Bible Society of South Africa

To The Word – Day 196

Ezekiel 31–35, Psalm 64

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 31

1Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2“Ndodana yomuntu, thana kuFaro inkosi yaseGibithe nasesixukwini sakhe:

“ ‘Ufana nobani ebukhulwini bakho na?

3Bheka, ungumkhoba,

ungumsedari* waseLebanoni;

unamagatsha amahle,

namaqabunga anomthunzi,

nesiqu esiphakemeyo;

isihloko sawo siphakathi kwamafu.

4Amanzi awukhulisa,

utwa lwawuphakamisa;

imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo;

yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.

5Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;

izingatsha zawo zandiswa,

namagatsha awo elulwa

ngamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.

6Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo,

zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo;

emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.

7Wawusumuhle ebukhulwini bawo,

ngobude bamagatsha awo,

ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.

8Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha,

imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo,

nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo,

futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.

9Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo,

imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkulu

yaze yaba nomhawu.

10“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu, nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo, 11ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe. 12Abafokazi, abesabekayo bezizwe, bawunqumile, bawushiya. Amagatsha awo awele ezintabeni nasezigodini, nezingatsha zawo zaphukile kuyo yonke imifudlana yezwe, nabo bonke abantu behlile emthunzini wawo, bawushiya. 13Encithakalweni yawo kuyakuhlala zonke izinyoni zezulu, zonke izilwane zasendle zibe semagatsheni awo 14ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.

15“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile, ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo. 16Ngomdumo wokuwa kwawo ngathuthumelisa izizwe, lapho ngiwehlisela endaweni yabafileyo kanye nabehlela egodini; yonke imithi yase-Edene ekhethekileyo nemihle yaseLebanoni, yonke ephuze amanzi, yaduduzwa kokuphansi komhlaba. 17Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

18“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 32

1Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye:

“ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe,

kepha unjengodrako* elwandle,

lapho ufohlela emifudlaneni yakho,

unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho,

udunga izikhukhula zawo.

3“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho

ngesixuku sabantu abaningi,

bakukhuphule ngenetha lami.

4Ngiyakukuphonsa emhlabathini,

ngikuntshinge endle,

ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu,

ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe.

5Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,

ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho.

6Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho

ngegazi lakho kuze kube sezintabeni,

imifudlana igcwale ngawe.

7Lapho ngikucisha,

ngiyakusibekela izulu,

ngenze mnyama izinkanyezi,

ngimboze ilanga ngefu,

inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.

8Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho

zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo,

ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova.

9Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi,

lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni

emazweni ongawazanga.

10Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe,

amakhosi abo aqhakanyeke,

lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo,

aqhaqhazele imizuzwana yonke,

kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho.

11“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:

“ ‘Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela.

12Ngezinkemba zamaqhawe ngiyakuwisa isixuku sakho,

bonke bengabesabekayo bezizwe;

bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe,

sonke isixuku salo sichitheke.

13Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi,

angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu,

anganyakaziswa yizinselo zezinkomo.

14Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,

ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.

15Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,

izwe elingasenokugcwala kwalo,

lapho ngibulala bonke abakhe kulo,

khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’

16“Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”

17Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini. 19Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile. 20Bayakuwa phakathi kwabagwazwe ngenkemba; linikelwe enkembeni; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo. 21Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo, bephakathi kwendawo yabafileyo, bathi: ‘Sebehlile, sebelele abangasokile, bebulewe ngenkemba.’

22“Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba, 23amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba, labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.

24“Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini. 25Phakathi kwabagwaziweyo balibekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke, bonke balo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.

26“Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo, amathuna abo engakubo nxazonke, bonke babo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo. 27Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaqhawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa, abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo, ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.

28“Nawe uyakwaphulwa phakathi kwabangasokile, ulale nababulewe ngenkemba.

29“Lapho kukhona u-Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe, abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.

30“Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke zazo, nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, sebejabhile, balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bethwala amahloni kanye nabehlela egodini.

31“UFaro uyakubabona, aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe; ubulewe ngenkemba uFaro nayo yonke impi yakhe, isho iNkosi uJehova. 32Ngenza ukuba esatshwe ezweni labaphilayo, kepha useyakulaliswa uFaro naso sonke isixuku sakhe phakathi kwabangasokile nababulewe ngenkemba, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 33

Umlindi

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo, 3nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe, abethe icilongo, axwayise abantu, 4okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa, bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe. 5Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile. 6Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla, angabethi icilongo, abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo, uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.’

7“Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi. 8Lapho ngithi komubi: ‘Muntu omubi, uyakufa nokufa,’ bese wungakhulumi ukuba uxwayise omubi ashiye indlela yakhe, lowo muntu omubi uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho. 9Kepha uma umxwayisa omubi ukuba ashiye indlela yakhe, abuye kuyo, angabuyi kodwa endleleni yakhe, uyakufa ngenxa yobubi bakhe, kepha wena uzikhululile.

10“Wena ndodana yomuntu, yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Nisho kanje, nithi: “Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?” ’ 11Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’

12“Kepha wena ndodana yomuntu, yisho kubantwana babantu bakho, uthi: ‘Ukulunga kolungileyo akuyikumophula ngosuku lwesiphambeko sakhe, nobubi-ke bomubi akayikuwa ngabo ngosuku lokubuya kwakhe ebubini bakhe, nolungileyo akanakuphila ngakho ngosuku lokona kwakhe.’ 13Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila, yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo. 14Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, 15yena lo mubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi. 16Akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.

17“Kodwa abantwana babantu bakho bathi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Kepha ngeyabo indlela engalingani. 18Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho. 19Nalapho omubi ebuya ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho. 20Nokho nisho nithi: ‘Indlela yeNkosi ayilingani.’ Ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe.”

Ukuwa kweJerusalema

21Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.” 22Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi ekuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.

23Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 24“Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa-Israyeli basho bathi: ‘U-Abrahama wayemunye, wadla ifa lezwe; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.’ 25Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na? 26Niyethemba enkembeni yenu, nenza izinengiso, ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?’

27“Uyakusho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo. 28Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo. 29Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenzile izwe libe yincithakalo nokuyize ngenxa yazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo.’

30“Wena-ke, ndodana yomuntu, abantwana babantu bakho bakhuluma ngawe ngasezindongeni naseminyango yezindlu, basho omunye komunye, omunye kumfowabo, bathi: ‘Woza uzwe ukuthi yizwi lini eliphuma kuJehova.’ 31Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo. 32Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo, obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.

33“Lapho lokhu kufika – bheka, kuyeza! – bayakwazi ukuthi kwakukhona umprofethi phakathi kwabo.”

UHezekeli 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 34

Isiprofetho ngabelusi bakwa-Israyeli

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na? 3Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi. 4Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni. 5Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka. 6Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.

7“ ‘Ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi: 8Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango, nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu umalusi engekho, nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami, abelusi bezibonelela bona, bengazalusi izimvu zami, 9ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi: 10Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu, abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.

11“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. 12Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama. 13Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe. 14Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli. 15Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova. 16Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.

17“ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo. 18Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu, nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na? 19Izimvu zami ziyadla okunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.

20“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo, ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo. 21Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle, 22ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu. 23Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo. 24Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.

25“ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini. 26Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso. 27Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo. 28Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu. 29Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayikususwa yindlala ezweni, zingasalithwali ihlazo labezizwe. 30Ziyakwazi ukuthi mina Jehova uNkulunkulu wazo nginazo nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami, isho iNkosi uJehova. 31Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHezekeli 35

Isiprofetho ngentaba yaseSeyiri

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo, 3uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize. 4Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.

5“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi, 6ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela. 7Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe yincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo. 8Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho, nasezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho. 9Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.

10“ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho, 11ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela. 12Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.” 13Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile. 14Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke, ngiyakukwenza incithakalo. 15Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

UHezekeli 35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 64

Umkhuleko wocela ukuvikelwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide.

1Yizwa, Nkulunkulu,

izwi lami ekukhaleni kwami,

ulondoloze ukuphila kwami evusweni lesitha.

2Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,

3abalola ulimi lwabo njengenkemba,

bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

4ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha,

bamdubule ngokuzuma bengesabi.

5Baqinela icebo elibi;

bakhuluma ngokufihla izingibe;

bathi: “Ngubani oyakusibona na?”

6Basongoza izenzo ezimbi,

bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,”

izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

7Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo;

bagwazwe ngokuzunywa.

8Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo;

bonke abababonayo bayonikina ikhanda.

9Bonke abantu bayashaywa luvalo;

bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu,

baqonde akwenzileyo.

10Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye;

bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU