Bible Society of South Africa

To The Word – Day 4

Genesis 8–11, John 6–7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 8

Ukuphela kukazamcolo

1UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla. 2Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela. 3Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha. 4Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. 5Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.

6Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile. 7Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni. 8Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. 9Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. 10Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. 11Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni. 12Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.

13Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile. 14Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.

15UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi: 16“Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. 17Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.”

18Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye. 19Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini.

Umnikelo kaNowa nesithembiso sikaJehova

20UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare. 21UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile. 22Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”

UGenesise 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 9

Isivumelwano sikaNkulunkulu noNowa

1UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba. 2Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu. 3Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.

4“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla. 5Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye. 6Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe. 7Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”

8UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi: 9“Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu, 10nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni. 11Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”

12UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade: 13ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. 14Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini. 15Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke. 16Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”

17UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”

18Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani. 19Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.

Amazwi kaNowa kumadodana akhe

20UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini. 21Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe. 22UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle. 23OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

24UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane. 25Wathi:

“Makaqalekiswe uKhanani,

abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”

26Wathi futhi:

“Ubusisiwe uJehova,

uNkulunkulu kaShemi,

uKhanani abe yisigqila sabo.

27UNkulunkulu amandise uJafete,

ahlale ematendeni kaShemi,

uKhanani abe yisigqila sabo.”

Ukufa kukaNowa

28Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu. 29Izinsuku zonke zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu.

UGenesise 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 10

Inzalo yamadodana kaNowa

1Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo. 2Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase. 3Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noRifate, noThogarma. 4Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi. 5Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo. 6Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani. 7Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.

8UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 9Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.” 10Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari. 11Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala, 12neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi, 14namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.

15UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, 16namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, 17namaHivi, nama-Arki, namaSini, 18nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.

19Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.

20Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.

21NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana. 22Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu. 23Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe. 24U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere. 25U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. 26UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJere, 27noHadoramu, no-Uzali, noDikila, 28no-Obale, no-Abimayele, noSheba, 29no-Ofiri, noHavila, noJababi; bonke laba babengamadodana kaJokothane. 30Ukwakha kwabo kwasukela eMesha kwaze kwafika ngaseSefare, intaba yasempumalanga.

31Laba babe ngamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo, emazweni awo nasezizweni zawo.

32Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.

UGenesise 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 11

Umbhoshongo waseBabele

1Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye. 2Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.

3Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo. 4Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”

5UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu. 6UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza. 7Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

8Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi. 9Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.

Inzalo kaShemi

10Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo. 11Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.

12U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela. 13Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

14UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere. 15Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

16U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege. 17Emva kokuzalwa kukaPhelege u-Ebere wahamba iminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

18UPhelege wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uRehu. 19Emva kokuzalwa kukaRehu uPhelege wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.

20URehu wahamba iminyaka engamashumi amathathu nambili, wazala uSerugi. 21Emva kokuzalwa kukaSerugi uRehu wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.

22USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori. 23Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.

24UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera. 25Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.

26UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.

27Lezi ziyizizukulwane zikaThera.

UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti. 28UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi. 29O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska. 30USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.

31UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

32Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.

UGenesise 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 6

UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu

(Math. 14:13; Mark. 6:30; Luk. 9:12)

1Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. 2Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. 3UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. 4Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.

5Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” 6Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.

7UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”

8Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: 9“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”

10UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu. 11UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.

12Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.” 13Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.

14Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” 15Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

UJesu uhamba phezu kolwandle

(Math. 14:22; Mark. 6:45)

16Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, 17bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. 18Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. 19Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. 20Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” 21Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.

Isinkwa sokuphila

22Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa, 23kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile; 24isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.

25Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”

26UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha. 27Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”

28Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”

29Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

30Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? 31Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”

32UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. 33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”

34Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.”

35UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. 36Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. 37Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. 38Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. 39Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. 40Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

41Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” 42Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”

43UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu. 44Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 45Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. 46Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. 47Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade. 48Mina ngiyisinkwa sokuphila. 49Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa. 50Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. 51Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”

52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”

53Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. 54Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. 56Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. 57Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami. 58Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.” 59Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.

60Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”

61Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na? 62Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na? 63NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila. 64Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.” 65Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”

Isivumo sikaPetru

66Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.

67Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”

68USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. 69Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

70UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.” 71Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.

NgokukaJohane 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 7

UJesu ukhuphukela eJerusalema ngomkhosi wamadokodo

1Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. 2Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. 3Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. 4Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” 5Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.

6Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. 7Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. 8Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” 9Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese. 11Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

12Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.” 13Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.

Imfundiso ngoMesiya

14Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. 15Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

16Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo. 17Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami. 18Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye. 19UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

20Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

21UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke. 22Ngokuba uMose uninikile ukusoka – kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho – niyamsoka umuntu nangesabatha. 23Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? 24Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

25Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na? 26Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na? 27Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”

28Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. 29Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

30Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. 31Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

32AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.

33Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo. 34Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.”

35Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na? 36Lizwi lini leli alishoyo lokuthi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani,’ nokuthi: ‘Lapho ngikhona, ningeze nina,’ na?”

Amanzi okuphila

37Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. 38Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.” 39Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.

40Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”

41Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na? 42Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?” 43Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini. 44Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.

Izikhonzi zifuna ukumbamba uJesu

45Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”

46Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”

47Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na? 48Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na? 49Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”

50Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo: 51“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”

52Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.” 53Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.

NgokukaJohane 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU