Bible Society of South Africa

To The Word – Day 218

Catch-Up Day (Psalms 2, 93, 97–99, 110)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 2

Ogcotshiweyo kaJehova

1Kungani ukuba abezizwe baxokozele,

nabantu bazindle ngokuyize na?

2Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,

nababusi baceba icebo

ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:

3“Masigqabule izibopho zabo,

silahle izintambo zabo, zisuke kithina.”

4Yena ohlezi ezulwini uyahleka,

iNkosi iyabadelela.

5Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo,

ibethuse ngolaka lwayo, ithi:

6“Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni,

intaba yami engcwele.”

7Ngizakulanda ngesinqumo:

uJehova wathi kimi:

“Uyindodana yami wena;

namuhla ngikuzele.

8Cela kimi,

ngikunike abezizwe babe yifa lakho,

nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.

9Uzakubaphula ngentonga yensimbi,

ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”

10Ngakho hlakaniphani nina makhosi;

yalekani nina bahluleli bomhlaba.

11Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.

12Yangeni indodana,

ingaze ithukuthele,

nibhubhe endleleni,

ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane.

Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.

Ihubo 93

UJehova uyinkosi

1UJehova uyinkosi,

wembethe ubukhosi;

uJehova wembethe, ubhince amandla.

Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.

2Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;

wena ukhona kwaphakade.

3Imifula iphakamisile, Jehova,

imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;

imifula iphakamisa ukuduma kwayo.

4UJehova ophakeme unamandla

kunokuholoba kwamanzi amaningi,

kunokuduma kwamadlambi olwandle.

5Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.

Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,

kuze kube phakade.

Ihubo 97

Ukubonakala kobukhosi bukaJehova

1UJehova uyinkosi;

umhlaba mawethabe,

zijabule iziqhingi eziningi.

2Amafu nobumnyama kuyamphahla;

ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

3Umlilo uyahamba phambi kwakhe,

udla izitha zakhe nxazonke.

4Imibani yakhe ikhanyisa izwe;

umhlaba uyakubona, uthuthumele.

5Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova,

phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

6Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe;

izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.

7Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo,

abazigabisa ngezithombe.

Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

8ISiyoni liyezwa, liyajabula;

amadodakazi akwaJuda ayethaba

ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.

9Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke,

uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

10Nina enithanda uJehova zondani okubi;

uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;

uyabasindisa ezandleni zababi.

11Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,

ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

12Jabulani kuJehova nina balungileyo,

nibonge igama lakhe elingcwele.

Ihubo 98

Umkhululi wakwa-Israyeli nomahluleli wezwe

Ihubo.

1Mhubeleni uJehova igama elisha,

ngokuba wenze izimangaliso;

esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.

2UJehova wazisile insindiso yakhe;

ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.

3Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli;

imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

4Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa,

nihlabelele ngenjabulo, nihube.

5Mhubeleni uJehova ngehabhu,*

ngehabhu nangezwi lehubo.

6Ngamacilongo nangokukhala komtshingo

hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova.

7Maludume ulwandle nokugcwala kwalo,

izwe nabakhileyo kulo.

8Imifula mayishaye ihlombe,

izintaba zihalalise kanyekanye

9ebusweni bukaJehova,

ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

Ihubo 99

UNkulunkulu ungoNgcwele

1UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu;

uhlezi phezu kwamakherubi;* mawuzamazame umhlaba.

2UJehova mkhulu eSiyoni,

uphakeme phezu kwezizwe zonke.

3Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo;

ungcwele yena.

4Amandla eNkosi athanda okulungileyo,

umisile ubuqotho;

ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

5Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,

nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe;

ungcwele yena.

6OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe;

uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe.

Bakhuleka kuJehova,

yena waphendula.

7Wakhuluma kubo esensikeni yefu;

bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.

8Jehova Nkulunkulu wethu,

wena ubaphendulile,

waba kubo uNkulunkulu othethelelayo

nophindiselayo ngezenzo zabo.

9Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,

nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele,

ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.

Ihubo 110

INkosi yaseSiyoni ingumpristi ngendlela kaMelkisedeki

ElikaDavide. Ihubo.

1UJehova wathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”

2Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni;

busa wena phakathi kwezitha zakho.

3Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho;

ebuhleni bobungcwele abasha bakho

bavela njengamazolo esizalweni sokusa.

4UJehova ufungile engayikuguquka, wathi:

“Wena ungumpristi kuze kube phakade

ngendlela kaMelkisedeki.”

5INkosi ingakwesokunene sakho;

iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.

6Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe,

kugcwale izidumbu,

ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.

7Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni;

ngalokho iyakuphakamisa ikhanda.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU