Bible Society of South Africa

To The Word – Day 195

Ezekiel 26–30, Psalm 63

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 26

Isiprofetho ngeTire

1Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngolokuqala lwenyanga izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, ngenxa yokuba iTire lishilo ngeJerusalema ukuthi: ‘Ashila; laphukile ebe liyisango labantu; seliphendukele kimi; ngiyakugcwala lapho selichithekile,’ 3ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiphezu kwakho, Tire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lukhuphula amaza alo. 4Ziyakuchitha izingange zaseTire, zibhidlize imibhoshongo yalo; ngiyakukhukhuza umhlabathi walo kulo, ngilenze idwala eliyinyabule. 5Liyakuba yindawo yokweneka amanetha phakathi kolwandle, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova; liyakuba yimpango yezizwe. 6Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba, bazi ukuthi nginguJehova.

7“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyisa eTire uNebukadinesari inkosi yaseBabele, evela enyakatho, eyinkosi yamakhosi, enamahhashi, nezinqola, nabamahhashi, nesixuku sabantu abaningi. 8Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba, enze inqaba ngakuwe, akunqwabele iduli, akumisele ihawu. 9Uyakubekisa izinqama zakhe zokungqubuza ezingangeni zakho, abhidlize imibhoshongo yakho ngamazembe akhe. 10Ngenxa yobuningi bamahhashi akhe ibhuqu lawo liyakukusibekela, izingange zakho zizamazame ngomdumo wabamahhashi, nowokunamasondo, nowezinqola, lapho engena esangweni lakho njengalokhu kungenwa emzini ofohliweyo. 11Ngezinselo zamahhashi akhe uyakunyathela zonke izitaladi zakho, abulale abantu bakho ngenkemba, kuwe phansi izinsika zemandla akho. 12Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi. 13Ngiyakwenza ukuba isiho sezihlabelelo zakho siphele, nezwi lamahabhu* akho alisayikuzwakala. 14Ngiyakukwenza idwala eliyinyabule, ube yindawo yokweneka amanetha; awusayikwakhiwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.

15“Isho kanje iNkosi uJehova kulo iTire, ithi: Ngomdumo wokuwa kwakho, lapho abagwaziweyo bebubula nabafayo bebulawa phakathi kwakho, iziqhingi ziyakuzamazama. 16Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe. 17Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe:

“Yeka ukuchitheka kwakho,

wena owahlalwa ngabasolwandle,

muzi odumileyo,

owawunamandla olwandle,

wena nabakhileyo kuwe,

owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.

18Manje iziqhingi ziyakuzamazama ngosuku lokuwa kwakho;

iziqhingi ezisolwandle ziyakuphela amandla

ngokumuka kwakho.

19“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo, nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele, 20ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo. 21Ngiyakukwenza incithakalo, ungabe usabakho; uyakufunwa, kepha awusayikufunyanwa kuze kube phakade, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 27

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Wena ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngeTire, 3uthi kulo iTire: Wena ohlala ekungeneni kolwandle, ongumthengi wabantu eziqhingini eziningi, iNkosi uJehova isho kanje, ithi:

“ ‘Tire, wena ushilo ukuthi:

“Ngiphelele ebuhleni.”

4Imikhawulo yakho isenhliziyweni yolwandle;

abakhi bakho baphelelisile ubuhle bakho.

5Ngemisayipuresi* yaseSeniri benzile onke amapulangwe akho;

balandile umsedari* eLebanoni ukwenza insika yakho.

6Ngama-oki* aseBashani benzile amaphini akho;

indeki* yakho bayenzile ngophondo lwendlovu,

lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.

7Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibithe

lalinguseyili* wakho,

laze laba yibhanela* kuwe;

isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende,

sivela eziqhingini zase-Elisha.

8Abakhileyo eSidoni nase-Arvadi babe ngabagwedli bakho;

izihlakaniphi zakho, Tire,

zazikuwe, zazingabashayeli bakho.

9Amalunga aseGebali nezihlakaniphi zalo

babe ngabavimbi zimfa bakho kuwe.

Yonke imikhumbi yaselwandle namatilosi* ayo

babe kuwe ukuba bathengise ngempahla yakho.

10“ ‘AbasePheresiya noLude noPhuthi babe sempini yakho, amadoda empi yakho; baphanyeka izihlangu nezigqoko kuwe; baveza ubuhle bakho. 11Abantu base-Arvadi kanye nempi yakho babe sezingangeni zakho nxazonke, nabaseGamadi babe semibhoshongweni yakho; baphanyeka izihlangu zabo ezingangeni zakho nxazonke; baphelelisa ubuhle bakho.

12“ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.

13“ ‘IJavani noThubali noMesheke bona babe ngabathengi bakho, benana abantu boqobo nezitsha zethusi ngempahla yakho.

14“ ‘Abendlu yaseThogarma benana impahla yakho ngamahhashi nangamahhashi empi nangeminyuzi.*

15“ ‘Abantu baseDedani babe ngabathengi bakho, iziqhingi eziningi zaziyizindawo zokuthengelana zesandla sakho; babuyisela kuwe uphondo lwendlovu ne-eboni,* kwaba yisipho sakho.

16“ ‘I-Aramu lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho; benana impahla yakho ngama-emeralidu,* nangokububende, nangokufekethisiweyo, nangelineni elicolekileyo, nangekorali,* nangamarubi.*

17“ ‘UJuda nezwe lakwa-Israyeli babe ngabathengi bakho; benana impahla yakho ngokolweni waseMiniti, nangawojeqe, nangezinyosi, nangamafutha, nangebhalisamu.*

18“ ‘IDamaseku lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bemisebenzi yakho, ngobuningi bayo yonke ingcebo, linewayini laseHeliboni noboya obumhlophe bezimvu.

19“ ‘IVedani neJavani enana impahla yakho ngotwayibana; insimbi ekhandiweyo, nekasiya,* nomhlanga kwakuphakathi kwempahla yakho.

20“ ‘IDedani lalingumthengi wakho ngezindwangu ezinhle zokugibela.

21“ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.

22“ ‘Abathengi baseSheba naseRama babe ngabathengi bakho, benana impahla yakho ngawo onke amakha aphambili, nangawo onke amatshe anqabileyo, nangegolide.

23“ ‘IHarana neKhane ne-Edene, abathengi baseSheba, ne-Asiriya, neKilimadi babe ngabathengi bakho. 24Bona babe ngabathengi bakho ngempahla enhle, ngezambatho eziluhlaza nezifekethisiweyo, nangezindwangu ezimibalabala, nangezintambo ezalukiweyo eziqinileyo, ezindaweni zakho zokuthengelana.

25“ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayihambisa impahla yakho.

Wagcwaliswa, wadunyiswa kakhulu enhliziyweni yolwandle.

26Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi;

umoya wasempumalanga wawusukwaphula

usenhliziyweni yolwandle.

27Ingcebo yakho, nempahla yakho,

nentutho yakho,

amatilosi* akho, nabashayeli bakho,

abavimbi zimfa bakho, nabaphathi bakho bokuthenga,

nawo onke amadoda akho empi akuwe, naso sonke isixuku esiphakathi kwakho

kuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.

28Ngezwi lokukhala kwabashayeli bakho amaza ayazamazama.

29Bonke ababambe amaphini,

amatilosi* nabo bonke abashayeli baselwandle,

bayakwehla emikhunjini yabo,

beme emhlabathini,

30bezwakalise izwi labo phezu kwakho,

bakhale ngomunyu,

bathele uthuli emakhanda abo,

bahuquzele emlotheni,

31baziphucule izimpandla ngenxa yakho,

babhince izindwangu zamasaka,

bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.

32Ekulileni kwabo bayakwenza isililiselo ngawe,

bakulilele, bathi:

“Ngubani onjengeTire,

njengalo eselithulisiwe phakathi kolwandle, na?”

33Ekuphumeni kwempahla yakho elwandle

wasuthisa abantu abaningi;

ngobuningi bengcebo yakho nempahla yakho

wacebisa amakhosi omhlaba.

34Ngesikhathi sokwaphulwa kwakho ngamanzi

ekujuleni kolwandle

impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela phakathi kwakho.

35Bonke abakhileyo eziqhingini bamangala ngawe;

amakhosi azo ayaqhakanyeka,

aphaphatheke ebusweni.

36Abathengi phakathi kwabantu bayakuncimfela;

usuyincithakalo;

awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

UHezekeli 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 28

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile,

wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu

enhliziyweni yolwandle,”

ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu,

noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu

3bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli,

ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

4ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho

uzizuzele imfuyo,

wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

5ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga

wandisile imfuyo yakho;

inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

6“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngenxa yokuba umisile inhliziyo yakho

njengenhliziyo kaNkulunkulu,

7ngalokho bheka,

ngiyakukwehlisela abafokazi,

abesabekayo bezizwe;

bayakuhoshela ubuhle bokuhlakanipha kwakho

izinkemba zabo,

bangcolise ukukhazimula kwakho.

8Bayakukwehlisela egodini,

ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

9Usasho phambi kokubulalayo ukuthi:

“Ngingunkulunkulu mina,”

ingani ungumuntu,

ungesiye uNkulunkulu,

esandleni sokugwazayo, na?

10Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi,

ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”

11Izwi likaNkulunkulu lafika kimi, lathi: 12“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo;

wawugcwele ukuhlakanipha,

wawuphelele ngobuhle.

13Wawuse-Edene,

insimu kaNkulunkulu;

onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho,

isardiyu,* netopazi,* nedayimani,*

neshohamu,* nejaspi,* nesafire,*

nesimaragidu,* nekrisolithe;*

nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide,

zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.

14Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;

ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,

wahamba phakathi kwamatshe omlilo.

15Wawuphelele ezindleleni zakho

kusukela osukwini lokudalwa kwakho

kwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.

16Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;

ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,

ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,

ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

17Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,

wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;

ngikulahlele phansi,

ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.

18Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungile

ungcolisile izindlu zakho ezingcwele;

ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;

ngakwenza umlotha emhlabeni

emehlweni abo bonke abakubonayo.

19Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;

usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

Isiprofetho ngeSidoni

20Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo, 22uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;

ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,

bazi ukuthi nginguJehova,

lapho ngenza ukwahlulela kulo,

ngingcweliswe phakathi kwalo.

23Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;

abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalo

ngenkemba ephezu kwalo nxazonke,

bazi ukuthi nginguJehova.

24“ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.

25“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe. 26Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”

UHezekeli 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 29

Isiprofetho ngeGibithe

1Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe, uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe, 3ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe,

drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho

uthi: “Umfula ungowami,

mina ngiwenzile.”

4Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,

nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho

ezingcwecweni zakho,

ngikukhuphule phakathi kwemifula yakho

kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho

ezinamathela ezingcwecweni zakho.

5Ngiyakukulahla ehlane,

wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,

uwe ebusweni bomhlabathi;

awuyikubuthwa, ulandwe;

ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba

nokwezinyoni zezulu.

6Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,

ngokuba bebeludondolo lohlanga

kuyo indlu yakwa-Israyeli.

7Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,

uklebhula zonke izinhlangothi zabo;

nalapho bencika kuwe, uyaphuka,

untengantengise zonke izinkalo zabo.

8“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane. 9Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.” 10Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe. 11Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane. 12Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi amane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

13“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane ngiyakubabutha abaseGibithe kubantu abahlakazekele kubo, 14ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe, ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi, izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona. 15Liyakuba phansi emibusweni, alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe. 16Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”

17Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 18“Ndodana yomuntu, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wasebenzisa impi yakhe umsebenzi omkhulu ngeTire; onke amakhanda aphuculwa, onke amahlombe acothulwa, nokho yena nempi yakhe babengenankokhelo evela eTire ngomsebenzi abalenzela wona. 19Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe. 20Ngiyamnika izwe laseGibithe ngomsebenzi owakhonza ngawo, abawenza kimi, isho iNkosi uJehova.

21“Ngalolo suku ngiyakuhlumisa uphondo endlini ka-Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 30

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Hhewulani, nithi:

“Wo ngalolo suku!”

3Ngokuba usuku luseduze,

usuku lukaJehova luseduze;

luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.

4Inkemba iyakulehlela iGibithe,

kube yimihelo eKushe,

lapho abagwaziweyo bewa eGibithe;

bayakususa ingcebo yalo,

kudilizwe izisekelo zalo.

5IKushe, noPhuthi, noLude,

nayo yonke ingxubevange yezizwe,

neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.

6“ ‘Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa,

ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla;

kusukela eMigidoli kuze kube seSevene

bayakuwa kulo ngenkemba,

isho iNkosi uJehova.

7“ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo,

imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.

8Bayakwazi ukuthi nginguJehova,

lapho sengiphembe umlilo eGibithe,

bachotshozwe bonke abasizi balo.

9“ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.

10“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithe

ngesandla sikaNebukadinesari,

inkosi yaseBabele.

11Yena nabantu bakhe kanye naye,

abesabekayo bezizwe,

bayakulethwa ukuba bachithe izwe,

bahoshele iGibithe izinkemba zabo,

bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.

12Ngiyakwenza imifula ishe,

ngithengise ngezwe esandleni sababi,

ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi;

mina Jehova ngikukhulumile.

13“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngiyakuzichitha izithombe,

ngiqede onkulunkulu eNofi;

akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe,

ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.

14Ngiyakwenza ize iPhatirosi,

ngiphembe umlilo eSowani,

ngenze ukwahlulela eNo.

15Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini,

inqaba yaseGibithe,

nginqume isixuku saseNo.

16Ngiyakuphemba umlilo eGibithe,

iSini libe nemihelo emikhulu,

iNo lifohlwe,

iNofi lihlaselwe emini.

17Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba,

imizi iye ekuthunjweni.

18EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama,

lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe,

nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo;

lona-ke, ifu liyakulisibekela,

namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

19Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe,

bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

20Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 21“Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba. 22Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe. 23Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni. 24Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo. 25Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe. 26Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 63

Ukulangazelela uNkulunkulu

Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda.

1Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,

ngiyakufuna ekuseni;

umphefumulo wami womele wena;

inyama yami ilangazelela wena

ezweni elomileyo eligagadekileyo,

lapho amanzi engekho khona.

2Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,

ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;

izindebe zami ziyakukudumisa.

4Ngiyakukubonga ngisaphila;

ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;

umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo.

6Nxa ngikukhumbula ecansini lami,

ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7Ngokuba ungisizile;

ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8Umphefumulo wami ubambelele kuwe;

esokunene sakho siyangiphasa.

9Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala

bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10Bayakunikelwa esandleni senkemba,

babe yisabelo sezimpungushe.

11Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu;

bonke abafunga yena bayakuzibonga;

ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU