Bible Society of South Africa

To The Word – Day 43

1 Corinthians 12–16, Psalm 44

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 12

Iziphiwo zikaMoya ezahlukeneyo nokuphathwa kwazo

1Kepha maqondana neziphiwo zokomoya angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi. 2Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo. 3Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.

4Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. 5Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. 6Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.

7Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. 8Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, 9omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, 10omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. 11Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

12Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. 13Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

14Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. 15Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. 16Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. 17Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? 18Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. 19Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? 20Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye.

21Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” 22Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka; 23nalezo zitho zomzimba ezingathi zidelelekile kunezinye, yizona esizazisa kakhulu; nalezo esinamahloni ngazo zihlonipheka kakhulu. 24Kanti lezo ezinesimo esihle azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu, 25ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo. 26Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.

27Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye. 28UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. 29Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? 30Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? 31Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu.

Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

1 kwabaseKorinte 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 13

Ukudunyiswa kothando

1Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. 2Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. 3Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

4Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; 5aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; 6aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; 7lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.

8Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka. 9Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye. 10Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka. 11Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana. 12Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele, njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele. 13Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

1 kwabaseKorinte 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 14

Isiphiwo sokuprofetha sidlula esokukhuluma ngezilimi

1Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe. 2Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya. 3Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi. 4Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla. 5Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.

6Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na? 7Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu*, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na? 8Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na? 9Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni. 10Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile. 11Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi. 12Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.

13Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe. 14Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo. 15Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi. 16Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo? 17Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa.

18Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke; 19kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.

20Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo. 21Emthethweni kulotshiwe ukuthi:

“Ngabantu bezinye izilimi,

nangezindebe zabezinye izizwe

ngiyakukhuluma kulesi sizwe;

kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi.

22Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo. 23Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na? 24Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke; 25okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”

Indlela yokukhonza kwebandla

26Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. 27Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe; 28kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.

29Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole. 30Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala. 31Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke; 32imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi; 33ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele, 34abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho. 35Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.

36Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na? 37Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi. 38Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi.

39Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. 40Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.

1 kwabaseKorinte 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 15

Ukuvuka kwabafileyo

1Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, 2nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

3Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, 4nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, 5nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; 6emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele; 7emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke; 8ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.

9Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. 10Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi. 11Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.

12Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? 13Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu. 14Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. 15Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa. 16Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu. 17Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. 18Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. 19Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.

20Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. 21Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. 22Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. 23Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe, 24andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla. 25Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. 26Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa. 27Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe.

Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe. 28Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.

29Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na? 30Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na? 31Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke. 32Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa. 33Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. 34Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.

35Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?” 36Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga; 37futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye; 38kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe, yileyo naleyo mbewu owayo umzimba. 39Inyama yonke ayinhlobonye, kepha enye ngeyabantu, enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi. 40Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa. 41Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.

42Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; 43kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla. 44Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya. 45Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo. 46Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba ngokomoya. 47Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini. 48Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini. 49Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.

50Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli. 51Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, 52ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe. 53Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi. 54Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”

55“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na?

Kufa, luphi udosi lwakho na?”

56Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho. 57Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

58Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

1 kwabaseKorinte 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 16

Ukunikelelwa kwamakholwa

1Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. 2Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo. 3Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema; 4uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.

Ihlelo lokuhamba kukaPawulu

5Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya; 6kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona. 7Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma. 8Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste; 9ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nabamelene nami baningi.

10Kepha nxa kufika uThimothewu, anobheka ukuba ahlale kini engenalo uvalo, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami; 11ngakho makungabikho omdelelayo. Nize nimphelekezele endleleni ngokuthula ukuba eze kimi, ngokuba ngimbhekile kanye nabazalwane.

12Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepha kwakungesiyo intando yakhe neze ukuba eze manje; kodwa uyakuza nxa enethuba.

13Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla. 14Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.

15Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase-Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele 16ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka. 17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile obekusilele ngakini. 18Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.

Isigcino

19Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo. 20Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.

21Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.

22Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!

23Umusa weNkosi uJesu mawube nani.

24Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.

1 kwabaseKorinte 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 44

Umkhuleko wabahlulwe yizitha

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. IMaskili.*

1Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu,

okhokho besilandisa ngesenzo

owasenzayo emihleni yabo,

emihleni yasendulo.

2Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho,

kepha bona wabatshala;

wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.

3Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,

nengalo yabo ayibasindisanga;

kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,

nokukhanya kobuso bakho,

ngokuba wawubathanda.

4Wena Nkulunkulu uyinkosi yami;

yaleza ukusindiswa kukaJakobe.

5Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu;

ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.

6Ngokuba angiwethembi umnsalo wami,

nenkemba yami ayingisindisi;

7kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu,

wajabhisa abasizondayo.

8Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke;

igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*

9Nokho ususilahlile, wasijabhisa;

awusaphumi nezimpi zethu.

10Usihlehlisela emuva esitheni;

abasizondayo bayaziphangela.

11Usinikezele ukudliwa njengezimvu,

wasihlakaza phakathi kwabezizwe.

12Uthengisa ngesizwe sakho ngokuyize;

awuzuzi lutho ngokubiza ngaso.

13Usenza isihlamba kubakhelwane bethu,

inhlekiso nendumazo kwabasiphahlileyo.

14Usenza isaga kwabezizwe,

banikine ikhanda phakathi kwabantu.

15Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami,

namahloni amboza ubuso bami

16ngenxa yoklolodayo nojivazayo,

ngenxa yesitha nomphindiseli.

17Konke lokho kusehlele,

kodwa asikukhohlwanga wena;

asisaphulanga isivumelwano sakho.

18Inhliziyo yethu ayibuyelanga emuva;

izinyathelo zethu aziphambukanga endleleni yakho,

19uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe,

usimboze ngethunzi lokufa.

20Uma ngabe sikhohliwe igama likaNkulunkulu wethu,

sazelulela izandla zethu kunkulunkulu mumbe,

21uNkulunkulu ubengayikukuhlola na?

Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.

22Yebo, ngenxa yakho sibulawa usuku lonke,

siphathiswa okwezimvu zokuhlatshwa.

23Vuka, Nkosi! Ulaleleni na?

Vuka, ungasilahli njalonjalo.

24Ubufihlelani ubuso bakho,

ukhohlwe ukuhlupheka nokucindezelwa kwethu, na?

25Ngokuba umphefumulo wethu ukhothamele othulini;

umzimba wethu unamathele emhlabathini.

26Sukuma, usisize,

usihlenge ngenxa yomusa wakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU