Bible Society of South Africa

To The Word – Day 209

Zechariah 11–14, Psalms 83–84

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UZakariya 11

Ukuwa kwemithi emihle

1Vula iminyango yakho, Lebanoni,

ukuba umlilo udle imisedari* yakho.

2Hhewula, msayipuresi,*

ngokuba umsedari* uyawa,

ngokuba emihle iyachithwa;

hhewulani nina ma-oki* aseBashani,

ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.

3Izwi lokukhala kwabelusi!

ngokuba udumo lwabo luyachithwa;

izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama!

ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.

Abelusi bakwa-Israyeli

4Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa, 5ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli. 6Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”

7Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa, izimvu ezihluphekayo. Ngazithathela izintonga ezimbili, enye ngayibiza ngokuthi uMusa, nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu. 8Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo. 9Ngase ngithi: “Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.”

10Ngase ngithatha induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke. 11Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.

12Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani.” Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.

13Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.

14Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.

15UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula. 16Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.

17“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu!

Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene;

ingalo yakhe iyakubuna nokubuna,

neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”

UZakariya 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 12

Ukusindiswa kweJerusalema

1Isiprofetho.

Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi: 2“Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema. 3Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela. 4Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe. 5Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.’

6“Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.

7“UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda. 8Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo. 9Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.

10“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe. 11Ngalolo suku kuyakuba khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni. 12Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo: umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; 13umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo, 14nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.

UZakariya 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 13

Ukuhlanjululwa kweJerusalema

1“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.

2“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni. 3Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.

4“Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa; 5kepha uyakuthi: ‘Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.’ 6Uma sekuthiwa kuye: ‘Iyini leyo mivimbo esezandleni zakho na?’ uyakuthi: ‘Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami.’

Umalusi wamanga

7“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami,

uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti.

“Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu,

bese ngiphendulela abancane isandla sami.

8Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova,

“kunqunywe izinxenye ezimbili kulo,

zibhubhe,

kusale eyesithathu kulo.

9Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni,

ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva,

ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide;

bayakubiza igama lami,

ngibaphendule,

ngithi: ‘Bangabantu bami;’

base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”

UZakariya 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 14

Usuku lukaJehova

1Bheka, luyeza usuku lukaJehova, lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.

2Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.

3UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa. 4Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu. 5Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.

6Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela. 7Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.

8Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.

9UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

10Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi. 11Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.

12Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

13Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe. 14NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu. 15Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi,* namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu,* njengalokho kushaywa.

16Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo. 17Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula. 18Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo. 19Lokhu kuyakuba yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.

20Ngalolo suku kuyakulotshwa ezikhencezweni zamahhashi ukuthi: “Zahlukaniselwe uJehova,” amakhanzi asendlini kaJehova abe njengemikhele phambi kwe-altare. 21Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.

UZakariya 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 83

Umkhuleko wokuba zichithwe izitha zika-Israyeli

Igama. Ihubo lika-Asafa.

1Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali,

ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.

2Ngokuba bheka,

izitha zakho ziyaxokozela,

nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.

3Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho,

bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho.

4Bathi: “Wozani sibaqothule,

bangabe besaba yisizwe,

negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”

5Baceba nganhliziyonye,

benza isivumelwano ngawe:

6amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli,

nakaMowabi nakaHagari,

7noGebali, no-Amoni, no-Amaleki,

neFilistiya nabakhile eTire.

8Ne-Asiriya lahlangana nabo,

laba yingalo yabantwana bakaLoti. Sela*

9Yenza kubo njengakuMidiyani,

nakuSisera,

nakuJabini ngasemfuleni iKishoni,

10ababhubhela e-Eni Dori,

baba ngumquba womhlabathi.

11Amakhosana abo wenze abe njengo-Orebi noZebi,

nabakhulu babo bonke njengoZeba noSalimuna

12ababethi: “Masizithabathele amadlelo kaNkulunkulu.”

13Nkulunkulu wami, benze babe njengezibi ezikhwishizayo,

njengamakhoba amuka nomoya.

14Njengomlilo oshisa ihlathi,

njengelangabi elithungela izintaba,

15baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho,

ubethuse ngesiphepho sakho.

16Thela ubuso babo ngehlazo,

baze bafune igama lakho, Jehova.

17Mabahlazeke, baphele amandla kuze kube phakade;

mabahluleke, babhubhe,

18bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova;

ungoPhezukonke emhlabeni wonke.

Ihubo 84

Izindlu zikaJehova ziyathandeka

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elamadodana kaKora. Ihubo.

1Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.

2Umphefumulo wami ulangazelela,

womela amagceke kaJehova;

inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.

3Ngokuba umzwilili ufumene indlu,

nenkonjane isidleke sayo,

lapho ibeka khona amazinyane ayo,

ngisho ama-altare akho,

Jehova Sebawoti,

Nkosi yami, Nkulunkulu wami.

4Babusisiwe abahlala endlini yakho;

bayakuhlala bebonga wena. Sela*

5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,

abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6Bedabula imfunda yezinyembezi

bayenza ibe yindawo yeziphethu;

yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.

7Baqhubeka emandleni,

baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.

8Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe,

Nkulunkulu kaJakobe. Sela*

9Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu,

bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.

10Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho

luhle kunezinye eziyizinkulungwane.

Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami

kunokuhlala ematendeni ababi.

11Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;

uJehova uyakupha umusa nodumo;

akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.

12Jehova Sebawoti,

ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU