Bible Society of South Africa

To The Word – Day 21

Exodus 26–32

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 26

Itabernakele*

1“Wolenza itabernakele* ngezilenge eziyishumi; zona wozenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zibe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti. 2Ubude besilenge sinye bube yizingalo ezingamashumi amabili nesishiyagalombili, ububanzi baso bube yizingalo ezine, zonke izilenge zilingane. 3Izilenge eziyisihlanu ziyakuhlanganiswa esinye nesinye, nezinye izilenge eziyisihlanu zihlanganiswe esinye nesinye. 4Wozenza izihibe ngokuluhlaza eceleni lesinye isilenge emphethweni wasekuhlanganeni, wenze njalo eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni kwesibili. 5Uyakwenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge, wenze futhi izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili, ukuze izihibe zibhekane. 6Wenze izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zegolide, uhlanganise izilenge esinye nesinye ngezinkibaniso, itabernakele libe linye.

7“Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele, uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye. 8Ubude bezilenge bube yizingalo ezingamashumi amathathu, ububanzi bezilenge bube yizingalo ezine, lezi zilenge eziyishumi nanye zilingane. 9Wohlanganisa izilenge eziyisihlanu ngokwazo, nezilenge eziyisithupha ngokwazo, isilenge sesithupha siphindwe phambi kwetende. 10Wenze izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esinye esokugcina sasekuhlanganeni, nezihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni kwesibili. 11Wenze izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi, uzifake izinkibaniso ezihibeni, uhlanganise itende, libe linye. 12Okudluleleyo kwezilenge zetende, okuseleyo, inxenye yesilenge esiseleyo, kuyakulenga emva kwetabernakele. 13Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kulokho okudluleleyo ebudeni bezilenge zetende azilenge emaceleni etabernakele ngalapha nangalapha ukulisibekela. 14Futhi uyakwenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo sezikhumba zamatahasi* ngaphezulu.

15“Uyakwenza amapulangwe etabernakele ngomuthi womtholo, amiswe. 16Ubude bamapulangwe bube yizingalo eziyishumi, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye. 17Akuthi yilelo nalelo pulangwe libe nemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele. 18Wenze amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothini lwaseningizimu, olubheka ngaseningizimu. 19Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, zibe ngezemisuka yalo yomibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, zibe ngezemisuka yalo yomibili, 20nasohlangothini lwesibili lwetabernakele, uhlangothi lwasenyakatho, amapulangwe angamashumi amabili, 21kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva, izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe. 22Ohlangothini lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga uyakwenza amapulangwe ayisithupha. 23Amapulangwe amabili uyakuwenzela amagumbi etabernakele angasemuva, 24aphindwe kabili phansi, nakanjalo aphelele aze afike phezulu esongweni lokuqala, kube njalo kuwo omabili, abengawamagumbi omabili. 25Kuyakuba ngamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe nezinyawo ezimbili phansi kwelinye.

26“Woyenza imishayo yomuthi womtholo, ibe yisihlanu, ibe ngeyamapulangwe akolunye uhlangothi lwetabernakele, 27nemishayo eyisihlanu yamapulangwe akolunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe asohlangothini lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga, 28umshayo waphakathi ophakathi kwamapulangwe udabule, uze ufinyelele nxazombili. 29Wonameka amapulangwe ngegolide, uwenze amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zemishayo, unameke nemishayo ngegolide.

30“Wolimisa itabernakele njengesifanekiso salo owaboniswa sona entabeni.

Isihenqo nomnyango

31“Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, libe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti, 32ulilengise ezinsikeni ezine zomtholo ezinamekwe ngegolide, izingwegwe zazo zibe yigolide, zime ezinyaweni ezine zesiliva. 33Uyakuphanyeka isihenqo phansi kwezinkibaniso, uwungenise umphongolo wobufakazi khona phakathi kwesihenqo, isihenqo sinahlukanisele indawo engcwele nendawo engcwelengcwele. 34Wosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo wobufakazi endaweni engcwelengcwele, 35ubeke itafula ngaphandle kwesihenqo, uthi lwezibani lubhekane netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu, ubeke itafula ohlangothini lwasenyakatho.

36“Uyakwenza iveli lomnyango wasetendeni ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi. 37Ulenzele iveli izinsika eziyisihlanu zomtholo, uzinameke ngegolide; izingwegwe zazo mazibe yigolide, uzikhandele izinyawo eziyisihlanu zethusi.

U-Eksodusi 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 27

I-altare leminikelo yokushiswa

1“Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu. 2Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi. 3Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi. 4Ulenzele ihele lethusi elenziwe njengenetha, wenze amasongo amane ethusi enetheni ngasemagumbini alo omane. 5Wolibeka ngaphansi, phansi kosiko oluzungeza i-altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu. 6Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi. 7Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa. 8Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.

Igceke letabernakele*

9“Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye; 10izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva. 11Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

12“Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi. 13Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 14Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu. 15Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

16“Koba khona iveli lesango legceke, libe yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe zine, nezinyawo zazo zibe zine. 17Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi. 18Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo, ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu, bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi. 19Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.

20“Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo. 21Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.

U-Eksodusi 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 28

Isambatho sika-Aroni nesamadodana akhe

1“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni. 2Umenzele u-Aroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa. 3Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi. 4Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi. 5Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.

6“Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube ngumsebenzi wengcweti. 7Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe. 8Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.

9“Wothatha amatshe amabili amashohamu,* uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli, 10amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo. 11Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide. 12Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo. 13Wozenza izisekelo zegolide, 14namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe njengamagoda, umsebenzi othandelweyo ezisekelweni.

15“Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. 16Masibe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo, siphindwe kabili; ubude baso bube njengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso bube njengokudazuluka kweminwe. 17Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube yizinhla ezine zamatshe: uhla lwesardiyu,* netopazi,* nerubi,* lube luhla lokuqala; 18uhla lwesibili lube yisimaragidu,* nesafire,* nedayimani;* 19uhla lwesithathu lube yihiyakinte,* ne-agathe,* ne-amethiste;* 20uhla lwesine lube yikrisolithe,* neshohamu,* nejaspi;* azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo. 21Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.

22“Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo. 23Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide, uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba. 24Wowafaka amaketanga omabili athandelweyo ngegolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba. 25Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe. 26Uyakuwenza amasongo amabili egolide, uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi. 27Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifeketshisiweyo lengubo yamahlombe. 28Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.

29“U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo. 30Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi,* ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.

31“Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke, 32kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa. 33Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke, 34kube yisikhencezo segolide nepomegranati,* isikhencezo segolide nepomegranati njalo emiphethweni yejazi nxazonke. 35U-Aroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala, nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova, nanxa ephuma, ukuze angafi.

36“Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: ‘Wahlukaniselwe uJehova’. 37Umfake ngentambo eluhlaza, abe sesigqokweni, abe ngaphambili esigqokweni. 38Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.

39“Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande,* ulifekethise. 40Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande,* uwenzele nezigqoko, kube ngezobukhosi nezokuhlobisa. 41Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

42“Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni; 43u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

U-Eksodusi 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 29

Imithetho yokumisa abapristi

1“Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici, 2nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni. 3Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili; 4usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. 5Wothabatha izambatho, ufake ku-Aroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande* elalukiweyo lengubo yamahlombe; 6ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni. 7Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe. 8Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi. 9Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.

10“Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi. 11Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. 12Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare. 13Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare. 14Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu;* kungumnikelo wesono.

15“Wothabatha inqama ibe nye; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama. 16Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke. 17Uyihlahlele inqama, uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo, ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo. 18Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.

19“Uthabathe enye inqama; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yayo. 20Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi. 21Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.

22“Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa; 23uthabathe isinkwa sibe sinye, neqebelengwane libe linye lesinkwa esinamafutha, nomqathane ube munye eqomeni lesinkwa esingenamvubelo eliphambi kukaJehova, 24ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova. 25Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova. 26Uyakuthabatha isifuba senqama yokwahlukaniselwa kuka-Aroni, usizulise, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, sibe yisabelo sakho.

27“Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe; 28kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.

29“Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona. 30Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.

31“Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele. 32U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana, 33badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele. 34Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.

35“Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa. 36Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe ngumnikelo wesono, ube ngowokubuyisana, uhlambulule i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise. 37Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.

Iminikelo eshiswa imihla yonke

38“Yilokhu oyakunikela ngakho e-altare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo. 39Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa. 40Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa. 41Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

42“Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe. 43Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwa-Israyeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.

44“Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi. 45Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo. 46Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.

U-Eksodusi 29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 30

Imithetho ye-altare lokushisa impepho

1“Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo. 2Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo. 3Wolinameka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, nezinhlangothi zalo nxazonke, nezimpondo zalo, ulenzele udini lwegolide nxazonke. 4Ulenzele amasongo amabili egolide phansi kodini lwalo nxazombili, uwenze ezinhlangothini zombili zalo, abe yizindawo zezinti zokulithwala. 5Wenze izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide. 6Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.

7“U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa. 8Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu. 9Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo. 10U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”

Imali yokubuyisana

11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12“Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala. 13Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova. 14Yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo, abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, uyakunikela ngomnikelo kuJehova. 15Ocebileyo akayikunika kakhulu, ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu. 16Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”

17UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 18“Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. 19U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. 20Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova; 21mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”

Amafutha angcwele okugcoba

22UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi: 23“Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, 24nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo. 25Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba. 26Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi, 27netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho, 28ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo. 29Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.

30“Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi. 31Ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Lokhu kuyakuba kimi amafutha angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu. 32Mawangathelwa emzimbeni womuntu, ningawenzi afana nawo njengokuthakwa kwawo; angcwele, mawabe ngcwele kini. 33Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

34UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke, 35wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele; 36ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini. 37Impepho oyakuyenza ningazenzeli yona njengokuthakwa kwayo; yoba ngcwele kuwe, yenzelwe uJehova. 38Yilowo nalowo oyakuyenza enjengayo ukuba ihogelwe uyakunqunywa kubantu bakubo.”

U-Eksodusi 30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 31

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda. 3Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke, 4ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, 5nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke. 6Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho: 7itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende, 8netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho, 9ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 10nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi, 11namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”

Umyalelo wesabatha

12UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 13“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.

14“ ‘Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo. 15Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa. 16Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade. 17Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ”

18Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

U-Eksodusi 31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Eksodusi 32

Ithole legolide

1Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”

2U-Aroni wayesethi kubo: “Khumulani amacici egolide asezindlebeni zawomkenu, nakwezamadodana enu, nakwezamadodakazi enu, niwalethe kimi.” 3Bonke abantu bakhumula-ke amacici egolide asezindlebeni zabo, bawayisa ku-Aroni. 4Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba yithole elibunjiweyo, bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”

5U-Aroni wakubona, wakha i-altare phambi kwalo; u-Aroni wamemezela wathi: “Kusasa kuzakuba khona umkhosi kaJehova.” 6Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.

Intukuthelo kaJehova nomkhuleko kaMose

7UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono; 8baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”

9UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni. 10Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”

11UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na? 12AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: ‘Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba.’ Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho. 13Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ” 14UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.

15UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha. 16Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.

17UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*

18Wathi: “Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.”

19Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba. 20Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.

21UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”

22Wathi u-Aroni: “Ulaka lwenkosi yami malungavuthi; uyabazi abantu ukuthi bathanda ububi. 23Ngokuba bathi kimi: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.’ 24Ngase ngithi kubo: ‘Onalo igolide makalikhumule;’ base benginika lona, ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma leli thole.”

25UMose wababona abantu ukuthi babedlubulundile; ngokuba u-Aroni wayebakhululile baze bahlekwa yizitha zabo; 26uMose wayesema esangweni lekamu,* wathi: “AbakaJehova mabeze kimi.” Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye.

27Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ” 28Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu. 29Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”

30Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”

31UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Hawu, laba bantu benzile isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide. 32Nokho uma ubathethelela isono sabo; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.”

33UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami. 34Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”

35UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.

U-Eksodusi 32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU