Bible Society of South Africa

To The Word – Day 23

Exodus 39–40, 1 Peter 1–5

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 39

Izambatho zabapristi ziyathungwa

1Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele; bamenzela u-Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.

2Wayenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 3Balikhanda igolide laba ngongcwecwe, balisika izincingwana ukuba zalukwe nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, umsebenzi wengcweti. 4Bayenzela iziziba zamahlombe ezihlanganisiweyo; yahlanganiswa emaceleni omabili. 5Ibhande* elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo, lifana nokusetshenzwa kwayo, lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

6Balungisa amatshe amashohamu* ezungezwe yizisekelo zegolide, eqoshwe njengendandatho ngamagama amadodana ka-Israyeli. 7Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.

8Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 9Sasinezinhlangothi ezine ezilingeneyo; basenza isihlangu sesifuba siphindwe kabili; ubude baso babunjengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso babunjengokudazuluka kweminwe, siphindwe kabili. 10Bafaka kuso izinhla ezine zamatshe; uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi* lwaba luhla lokuqala; 11uhla lwesibili lwaba yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;* 12uhla lwesithathu lwaba yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;* 13uhla lwesine lwaba yikrisolithi,* neshohamu,* nejaspi;* ayezungeziwe yizisekelo zegolide lapho zifakwe khona. 14Amatshe ayeyishumi nambili njengamagama amadodana ka-Israyeli, njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo lalinegama lakhe kuzo izizwe eziyishumi nambili.

15Benza esihlangwini sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo. 16Benza izisekelo ezimbili zegolide namasongo amabili egolide; bawafaka amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu. 17Base befaka amaketanga omabili egolide athandelweyo emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. 18Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka ezisekelweni ezimbili, wazibeka ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe. 19Base bewenza amasongo amabili egolide, bawafaka emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi. 20Bawenza amasongo amabili egolide, bawafaka ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe. 21Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe, njengalokho uJehova emyalile uMose.

22Walenza ijazi lengubo yamahlombe ngokwalukiweyo, ngokuluhlaza lonke. 23Imbobo yejazi ngaphakathi kwalo yayinjengembobo yebhantshi lensimbi, inomphetho oyizungeza imbobo yalo ukuba lingadatshulwa. 24Benza emiphethweni yejazi amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu okuphothiweyo. 25Bazenza izikhencezo zegolide elicwengekileyo, bazifaka izikhencezo phakathi kwamapomegranati emiphethweni yejazi nxazonke phakathi kwamapomegranati, 26isikhencezo nepomegranati, isikhencezo nepomegranati emiphethweni yejazi nxazonke, ukuba kukhonzwe ngalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

27Base bebalukela u-Aroni namadodana akhe amabhantshi elineni elicolekileyo lomsebenzi owalukiweyo, 28nesigqoko selineni elicolekileyo, nezinye izigqoko ezinhle zelineni elicolekileyo, namabhulukwe elineni ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, 29nebhande* lelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nelokuluhlaza nelokububende nelokubomvu, umsebenzi womfeketshisi, njengalokho uJehova emyalile uMose.

30Benza ungcwecwe womqhele ongcwele ngegolide elicwengekileyo, babhala kuye umbhalo njengokuqoshwa kwendandatho wokuthi: “Wahlukaniselwe uJehova”. 31Babophela kuye intambo eluhlaza ukuba abekwe phezulu esigqokweni, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Izinto zetabernakele* ziyalethwa

32Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke. 33Baliletha itabernakele kuMose, itende nempahla yalo yonke, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, 34nesifulelo sezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi,* nesihenqo seveli, 35nomphongolo wobufakazi, nezinti zawo, nesihlalo somusa; 36itafula nezinto zonke zalo, nezinkwa zokubukwa; 37uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa, 38ne-altare legolide, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango wetende; 39i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezinto zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo; 40izilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, neveli lesango legceke, nezintambo zalo, nezikhonkwane zalo, nempahla yonke yenkonzo yetabernakele, netende lokuhlangana; 41izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.

42Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli wonke umsebenzi. 43UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.

U-Eksodusi 39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 40

Ukumiswa kwetabernakele* nokungcweliswa kwalo

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana. 3Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo. 4Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, ulungenise uthi lwezibani, ubeke izibani zalo. 5Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.

6“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana. 7Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. 8Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.

9“Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele. 10Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele. 11Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.

12“Ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. 13Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi. 14Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi, 15uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.” 16Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke.

17Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa. 18UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo. 19Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.

20Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. 21Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.

22Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. 23Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

24Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. 25Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

26Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. 27Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose. 28Walengisa iveli lomnyango wetabernakele.

29Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.

30Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza. 31OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. 32Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.

33Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.

34Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. 35UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

36Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. 37Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. 38Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.

U-Eksodusi 40ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 1

Isibingelelo

1UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya, 2bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.

UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, 4sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini; 5nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina; 6enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, 7ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; 8enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, 9namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

10Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, 11bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona; 12abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.

UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

13Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu. 14Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu, 15kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, 16ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

17Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini, 18nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, 19kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala; 20owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu 21enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

22Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo, 23senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, 24ngokuba,

“Yonke inyama injengotshani,

nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani;

utshani buyabuna,

nembali iyavuthuluka,

kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”

25Yilo leli zwi levangeli elashunyayelwa kinina.

1 kaPetru 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 2

Ukulangazelela ubisi oluhle lwezwi

1Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke; 2njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa, 3uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.

Ukwakhiwa kwendlu yokomoya

4Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, 5nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. 6Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi:

“Bhekani, ngibeka eSiyoni

itshe legumbi elikhethekile, liyigugu;

okholwa yilo

akasoze ajabhiswa.”

7Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi, 8netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo; 9kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; 10ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.

11Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, 12nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi

13Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu, 14nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle, 15ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula 16njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. 17Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.

18Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu. 19Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. 20Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. 21Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

22“Ongenzanga isono,

akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”

23owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; 24yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; 25ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 3

Ukuphathana kwabaganeneyo

1Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, 2ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni. 3Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, 4kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. 5Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo, 6njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo. 7Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

8Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka, 9ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

10“Ngokuba osuka ethanda ukuphila

nokubona izinsuku ezinhle,

makanqande ulimi lwakhe kokubi,

nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

11adede ebubini, enze okuhle,

afune ukuthula, akujonge,

12ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,

izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,

kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

13Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? 14Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, 15kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, 16kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. 17Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. 18Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, 19ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni 20abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; 21enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu 22okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

1 kaPetru 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 4

Ekuhluphekeni amakholwa mawabekezele, akhuleke, abonge uNkulunkulu

1Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, 2ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu. 3Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo. 4Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza; 5bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo. 6Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

7Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke; 8kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono; 9anongenisana ngenjabulo, ningakhononi, 10nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu; 11uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

12Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, 13kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba. 14Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu. 15Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye; 16kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama. 17Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na? 18Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

19Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.

1 kaPetru 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 5

Ngokuziphatha kwamalunga nokwabasha

1Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi: 2Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo, 3kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi; 4kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo. 5Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.

6Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, 7niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.

8Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; 9melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.

Isigcino

10Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele. 11Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

12NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.

13Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo, kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami. 14Bingelelanani ngokwanga kothando.

Ukuthula makube kini nonke enikuKristu.

1 kaPetru 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU