Bible Society of South Africa

To The Word – Day 219

Psalms 93–98

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 93

UJehova uyinkosi

1UJehova uyinkosi,

wembethe ubukhosi;

uJehova wembethe, ubhince amandla.

Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.

2Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;

wena ukhona kwaphakade.

3Imifula iphakamisile, Jehova,

imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;

imifula iphakamisa ukuduma kwayo.

4UJehova ophakeme unamandla

kunokuholoba kwamanzi amaningi,

kunokuduma kwamadlambi olwandle.

5Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.

Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,

kuze kube phakade.

Ihubo 94

Izitha zesizwe sikaNkulunkulu ziyakuphindiselwa

1Nkulunkulu wempindiselo,

Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.

2Phakama, Mahluleli womhlaba,

uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3Jehova, koze kube nini ababi,

koze kube nini ababi bethaba na?

4Bayampompoza,

bakhuluma amagangangozi;

bayazidla bonke abenza okubi.

5Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,

nefa lakho balinyathela phansi.

6Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,

nezintandane bayazibulala.

7Bathi: “UJehova akaboni,

uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;

nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9Owenza indlebe kanakuzwa na?

Owadala iso kanakubona na?

10Othethisa abezizwe,

yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

11UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.

12Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,

omfundisayo ngomthetho wakho,

13wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,

aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.

14Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,

nefa lakhe akayikulishiya.

15Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,

bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

16Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?

Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

17Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,

umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.

18Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,

umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

19Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami

ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

20Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,

leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?

21Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;

igazi elingenacala bayalilahla.

22Kepha uJehova waba yinqaba yami,

uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.

23Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo,

abaqede ngobubi babo;

uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Ihubo 95

Ukubonga nokulalela uNkulunkulu

1Wozani simhubele uJehova,

sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.

2Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga,

sihlabelele kuye ngamahubo.

3Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu,

uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

4Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba;

iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.

5Ulwandle ngolwakhe, walwenza;

nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.

6Wozani; masikhuleke, sikhothame,

siguqe phambi kukaJehova,

uMenzi wethu.

7Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu,

thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.

Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,

8ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba,

njengasosukwini lwaseMasa ehlane,

9lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya,

babona umsebenzi wami.

10Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane,

ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,

abazazanga izindlela zami,”

11engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi:

“Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”

Ihubo 96

Ukudunyiswa kukaNkulunkulu yizizwe zonke

1Hlabelelani kuJehova ihubo elisha,

nihlabelele kuJehova,

mhlaba wonke.

2Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,

nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

3Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,

izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

4Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;

uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

5Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,

kepha uJehova walenza izulu.

6Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;

amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

7Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,

mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

8Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,

nilethe umnikelo,

ningene emagcekeni akhe.

9Khulekani kuJehova,

nihlobe ubungcwele;

thuthumela ebusweni bakhe,

mhlaba wonke.

10Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”

izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;

uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.

11Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;

maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.

12Mawename amasimu nakho konke okukuwo,

ijabule imithi yonke yehlathi

13ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza,

yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba;

uyakwahlulela izwe ngokulunga,

nezizwe ngokuthembeka kwakhe.

Ihubo 97

Ukubonakala kobukhosi bukaJehova

1UJehova uyinkosi;

umhlaba mawethabe,

zijabule iziqhingi eziningi.

2Amafu nobumnyama kuyamphahla;

ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

3Umlilo uyahamba phambi kwakhe,

udla izitha zakhe nxazonke.

4Imibani yakhe ikhanyisa izwe;

umhlaba uyakubona, uthuthumele.

5Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova,

phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

6Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe;

izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.

7Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo,

abazigabisa ngezithombe.

Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

8ISiyoni liyezwa, liyajabula;

amadodakazi akwaJuda ayethaba

ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.

9Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke,

uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

10Nina enithanda uJehova zondani okubi;

uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;

uyabasindisa ezandleni zababi.

11Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,

ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

12Jabulani kuJehova nina balungileyo,

nibonge igama lakhe elingcwele.

Ihubo 98

Umkhululi wakwa-Israyeli nomahluleli wezwe

Ihubo.

1Mhubeleni uJehova igama elisha,

ngokuba wenze izimangaliso;

esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.

2UJehova wazisile insindiso yakhe;

ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.

3Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka-Israyeli;

imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

4Hlokomani kuJehova ngezwi lokuhalalisa,

nihlabelele ngenjabulo, nihube.

5Mhubeleni uJehova ngehabhu,*

ngehabhu nangezwi lehubo.

6Ngamacilongo nangokukhala komtshingo

hlokomani ngezwi lokuhalalisa phambi kweNkosi uJehova.

7Maludume ulwandle nokugcwala kwalo,

izwe nabakhileyo kulo.

8Imifula mayishaye ihlombe,

izintaba zihalalise kanyekanye

9ebusweni bukaJehova,

ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

Uyakwahlulela izwe ngokulunga nezizwe ngobuqotho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU