Bible Society of South Africa

To The Word – Day 3

Genesis 4–7, John 4–5

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 4

OKayini no-Abela

1U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” 2Waphinda wazala u-Abela umfowabo. U-Abela waba ngumalusi, uKayini waba ngumlimi. 3Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. 4Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. 5Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.

6UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? 7Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”

8UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.

9Wayesethi uJehova kuKayini: “Uphi umfowenu u-Abela na?”

Wathi: “Angazi; ngingumlindi womfowethu na?”

10Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini. 11Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho. 12Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”

13Khona wathi uKayini kuJehova: “Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale. 14Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”

15Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale. 16Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.

Inzalo kaKayini

17UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke. Wakha umuzi, wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe. 18U-Enoke wazala u-Irade; u-Irade wazala uMehujayele; uMehujayele wazala uMetushayele; uMetushayele wazala uLameka.

19ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila. 20U-Ada wazala uJabale; yena waba nguyise wabahlala ematendeni, befuya izinkomo. 21Igama lomfowabo lalinguJubale; yena waba nguyise wabo bonke ababetha ihabhu* nomtshingo. 22USila wazala uThubali Kayini; wayengumkhandi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi ezisikayo. Udadewabo kaThubali Kayini wayenguNahama.

23ULameka wathi kubo abafazi bakhe:

“Ada noSila, yizwani izwi lami;

nina bafazi bakaLameka,

lalelani ukusho kwami:

Bhekani, ngibulala umuntu

ngenxeba engilitholayo,

nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo.

24Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa,

kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa,

aphindwe kasikhombisa.”

25U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.” 26Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.

UGenesise 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 5

Inzalo kaSeti

1Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu. 2Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.

3U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti. 4Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi. 5Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.

6USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe. 7Emva kokuzalwa kuka-Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi. 8Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.

9U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani. 10Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi. 11Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

12UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele. 13Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi. 14Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.

15UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uJarede. 16Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi. 17Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

18UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke. 19Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi. 20Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.

21U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela. 22Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi. 23Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu. 24U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

25UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka. 26Emva kokuzalwa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala amadodana namadodakazi. 27Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.

28ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana. 29Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.” 30Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi. 31Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.

32UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.

UGenesise 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 6

Ukwanda kobubi babantu

1Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi, 2amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo. 3Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”

4Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.

5Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. 6Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe. 7UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.” 8Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.

9Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu. 10UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.

11Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu. 12UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.

Ukumenyezelwa kukazamcolo

13UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba. 14Yakha umkhumbi ngemithi yegofere,* wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.* 15Yikho lokhu ozakukwenza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu. 16Yenza ifasitele emkhunjini, uligcine ngaphezulu libe yingalo inye, ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu. 17Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa. 18Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. 19Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi. 20Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile. 21Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.”

22UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.

UGenesise 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 7

Ukufika kukazamcolo

1UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane. 2Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili, iduna nensikazi yalo, 3nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke. 4Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”

5UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.

6UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni. 7UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo. 8Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni 9kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa. 10Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni; 11ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka. 12Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

13Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo, 14bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko. 15Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila. 16Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.

17Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba. 18Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi. 19Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke. 20Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu, zaze zasitshekelwa izintaba. 21Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke; 22konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho, konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa. 23Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.

24Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.

UGenesise 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 4

UJesu ukhuluma nowesifazane waseSamariya

1Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane, 2ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe, 3yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.

4Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya. 5Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. 6Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

7Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.” 8Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.

9Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.

10UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”

11Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na? 12Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”

13Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; 14kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”

15Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”

16Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”

17Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.”

UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’ 18ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”

19Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena. 20Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

21UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema. 22Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda. 23Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. 24UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”

25Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”

26UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”

27Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”

28Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu: 29“Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?” 30Baphuma emzini, beza kuye.

31Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”

32Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”

33Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”

34UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe. 35Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa. 36Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. 37Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’ 38Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.”

39AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.” 40Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili. 41Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.

42Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”

43Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile. 44Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo. 45Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini.

Ukuphiliswa kwendodana yenduna yaseKapernawume

46UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. 47Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.

48Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”

49Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.”

50Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba. 51Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile. 52Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.”

53Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.

54Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.

NgokukaJohane 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 5

UJesu uphilisa isiguli eBethesda ngesabatha

1Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 2Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. 3Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. 4Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. 5Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. 6UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?”

7Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.”

8UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” 9Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku. 10Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”

11Wabaphendula wathi: “Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.’ ”

12Bambuza bathi: “Ngubani lowo muntu othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho uhambe,’ na?”

13Kepha ophilisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo.

14Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho.” 15Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

16Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. 17Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” 18Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.

UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu

19Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. 20Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale. 21Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. 22Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela 23ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise. Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo.

24“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni. 25Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila. 26Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo. 27Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.

28“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, 29abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa. 30Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.

31“Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile. 32Ngomunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.

33“Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso. 34Kepha mina angibamukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe. 35Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.

36“Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile. 37NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe. 38Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu, ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye. 39Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami. 40Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila.

41“Mina angamukeli udumo kubantu. 42Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu. 43Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena. 44Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

45“Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye. 46Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. 47Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?”

NgokukaJohane 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU