Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda. 8Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. 9Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda. 10Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.

11Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, 12ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu. 13Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na? 14Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo, 15nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo. 16Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.

Indlela yokuphatha isidlo seNkosi

17Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi. 18Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho. 19Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale. 20Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho; 21ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe. 22Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.

23Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, 24wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” 25Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.” 26Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

27Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi. 28Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha. 29Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. 30Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele. 31Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa. 32Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.

33Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana. 34Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.

1 kwabaseKorinte 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU