UJesu ukhuphukela eJerusalema ngomkhosi wamadokodo
1Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. 2Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. 3Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. 4Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” 5Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.
6Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. 7Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. 8Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” 9Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.
10Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese. 11Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”
12Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.” 13Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.
Imfundiso ngoMesiya
14Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. 15Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”
16Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo. 17Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami. 18Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye. 19UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”
20Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”
21UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke. 22Ngokuba uMose uninikile ukusoka – kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho – niyamsoka umuntu nangesabatha. 23Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? 24Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
25Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na? 26Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na? 27Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”
28Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. 29Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”
30Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. 31Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”
32AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.
33Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo. 34Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.”
35Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na? 36Lizwi lini leli alishoyo lokuthi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani,’ nokuthi: ‘Lapho ngikhona, ningeze nina,’ na?”
Amanzi okuphila
37Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. 38Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.” 39Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
40Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili.”
41Abanye bathi: “Lo unguKristu.” Kepha abanye bathi: “Kanti uKristu uvela eGalile na? 42Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?” 43Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini. 44Abanye-ke kubo babethanda ukumbamba; kepha akubangakho owambeka izandla.
Izikhonzi zifuna ukumbamba uJesu
45Zafika-ke izikhonzi kubapristi abakhulu nakubaFarisi. Bathi kuzo: “Animlethanga ngani na?”
46Izikhonzi zaphendula zathi: “Akuzange kukhulume muntu njengokuba kukhuluma lowo muntu.”
47Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na? 48Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na? 49Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.”
50Wayesethi kubo uNikodemu owake weza kuye engomunye wabo: 51“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”
52Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.” 53Base behamba, kwaba yilowo nalowo waya ekhaya.