Ukuphathana kwabaganeneyo
1Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, 2ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni. 3Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, 4kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. 5Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo, 6njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo. 7Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni
8Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka, 9ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.
10“Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
11adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge,
12ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”
13Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? 14Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, 15kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, 16kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. 17Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. 18Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, 19ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni 20abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; 21enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu 22okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.