Bible Society of South Africa

To The Word – Day 207

Zechariah 1–5, Psalm 81

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UZakariya 1

Abantu bayalezwa ukuphenduka

1Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:

2“UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo. 3Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti. 4Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova. 5Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na? 6Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”

Umbono ngezinkweli zamahhashi

7Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:

8Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.

9Ngase ngithi: “Bayini laba?”

Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”

10Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”

11Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”

12Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?” 13UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.

14Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu. 15Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’

16“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.’

17“Phinda umemeze, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni, abuye alikhethe iJerusalema.’ ”

Umbono ngezimpondo ezine nabakhandi bensimbi

18Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nazo izimpondo ezine. 19Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ziyini lezi?”

Yathi kimi: “Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.”

20UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi. 21Ngathi: “Laba bafike ukwenzani na?”

Wakhuluma wathi: “Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe, kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo, bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphondo ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.”

UZakariya 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 2

Intambo yokulinganisa

1Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe. 2Ngathi: “Uya ngaphi?”

Wathi kimi: “Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.”

3Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza, 4yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo. 5‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’

6“Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.

7“Hheyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!” 8Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi: 9“Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.

10“Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” usho uJehova. 11“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe. 12UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema. 13Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”

UZakariya 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 3

UJoshuwa umpristi omkhulu ephambi kwengelosi kaJehova

1Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”

3UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”

5Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.

6Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: 7“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.

8“ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela. 9Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.

10“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”

UZakariya 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 4

Uthi lwezibani neminqumo emibili

1Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya, yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni bakhe. 2Yathi kimi: “Ubonani na?”

Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo, 3neminqumo emibili eseceleni kwalo, omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo.”

4Ngathatha ngasho kuyo ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: “Ziyini lezi, nkosi?”

5Ingelosi eyayikhuluma nami yaphendula, yathi kimi: “Awazi yini ukuthi ziyini lezi?”

Ngathi: “Qha, nkosi.”

6Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.

7“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”

8Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 9“Izandla zikaZerubabele zibeke isisekelo sale ndlu, futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini.

10“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”

11Ngase ngithatha, ngithi kuyo: “Iyini le minqumo emibili ngakwesokunene sothi lwezibani nangakwesokhohlo salo na?”

12Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo: “Ayini lawa magatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobho emibili yegolide, athululwa ngayo amafutha egolide na?”

13Yangiphendula yathi: “Awazi ukuthi ayini?”

Ngathi: “Qha, nkosi.”

14Yayisithi: “Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.”

UZakariya 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 5

Umqulu wencwadi ondizayo

1Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nanko umqulu wencwadi ondizayo.

2Yathi kimi: “Ubonani na?”

Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.”

3Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso. 4‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”

Owesifazane ose-efeni*

5Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami, yathi kimi: “Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.”

6Ngathi: “Kuyini?”

Yathi: “Lokhu kuyi-efa* eliphumayo.” Yabuye yathi: “Lokhu kungububi babo ezweni lonke.”

7Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa. 8Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.

9Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.

10Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Laba baliyisaphi i-efa na?”

11Yathi kimi: “Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.”

UZakariya 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 81

Ihubo lomkhosi

Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elika-Asafa.

1Halalisani uNkulunkulu amandla ethu,

nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.

2Hlabani ihubo,

nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.

3Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga

nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.

4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli

nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.

5Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe.

Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,

izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.

7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;

ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,

ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*

8“Zwanini, bantu bami,

ngizakufakaza kini ukuthi:

O Israyeli, sengathi ungangilalela!

9Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye,

ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.

10Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho

owakukhuphula ezweni laseGibithe;

khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

11“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami,

u-Israyeli akanginakanga.

12Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo

ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.

13“Sengathi abantu bami bangangizwa,

u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

14Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,

ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.

15Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,

kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.

16Ubeyakubapha ukolweni omuhle;

yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU