Bible Society of South Africa

To The Word – Day 22

Exodus 33–38

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 33

Ukudabuka kwabantu

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’ 2Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, 3uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”

4Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe. 5UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ” 6Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe.

Insika yefu

7UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu. 8Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni. 9Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose. 10Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. 11UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.

UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova

12UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’ 13Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”

14Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”

15Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha. 16Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”

17UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”

18Wayesethi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.”

19Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.” 20Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”

21UJehova wathi: “Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni. 22Kuyakuthi isadlula inkazimulo yami, ngiyakukufaka ofantwini lwedwala, ngikumboze ngesandla sami, ngize ngidlule. 23Besengisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kepha ubuso bami abuyikubonwa.”

U-Eksodusi 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 34

UMose ubuyela eSinayi.Izibhebhe ezintsha zamatshe

1UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo. 2Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba. 3Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”

4Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe. 5UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova. 6UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, 7ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”

8UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka. 9Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”

10Wayesethi: “Bheka, ngiyenza isivumelwano; phambi kwabantu bonke bakho ngiyakuzenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; bonke abantu okhona phakathi kwabo bayakuwubona umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyesabeka lokhu engikwenza kuwe. 11Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi. 12Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe. 13Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo, 14ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu, 15funa wenze isivumelwano nabakhileyo ezweni, baye baphinge nawonkulunkulu babo, bahlabele onkulunkulu babo, omunye akumeme, udle umhlatshelo wakhe, 16uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aye aphinge nawonkulunkulu babo, enze ukuba amadodana akho aye aphinge nawonkulunkulu babo.

17“Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.

18“Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba ngenyanga ka-Abibi waphuma eGibithe.

19“Konke okuvula isizalo kungokwami, nawo onke amaduna ezinkomo zakho, amazibulo ezinkomo nawezimvu. 20Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.

21“Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.

22“Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka. 23Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli. 24Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.

25“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.

26“Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.”

27UJehova wathi kuMose: “Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.” 28Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.

Inkazimulo yasebusweni bukaMose

29Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye. 30Bathi u-Aroni nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye. 31UMose wayesebabiza; u-Aroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela-ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo. 32Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.

33UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe. 34Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli lokho akuyalelweyo. 35Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.

U-Eksodusi 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 35

Umyalelo wesabatha

1UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. 2Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. 3Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”

Inkongozelo yetabernakele*

4UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi: 5Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi, 6nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, 7nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo, 8namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo, 9namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.

10“Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo: 11itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo; 12umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli; 13itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa; 14nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa; 15ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele; 16i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 17nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke, 18nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo, 19nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”

20Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose. 21Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele. 22Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova. 23Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha. 24Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha. 25Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo. 26Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi. 27Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba, 28namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo. 29Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.

Ababonisi bemisebenzi

30UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda; 31umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke 32ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, 33nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti. 34Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani. 35Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

U-Eksodusi 35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 36

Ukwakhiwa kwetabernakele*

1“OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”

2UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze. 3Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle. 4Bonke abahlakaniphileyo ababeyisebenza yonke imisebenzi yendlu engcwele beza, kwaba yilowo nalowo wavela emsebenzini wakhe owawusebenzayo, 5bathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”

6UMose wayeseyala, kwamenyezelwa ekamu,* kwathiwa: “Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele.” Base bevinjelwa abantu ukuletha. 7Okwase kwenziwe kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.

8Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo phakathi kwabo abasebenza umsebenzi benza itabernakele* ngezilenge eziyishumi, bazenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zinamakherubi,* umsebenzi wengcweti. 9Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, nobubanzi besilenge babuyizingalo ezine; zonke izilenge zazinesilinganiso sinye. 10Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu esinye nesinye; wazihlanganisa nezinye izilenge eziyisihlanu esinye nesinye. 11Wazenza izihibe eziluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni ngasekuhlanganeni; wenze njalo naseceleni lesilenge sokugcina ngasekuhlanganeni kwesibili. 12Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge; wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili; izihibe zazibhekana. 13Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, wazihlanganisa izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, kwaba yitabernakele linye.

14Wazenza izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele; wazenza izilenge eziyishumi nanye. 15Ubude besilenge babuyizingalo ezingamashumi amathathu, nobubanzi bezilenge babuyizingalo ezine; izilenge eziyishumi nanye zazinesilinganiso sinye. 16Wahlanganisa izilenge eziyisihlanu zodwa, nezilenge eziyisithupha zodwa. 17Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili. 18Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itende libe linye. 19Wasenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo ngezikhumba zamatahasi* phezulu.

20Wawenza amapulangwe amiyo etabernakele ngomuthi womtholo. 21Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi, nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye. 22Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele. 23Wawenza amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothi lwaseningizimu olubheka ngaseningizimu. 24Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, ezemisuka yalo emibili. 25Uhlangothi lwesibili lwetabernakele ngasohlangothini lwasenyakatho walwenzela amapulangwe angamashumi amabili, 26nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe. 27Uhlangothi lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga walwenzela amapulangwe ayisithupha. 28Amapulangwe amabili wawenzela amagumbi etabernakele angasemuva. 29Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili. 30Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.

31Wayenza imishayo ngomuthi womtholo, yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, 32nemishayo eyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe etabernakele ohlangothini olungasemuva ngasentshonalanga. 33Wawenza umshayo waphakathi ukuba udabule phakathi kwamapulangwe, kusukela ekugcineni ngalapha kuze kufike ekugcineni ngalapha. 34Wanameka amapulangwe ngegolide, wawenza amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zezinti; wanameka nezinti ngegolide.

35Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi,* umsebenzi wengcweti. 36Wasenzela izinsika ezine zomtholo, wazinameka ngegolide; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva. 37Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, 38nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.

U-Eksodusi 36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 37

Umphongolo nesihlalo somusa

1UBesaleli wawenza umphongolo ngomuthi womtholo; ubude bawo babuyizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo babuyingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kwakuyingalo nenxenye. 2Wawunameka ngegolide elicwengekileyo ngaphakathi nangaphandle, wawenzela udini lwegolide nxazonke. 3Wawukhandela amasongo amane egolide ezinyaweni zawo zozine, amasongo amabili kolunye uhlangothi lwawo, namasongo amabili kolunye uhlangothi lwawo. 4Wazenza izinti zomuthi womtholo, wazinameka ngegolide. 5Wazifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba umphongolo uthwalwe ngazo.

6Wasenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo; ubude baso babuyizingalo ezimbili nenxenye, nobubanzi baso babuyingalo nenxenye. 7Wawenza amakherubi* amabili ngegolide, wawenza ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili, 8elinye ikherubi* ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha; wawenza amakherubi aba kunye nesihlalo somusa, ekugcineni kwaso ngalapha nangalapha. 9Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu, amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekana ngobuso; ubuso bamakherubi babheka isihlalo somusa.

Itafula

10Walenza itafula ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo ezimbili, nobubanzi balo babuyingalo, nokuphakama kwalo kwakuyingalo nenxenye. 11Walinameka ngegolide elicwengekileyo, walenzela udini lwegolide nxazonke. 12Walenzela usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, walwenzela usiko lwalo udini lwegolide nxazonke. 13Walukhandela amasongo amane egolide, wawafaka amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine. 14Amasongo ayengasodinini, izindawo zezinti zokuthwala itafula. 15Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo. 16Wayesenza ngegolide elicwengekileyo izitsha ezazisetafuleni, izingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezinkamba zalo, nezindebe zalo zokuthela.

Uthi lwezibani

17Walwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, walwenza uthi lwezibani ngomsebenzi okhandiweyo, isinqe salo nesiqu salo; izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo kwakukunye nalo. 18Kwakukhona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo namagatsha amathathu othi lwezibani kolunye uhlangothi lwalo. 19Izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; izimbizana ezintathu zafaniswa nezimbali zemi-alimondi* kwelinye igatsha, zinesumpa nembali; kwakunjalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani. 20Kwakukhona othini lwezibani izimbizana ezine ezifana nezimbali zemi-alimondi,* zinamasumpa azo nezimbali zazo, 21isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma kulo. 22Amasumpa alo namagatsha alo ayekunye nalo; konke okwalo kwakungumsebenzi munye okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

23Wazenza izibani zalo eziyisikhombisa nezizenze zalo nezitsha zalo zensizi ngegolide elicwengekileyo. 24Walwenza ngetalenta* legolide elicwengekileyo, nazo zonke izinto zalo.

I-altare lempepho

25Walenza i-altare lempepho ngomuthi womtholo; ubude balo babuyingalo, nobubanzi balo babuyingalo; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezimbili; izimpondo zalo zazikunye nalo. 26Walinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo; walenzela udini lwegolide nxazonke. 27Walenzela amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, ezinhlangothini zalo zombili, abe yizindawo zezinti zokulithwala. 28Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngegolide.

29Wawenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.

U-Eksodusi 37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 38

I-altare lomnikelo wokushiswa

1Walenza i-altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu. 2Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi. 3Wazenza zonke izinto ze-altare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi. 4Walenzela i-altare ihele lethusi elenziwe njengenetha phansi kosiko oluzungeza i-altare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu. 5Wakhanda amasongo amane amagumbi omane ehele lethusi, abe yizindawo zezinti. 6Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngethusi. 7Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini ze-altare ukuba lithwalwe ngazo; walenza ngamapulangwe laba yigobongo.

8Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Igceke

9Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu. 10Izinsika zazo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva. 11Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu, izinsika zazo zingamashumi amabili, nezinyawo zazo zingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

12Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zaziyishumi, nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva. 13Nangasempumalanga ngasohlangothini olungasempumalanga yizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 14Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. 15Kwaba njalo nakwelinye icele: ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. 16Zonke izilenge zegceke nxazonke zazingezelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 17Izinyawo zezinsika zaziyithusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.

18Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke. 19Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva. 20Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.

Imali yetabernakele* eyaqedwayo

21Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. 22UBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyale ngakho uMose. 23Wayeno-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani, umqophi nengcweti nomfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 24Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.

25Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, 26kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu. 27Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo. 28Ngamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu wenza izingwegwe zezinsika, wanameka izihloko zazo, wazenzela izibopho.

29Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta* angamashumi ayisikhombisa namashekeli* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane. 30Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare, 31nezinyawo zegceke nxazonke, nezinyawo zesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.

U-Eksodusi 38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU