Bible Society of South Africa

To The Word – Day 225

Psalms 128–129 & 131–134

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 128

Inhlanhla yekhaya lomuntu oqotho

Igama lokukhuphuka.

1Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,

abahamba ngezindlela zakhe.

2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;

uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,

abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,

bezungeza itafula lakho.

4Ngokuba bheka,

kanjalo iyakubusiswa indoda

emesabayo uJehova.

5UJehova makakubusise eseSiyoni;

uyakubona inhlanhla yaseJerusalema

zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6Uyakubona abantwana babantwana bakho.

Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.

Ihubo 129

Ubuthakathaka bezitha zeSiyoni

Igama lokukhuphuka.

1Bangihluphile kaningi kwasebusheni bami,

makasho njalo u-Israyeli.

2Bangihluphile kakhulu,

nokho abangahlulanga.

3Abalimi balima emhlane wami,

benza ibe mide imisele yabo.

4UJehova ulungile;

unqumile izintambo zababi.

5Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva

bonke abazonda iSiyoni.

6Mababe njengotshani ophahleni,

obubuna bungakakhuli.

7Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe,

nobopha izinyanda izingalo zakhe.

8Abadlulayo abasho ukuthi:

“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu;

siyanibusisa egameni likaJehova.”

Ihubo 131

Ukuzithobela uJehova

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali,

amehlo ami awaziphakamisi;

angingeni ezindabeni ezinkulu

nasezintweni ezingahlulayo.

2Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami;

njengomntwana olunyuliweyo kunina,

njengolumulekileyo,

unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.

3Israyeli, yethemba uJehova

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Ihubo 132

Isithembiso sikaDavide kuJehova nesithembiso sikaJehova kuDavide

Igama lokukhuphuka.

1Jehova,

mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe

2ukuthi wafunga kuJehova,

wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:

3“Angiyikungena etendeni lendlu yami;

angiyikwenyukela embhedeni wami;

4angiyikunika amehlo ami ubuthongo,

nezinkophe zami ukozela

5ngingakatholeli uJehova indawo,

indlu yonguMninimandla kaJakobe.”

6Bheka, sizwile ngakho e-Efratha,

sakufumana ezweni laseJari.

7“Masingene endlini yakhe,

sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.

8Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho,

wena nomphongolo wamandla akho.

9Abapristi bakho mabembeswe ukulunga,

abangcwele bakho bethabe.”

10Ngenxa yenceku yakho uDavide

mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.

11UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,

akabuyi kukho, ethi:

“Owenzalo yomzimba wakho

ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.

12Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami

nobufakazi bami engiyakubafundisa bona,

khona abantwana babo bayakuhlala

esihlalweni sakho kuze kube phakade.”

13Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;

ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:

14“Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;

lapha ngiyakuhlala khona,

ngokuba ngiyifunile.

15Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;

abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

16Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;

abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.

17“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,

ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.

18Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,

kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”

Ihubo 133

Isibusiso esisekuhlanganeni kwabazalwane

Igama lokukhuphuka. ElikaDavide.

1Bheka, kuhle, kumnandi kangaka

ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

2Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini,

isilevu sika-Aroni,

ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.

3Kufana namazolo aseHermoni

ehlela ezintabeni zaseSiyoni.

Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso,

yebo, ukuphila kuze kube phakade.

Ihubo 134

Isibusiso sikaJehova phezu kwabambongayo uJehova

Igama lokukhuphuka.

1Bhekani, nibonge uJehova

nina nonke zinceku zikaJehova

enimi endlini kaJehova ebusuku.

2Phakamiselani izandla zenu endlini engcwele,

nimbonge uJehova.

3UJehova makakubusise eseSiyoni,

yena owenzile izulu nomhlaba.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU