Ukunqunywa kwemikhawulo yezwe
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo – 3uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, 4umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni, 5umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.
6“ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
7“ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori; 8kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi, 9andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.
10“ ‘Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu; 11umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, 12umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”
13UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, 14ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo; 15lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”
Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17“Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni. 18Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.
19“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.
20Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
21Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.
22Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
23Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.
24Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
25Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.
26Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
27Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.
28Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”
29Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.