Bible Society of South Africa

To The Word – Day 208

Zechariah 6–10, Psalm 82

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UZakariya 6

Izinqola ezine

1Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi. 2Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu, nasenqoleni yesibili amahhashi amnyama, 3nasenqoleni yesithathu amahhashi amhlophe, nasenqoleni yesine amahhashi anala alufipha. 4Ngase ngithatha, ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ayini lana, nkosi?”

5Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke. 6Enamahhashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.”

7Alufipha aphuma, afuna ukuhambahamba emhlabeni; yathi: “Hambani, nihambahambe emhlabeni.” Ayesehambahamba emhlabeni.

8Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: “Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.”

Ukugcotshwa kukaJoshuwa umpristi omkhulu

9Lase lifika izwi likaJehova, lathi; 10“Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolo suku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befike khona bevela eBabele. 11Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, 12usho kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova. 13Yebo, yena uyakulakha ithempeli likaJehova, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.’ 14Imiqhele iyakuba yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni, indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova. 15Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini. Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.”

UZakariya 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 7

Ukuzila okuyikho

1Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi. 2IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova 3nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”

4Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi: 5“Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na? 6Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na? 7Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?’ ”

8Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi: 9“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, 10ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’

11“Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa. 12Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani,* funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.

13“ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina. 14Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”

UZakariya 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 8

Isithembiso sokubuyiswa

1Izwi likaJehova Sebawoti lafika lathi: 2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.”

3Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.”

4Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakuhlala amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, yilowo nalowo abe nodondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe. 5Izitaladi zasemzini ziyakugcwala abafana namantombazana bedlala ezitaladini zawo.”

6Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku, kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na?” usho uJehova Sebawoti.

7Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga, 8ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.”

9Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe. 10Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo. 11Kepha angisayikuba njalo kuyo insali yalaba bantu njengasezinsukwini zakuqala,” usho uJehova Sebawoti.

12“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto. 13Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa-Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.”

14Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini, lapho oyihlo babengithukuthelisa,” usho uJehova Sebawoti, “ngingazisolanga, 15kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi. 16Yilezi zinto eniyakuzenza: khulumani iqiniso, kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu, 17ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga, ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo,” usho uJehova.

18Izwi likaJehova Sebawoti lafika kimi, lathi: 19Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”

20Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi, 21bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: ‘Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova Sebawoti; nami ngiyakuhamba.’ 22Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.”

23Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”

UZakariya 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 9

Ukuchithwa kwezitha zakwa-Israyeli

1Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, 2kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.

3ITire lazakhela inqaba,

lanqwabela isiliva njengothuli,

negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

4Bheka, iNkosi iyakulaphuca,

iphonse imfuyo yalo elwandle,

lona lidliwe ngumlilo.

5I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe,

neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu,

kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;

inkosi iyakubhubha eGaza,

ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.

6E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;

ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.

7Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,

nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,

nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu,

babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.

8Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami,

ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;

akusayikudlula mcindezeli kubo,

ngokuba sengibonile ngawami amehlo.

INkosi yaseSiyoni

9Thokoza kakhulu,

ndodakazi yaseSiyoni;

jabula nokujabula,

ndodakazi yaseJerusalema;

bheka, iNkosi yakho iza kuwe,

ilungile, inensindiso,

ithobekile, ikhwele imbongolo,

ithole, inkonyane yembongolokazi.

10Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema,

nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;

iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,

nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,

kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.

11Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,

ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.

12Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;

namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.

13Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,

ngibeka u-Efrayimi kuwo,

ngivusela amadodana akho, Siyoni,

kumadodana akho, Javani,

ngikwenze inkemba yeqhawe.

14UJehova abesebonakala phezu kwabo,

umcibisholo wakhe uphume njengonyazi;

iNkosi uJehova iyakubetha icilongo,

ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.

15UJehova Sebawoti uyakubavikela,

badle, banyathele phansi amatshe endwayimana;

bayakuphuza igazi labo njengewayini,

bagcwale njengemikhele,

njengamagumbi e-altare.

16UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suku

njengomhlambi wabantu bakhe,

ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.

17Yeka ubuhle balo!

Yeka ukubukeka kwalo!

Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo,

newayini elisha izintombi zalo.

UZakariya 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 10

UJehova ungumsizi oqinisileyo

1Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva,

uJehova owenza imibani,

abesebanika izihlambi zemvula,

yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.

2Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize,

nababhuli babone okungamanga;

bakhuluma amaphupho angelutho,

baduduza ngeze;

ngalokho bayasuka njengezimvu,

bathotshisiwe,

ngokuba kungekho umalusi.

3“Intukuthelo yami ivuthele abelusi;

ngiyakujezisa izimpongo,

ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe,

indlu yakwaJuda,

abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

4Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,

kuyena isikhonkwane,

kuyena umnsalo wempi,

kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5Bayakuba njengamaqhawe

anyathela udaka ezitaladini ekulweni;

bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,

nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6“Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,

ngisindise indlu yakwaJosefa,

ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,

babe kungathi angizange ngibalahle,

ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

ngiyakubezwa.

7U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;

inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;

abantwana babo bayakukubona, bathokoze;

inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8Ngiyakubahlabela ikhwelo,

ngibabuthe,

ngokuba ngibahlengile;

bayakwanda njengalokho kade banda.

9Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,

bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,

baphile kanye nabantwana babo,

babuye.

10Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,

ngibabuthe e-Asiriya,

ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,

abayikutholelwa indawo.

11Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,

kushaywe amaza olwandle,

nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,

kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,

isuke intonga yaseGibithe.

12Ngiyakubaqinisa kuJehova,

bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.

UZakariya 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 82

UNkulunkulu ungumahluleli oyenayena

Ihubo lika-Asafa.

1UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu;

uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.

2Koze kube nini nahlulela ngokungalungile

nikhetha ubuso bababi na? Sela*

3Yahlulelani ompofu nentandane,

nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.

4Khululani oswelayo nompofu,

nibophule esandleni sababi.

5Abanakwazi, abanakuqonda,

bahamba ebumnyameni;

izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.

6Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,”

nonke ningamadodana oPhezukonke.

7Kanti nokho niyakufa njengabantu nje,

niwe njengesinye sezikhulu.

8Vuka, Nkulunkulu,

wahlulele umhlaba,

ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU