Bible Society of South Africa

To The Word – Day 194

Ezekiel 21–25, Proverbs 30

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 21

Inkemba kaJehova

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli, 3uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi. 4Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi, ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho. 5Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayikubuya.’

6“Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho. 7Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”

Ihubo lenkemba

8Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

9“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Thana:

“ ‘Inkemba, inkemba iloliwe,

futhi iphucuziwe.

10Ilolelwe ukubulala nokubulala,

iphucuziwe ukuba ibe njengonyazi.

“ ‘Besiyakujabula na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.

11“ ‘Uyinikele ukuphucuzwa ukuba ibanjwe ngesandla; yebo, isiloliwe inkemba, isiphucuziwe ukuba inikelwe esandleni sombulali. 12Khala, uhhewule, ndodana yomuntu, ngokuba iyakuba phezu kwabantu bami, ibe phezu kwazo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni kanye nabantu bami; ngalokho shaya ithanga lakho.

13“ ‘Sekuyalingwa; kunjani uma intonga edelela manje ayisayikubakho na? isho iNkosi uJehova.’

14“Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe. 15Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla, nezikhubekiso zabo zande, ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala! 16Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheka khona. 17Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”

18Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 19“Wena ndodana yomuntu, zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele, zombili ziphume ezweni linye, wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi. 20Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo. 21Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini. 22Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba. 23Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.

24“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngokuba nikhumbuzile ukona kwenu ekwambulweni kwezeqo zenu, ukuze izono zenu zibonakale kuzo zonke izenzo zenu, yebo, ngokuba senikhunjulwa, niyakubanjwa ngesandla.

25“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi, 26isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo. 27Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’

28“Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena:

“ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi, 29besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi. 30Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni lokudabuka kwakho, lapho ngiyakukwahlulela khona. 31Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha. 32Uyakuba ngukudla komlilo, igazi lakho libe phakathi kwezwe; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.’ ”

UHezekeli 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 22

Umuzi wegazi

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike, nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa, 4ngegazi olichithileyo unecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile; usondezile izinsuku zakho, ufikile eminyakeni yakho; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke. 5Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.

6“ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi. 7Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi. 8Okungcwele kwami ukudelele, wawona amasabatha ami. 9Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi, badla kuwe ezintabeni, benza ubufebe phakathi kwakho. 10Bahlubulile kuwe ubunqunu bukayise, bamona yena owayahlukene ekungcoleni kwakhe. 11Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise. 12Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.

13“ ‘Bheka, ngishayile isandla sami ngokuphanga kwakho okwenzileyo nangenxa yegazi lakho elaliphakathi kwakho. 14Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza. 15Ngiyakukuhlakazela ezizweni, ngikusabalalisele emazweni, ngiqede ukungcola kwakho kuwe. 16Uyakungcoliswa phakathi kwakho emehlweni ezizwe; uyakwazi ukuthi nginguJehova.’ ”

17Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isingamanyela kimi; bonke babo bayithusi nethini* nensimbi nomthofu phakathi kwesithando; bangamanyela esiliva. 19Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, ngiyakunibuthela phakathi kweJerusalema. 20Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini* phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise. 21Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo. 22Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”

23Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 24“Ndodana yomuntu, yisho kuwo ukuthi: ‘Uyizwe elingahlanjululwanga, elinganelwanga ngosuku lokufutheka.’ 25Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo. 26Abapristi bawo badlovile umthetho wami; bangcolisile izinto zami ezingcwele, abahlukanisanga okungcwele nokuyichilo, abafundisanga abantu ukwahlukanisa okungcolileyo nokuhlambulukileyo, bafihlele amasabatha ami amehlo abo; sengidumazekile phakathi kwabo. 27Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga. 28Abaprofethi bawo babanamekele ngodaka olungavuthiwe, bebona okuyize, bebabhulela amanga, bethi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova,’ noma uJehova engakhulumanga. 29Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.

30“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga. 31Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 23

Odade ababili

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2“Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi omfazi munye. 3Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo. 4Amagama abo ayengu-Ohola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo; baba ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya lingu-Ohola, neJerusalema lingu-Oholiba.

5“U-Ohola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abase-Asiriya, abakhelwane bakhe, 6ababembethe okuluhlaza, izinduna nababusi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahhashi. 7Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo. 8Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.

9“Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabase-Asiriya abakhanukelayo. 10Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.

11“Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo. 12Wakhanukela abase-Asiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahhashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo. 13Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.

14“Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwe odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwe ngebomvu, 15ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya. 16Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya. 17Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo. 18Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wase wahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo. 19Kepha wandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe afebe ngazo ezweni laseGibithe. 20Wakhanukela amashende akhona, anyama yawo injengenyama yezimbongolo, namaphambili awo anjengawamahhashi. 21Walangazelela ukukhanuka kobusha bakho ekucindezelweni kwezingono zakho ngabaseGibithe ngenxa yobusha bamabele akho.

22“Ngalokho-ke, Oholiba, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho osahlukene nazo, ngiziyise kuwe nxazonke, 23abaseBabele, nawo onke amaKaledi, iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abase-Asiriya kanye nabo, izinsizwa ezinxanelekayo, izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahhashi. 24Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo. 25Ngiyakubeka kuwe umhawu wami, bakuphathe ngokufutheka, basuse ikhala lakho nezindlebe zakho, abaseleyo bakho bawe ngenkemba; bayakuthatha amadodana akho amadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo. 26Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle. 27Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.

28“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo, 29bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho. 30Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo. 31Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.

32“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“Uyakuphuza indebe kadadewenu ejulileyo, ebanzi,

ube yinhlekiso nosulu;

ifumbethe okuningi.

33Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi:

ngendebe yesimangaliso neyencithakalo,

indebe kadadewenu iSamariya.

34Uyakuyiphuza, uyikhame,

ugedle izindengezi zayo,

uklebhule amabele akho, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova.

35“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.”

36Wayesethi uJehova kimi: “Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo. 37Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo. 38Futhi benza lokhu kimi: ngalona lolo suku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele bawona namasabatha ami. 39Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolo suku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.

40“Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo, 41wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.

42“Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo. 43Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: ‘Impela bayakufeba naye, yebo, naye,’ na? 44Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo. 45Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.

46“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango. 47Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.

48“Ngiyakuqeda ukukhanuka ezweni, baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangenzi njengokukhanuka kwenu. 49Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.”

UHezekeli 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 24

Ikhanzi elibilayo

1Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi: 2“Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku. 3Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Beka ikhanzi, libeke,

uthele amanzi kulo,

4uqoqele kulo izinqamu zalo,

zonke izinqamu ezinhle,

ithanga nehlombe,

uligcwalise ngamathambo akhethekileyo.

5Thatha okukhethekileyo komhlambi,

ubungele izinkuni phansi kwalo,

ulibilise nokulibilisa,

kuphekwe namathambo phakathi kwalo.

6“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Maye kumuzi wezingazi,

kulo ikhanzi elinokugqwala,

nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo!

Khipha kulo izinqamu ngezinqamu;

alidliwanga yinkatho.

7“ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo;

wazibeka edwaleni eliyinyabule;

akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.

8Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo,

ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule

ukuba zingasitshekelwa.

9“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Maye kumuzi wezingazi!

Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

10Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo,

uqede inyama, wome umhluzi,

amathambo ashiswe.

11Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho,

ukuze lishise, kushe ithusi lalo,

kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwalo

ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.

12Ngizikhathazile ngeze,

nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo;

ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.

13“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

14“ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”

15Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 16“Ndodana yomuntu, bheka, ngiyasusa okunxanelekayo emehlweni akho ngesishayo, kepha awuyikudabuka, awuyikukhala, nezinyembezi aziyikwehla. 17Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”

18Ngase ngikhuluma kubantu ekuseni; kusihlwa wafa umkami; kusasa ngenza njengalokho ngiyaliwe.

19Abantu bathi kimi: “Ungesitshele yini ukuthi lezi zinto ziyini kithina, njengokuba wenze njalo, na?”

20Ngathi kubo: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 21Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba. 22Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu. 23Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye. 24UHezekeli uyakuba yisibonakaliso kini; niyakwenza njengakho konke ukwenza kwakhe; lapho kufikile lokhu, niyakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’

25“Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo, 26ngalolo suku obalekayo uyakufika kuwe, akuzwise lokhu ngezindlebe zakho, na? 27Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu; uyakuba yisibonakaliso kubo, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 25

Iziprofetho ngo-Amoni, noMowabi, no-Edomi, namaFilisti

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo, 3uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni, 4bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho. 5Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova. 6Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni, 7bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”

8“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,” 9bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi, 10ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe, 11ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

12“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo, 13ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani. 14Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”

15“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo, 16ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle. 17Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”

UHezekeli 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 30

Amazwi ka-Aguri

1Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko-Ithiyeli no-Ukhali:

2“Impela ngiyisiwula kunabanye abantu,

anginakuqonda komuntu.

3Angifundanga ukuhlakanipha,

ukuze ngazi oNgcwele.

4Ngubani owenyukele ezulwini,

wabuye wehla na?

Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na?

Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na?

Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na?

Ngubani igama lakhe,

ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?

5“Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;

uyisihlangu kwabaphephela kuye.

6Ungenezeli emazwini akhe,

funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.

7“Yizinto ezimbili engizicela kuwe:

unganginqabeli nazo, ngingakafi.

8Dedisela kude nami okuyize namanga,

unganginiki ubumpofu nengcebo,

kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,

9funa ngisuthe, ngikuphike ngithi:

‘UJehova ungubani na’ ”

funa ngibe mpofu, ngebe,

ngilone igama likaNkulunkulu wami.

10“Ungahlebi inceku enkosini yayo,

funa ikuthuke, ube necala.

11“Kukhona isizukulwane esithuka uyise,

esingabusisi unina.

12Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso,

esingahlanzwanga ensileni yaso.

13Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso!

Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.

14Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba

namazinyo emihlathi angomese

bokuqeda abampofu emhlabeni,

nabaswelayo phakathi kwabantu.

15“Umnyundu unamadodakazi amabili athi:

‘Siphe, siphe.’

“Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi,

nezine ezingasho ukuthi: ‘Kwanele!’:

16indawo yabafileyo,

nesizalo esiyinyumba,

nomhlaba ongasuthi ngamanzi,

nomlilo ongasho ukuthi: ‘Kwanele!’

17“Iso eliklolodela uyise

nelidelela ukulalela unina

liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni,

lidliwe ngamazinyane okhozi.

18“Kukhona izinto ezintathu ezingahlula ngokumangalisa,

yebo, ezine engingazaziyo:

19indlela yokhozi emoyeni,

nendlela yenyoka edwaleni,

nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle,

nendlela yendoda entombini.

20“Inje indlela yowesifazane ophingayo:

uyadla, abesesula umlomo wakhe,

athi: ‘Angenzanga isono.’

21“Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama,

yebo, phansi kwezine ongezithwale:

22phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi,

nesiwula uma sisuthile ngokudla,

23naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso,

nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.

24“Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,

kepha zihlakaniphile kakhulu:

25izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,

kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;

26izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,

kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

27izinkumbi azinankosi,

kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;

28isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,

kanti sisendlini yenkosi.

29“Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,

yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:

30ingonyama, iqhawe ezilwaneni;

ayihlehli nakusiphi;

31nehhashi lempi kanye nempongo,

nenkosi phambi kwempi yayo.

32“Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa,

wacabanga okubi,

beka isandla emlonyeni wakho.

33Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa,

nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi;

kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.”

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU