Bible Society of South Africa

To The Word – Day 226

Psalms 135–137

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 135

Indumiso kuJehova ngezimangaliso zakhe

1Haleluya!

Dumisani igama likaJehova;

mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2enimi endlini kaJehova

emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3Dumisani uJehova,

ngokuba uJehova muhle;

hubelani igama lakhe,

ngokuba limnandi.

4Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,

no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu

nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6Konke uJehova akuthandayo uyakwenza

ezulwini nasemhlabeni,

emanzini nasezinzulwini zonke.

7Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,

wenza imibani kube yimvula;

ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8Washaya amazibulo aseGibithe,

awabantu kanye nawezilwane.

9Wathuma izibonakaliso nezimangaliso

phakathi kwakho, Gibithe,

phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10Washaya izizwe ezinkulu,

wabulala amakhosi anamandla:

11uSihoni inkosi yama-Amori,

no-Ogi inkosi yaseBashani,

nemibuso yonke yaseKhanani.

12Wanika izwe labo laba yifa,

laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13Jehova, igama lakho limi phakade;

isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,

ahawukele izinceku zakhe.

15Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17Izindlebe zinazo, kepha azizwa,

nomoya awukho emlonyeni wazo.

18Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

19Wena ndlu ka-Israyeli,

mbonge uJehova;

wena ndlu ka-Aroni,

mbonge uJehova.

20Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;

nina enimesabayo uJehova,

mbongeni uJehova.

21UJehova makabongwe eSiyoni,

yena owakhe eJerusalema.

Haleluya!

Ihubo 136

Ukubonga uJehova ngezimangaliso zakhe nomusa wakhe ongunaphakade

1Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

3Bongani iNkosi yamakhosi,

ngokuba umusa wayo umi phakade;

4yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

5owenzile izulu ngokuhlakanipha,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6owendlala umhlaba phezu kwamanzi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

7owenza izinkanyiso ezinkulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

8ilanga ukuba libuse emini,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

9inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10owalishaya iGibithe, amazibulo alo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

15owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16owahola abantu bakhe ehlane,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17owashaya amakhosi amakhulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

18owabulala amakhosi adumileyo,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

19uSihoni inkosi yama-Amori,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

20no-Ogi inkosi yaseBashani,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21owanika izwe labo laba yifa,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

23owasikhumbula sisephansi,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

24owasikhulula ezitheni zethu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade;

25onika inyama yonke ukudla,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26Bongani uNkulunkulu wezulu,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Ihubo 137

Ngasemifuleni yaseBabele

1Ngasemifuleni yaseBabele

sahlala khona, sakhala,

lapho sikhumbula iSiyoni.

2Amahabhu* ethu sawaphanyeka

eminyezaneni ephakathi kwalo.

3Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama,

nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi:

“Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

4Siyakuhlabelela kanjani ihubo likaJehova

kwelinye izwe na?

5Uma ngikhohlwa wena Jerusalema,

masizikhohlwe isandla sami sokunene.

6Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami,

uma ngingakukhumbuli,

uma ngingaphakamisi iJerusalema

phezu kwentokozo yami enkulu.

7Khumbula, Jehova,

usuku lweJerusalema,

ngenxa yabantwana bakwa-Edomi

abathi: “Dilizani, dilizani,

kuze kube sesisekelweni salo.”

8Ndodakazi yaseBabele,

wena oyakubhujiswa,

ubusisiwe oyakuphindisela kuwe

izenzo zakho owazenza kithina.

9Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho,

abaphahlaze edwaleni.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU