Bible Society of South Africa

To The Word – Day 108

Isaiah 65–66, Psalms 141 & 142, Proverbs 28 & 29

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 65

Ukwahlulela

1“Ngafunwa ngabangangicelanga,

ngafunyanwa ngabangangifunanga,

ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’

kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.

2Ngizelulile izandla zami

usuku lonke kubantu abahlubukayo,

abahamba ngendlela engenhle

nangokwemicabango yabo,

3abantu abangithukuthelisa ebusweni

bami njalo,

behlabela ezivandeni,

beshisa impepho phezu kwezitini,

4abahlala emathuneni,

balale ezindaweni ezisithekileyo,

badle inyama yezingulube,

benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

5abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi,

ngokuba ngingcwele kuwe;’

banjengomusi emakhaleni ami,

umlilo ovutha usuku lonke.

6“Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi:

Angiyikuthula, ngiyakuphindisela,

yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo

7ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova,

“abashisa impepho ezintabeni,

bangihlambalaza emagqumeni;

ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo

ezifubeni zabo.”

8Usho kanje uJehova, uthi:

“Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni,

bese kuthiwa: ‘Malingachithwa,

ngokuba isibusiso sikulo,’

kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami:

angiyikubabulala bonke.

9Ngiyakuveza inzalo kuJakobe,

nendlalifa yezintaba zami kuJuda;

abakhethiweyo bami bayakulidla,

nezinceku zami ziyakwakha khona.

10ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu,

nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomo

kubantu bami abangifunayo.

11“Kepha nina enimshiya uJehova,

nikhohlwe intaba yami engcwele,

nihlelele iNhlanhla* itafula,

nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,

12ngiyakuninqumela inkemba,

nikhothamele nonke ukuhlatshwa,

ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga,

nalapho ngakhuluma, anizwanga,

kepha nenza okubi emehlweni ami,

nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

13Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:

“Bhekani, izinceku zami ziyakudla,

kepha nina niyakulamba;

bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,

kepha nina niyakoma;

bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,

kepha nina niyakujabha;

14bhekani, izinceku zami ziyakujabula

ngokwenama kwenhliziyo,

kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya,

nikhale ngobuhlungu benhliziyo.

15Niyakulishiya igama lenu

libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,

iNkosi uJehova inibulale,

izibize izinceku zayo ngelinye igama,

16ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni

azibusise kuNkulunkulu weqiniso,

nofunga emhlabeni,

afunge uNkulunkulu weqiniso,

ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele

nangokuba zisithele emehlweni ami.”

Izulu elisha nomhlaba omusha

17“Ngokuba bheka,

ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha;

izinto zakuqala aziyikukhunjulwa,

zingene enhliziyweni.

18Kepha jabulani,

nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo,

ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema

libe ngukwethaba,

nabantu balo babe yinjabulo.

19Ngiyakwethaba ngeJerusalema,

ngijabule ngabantu bami,

kungabe kusezwakala izwi lokulila

nezwi lokukhala.

20“Kusukela lapho

akusayikuba khona ingane yezinsuku nje

nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,

ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,

isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.

21Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo;

bayakutshala izivini,

badle izithelo zazo.

22Abayikwakha, kuhlale omunye;

abayikutshala, kudle omunye,

ngokuba izinsuku zabantu bami

ziyakuba njengezinsuku zomuthi,

nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami

uyakugugela kubo.

23Abayikushikashikela ize,

bazalele izinhlupheko,

ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova,

nabantwana babo bayakuba nabo.

24Kuyakuthi bengakangibizi,

mina ngiphendule;

besakhuluma, mina ngiyakuzwa.

25Impisi iyakudla ndawonye newundlu,

ingonyama idle utshani njengenkomo,

uthuli lube ngukudla kwenyoka;

aziyikulimaza,

zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.

U-Isaya 65ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 66

1Usho kanje uJehova, uthi:

“Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,

umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;

iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona,

iphi indawo yami yokuphumula, na?

2Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami,

kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova.

“Kepha yilowo engiyakubheka kuye:

ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo,

othuthumela ngezwi lami.

3Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu,

nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja,

nonikela ngomnikelo wempuphu,

kepha enikela nangegazi lezingulube,

noshisa inhlaka, ebonga nesithombe,

yebo, laba bakhethile izindlela zabo,

nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.

4Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho,

ngibehlisele abakwesabayo,

ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo,

nasekukhulumeni kwami abezwanga,

kepha benza okubi emehlweni ami,

bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”

5Yizwani izwi likaJehova

nina enithuthumela ngezwi lakhe.

“Abafowenu abanizondayo,

abanixosha ngenxa yegama lami,

bashilo bathi:

‘Makazidumise uJehova

ukuba sibone intokozo yenu,’

kepha bona bayakujabha.

6Yizwi lomsindo elivela emzini,

yizwi lasethempelini!

Yizwi likaJehova

ephindisela izenzo zezitha zakhe.

7“ISiyoni lingakabi namihelo lazala;

lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.

8Ngubani ozwile okunjalo na?

Ngubani obonile okunjengalokhu na?

Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na?

Isizwe singabelethwa kanyekanye na?

Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo,

lazala abantwana balo.

9Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova.

“Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho.

10“Thokozani kanye neJerusalema,

nilethabele

nina nonke enilithandayo;

jabulani ngenjabulo kanye nalo

nina nonke enilililelayo,

11ukuze nincele,

naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo,

nenyiselwe,

nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.”

12Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula,

nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo,

nincele, niphathwe ngezingalo zalo,

niwothwe nisemathangeni.

13Njengoduduzwa ngunina,

kanjalo ngiyakuniduduza nina,

niduduzeke eJerusalema.”

14Niyakukubona,

izinhliziyo zenu zijabule,

amathambo enu ahlume njengohlaza;

isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi

sisezincekwini zakhe,

athukuthelele izitha zakhe.

15Ngokuba bheka,

uJehova uyakufika ngomlilo,

izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu,

ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufutheka

nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

16Ngokuba uJehova uyakwahlulela

inyama yonke ngomlilo nangenkemba;

ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.

17“Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye,” usho uJehova.

18“Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.

19“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo, nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami, zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni. 20Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova. 21Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi,” usho uJehova.

22“Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho. 23Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami,” usho uJehova. 24“Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima, babe yisinengiso kuyo yonke inyama.”

U-Isaya 66ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 141

Umkhuleko wocela ukusizwa ezilingweni nasezitheni

Ihubo likaDavide.

1Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;

lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.

2Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,

nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

3Jehova, bekela umlomo wami umlindi,

ugcine umnyango wezindebe zami.

4Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi

ukuba ngenze imisebenzi yobubi

kanye nabantu abenza okubi,

ngingadli izibilebile zabo.

5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;

angisole, kungamafutha ekhanda;

ikhanda lami malingawenqabi,

ngokuba nasebubini babo umkhuleko

wami uyobe usekhona.

6Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;

bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

7Njengalokhu umuntu elima,

eklaya umhlabathi,

amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

8Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;

ngiyakwethemba wena;

ungathululi umphefumulo wami.

9Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,

nasezihibeni zabenza okubi.

10Ababi mabawele emanetheni abo,

mina ngidlule kuwo.

Ihubo 142

Ukukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo

IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko.

1Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,

ngincenga uJehova ngezwi lami.

2Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,

ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.

3Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,

wena uyawazi umkhondo wami;

endleleni engihamba ngayo

bangifihlele ugibe.

4Bheka ngakwesokunene sami,

ubone ukuthi akakho onginakekelayo;

isiphephelo singiphuthele,

akakho okhathalela umphefumulo wami.

5Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:

“Wena uyisiphephelo sami

nesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6Lalela ukukhala kwami,

ngokuba ngicindezelekile kakhulu;

ngikhulule kubo abangizingelayo,

ngokuba banamandla kunami.

7Khipha umphefumulo wami etilongweni

ukuba ngibonge igama lakho;

abalungileyo bayakungizungeza,

ngokuba uyakungiphatha kahle.

IzAga 28

1Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo,

kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

2Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,

kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.

3Umuntu oswelayo ocindezela abampofu

unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.

4Abashiya umthetho badumisa ababi,

kepha abagcina umthetho balwa nabo.

5Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,

kepha abafuna uJehova baqonda konke.

6Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe

kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.

7Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,

kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.

8Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo

uyibuthela onomusa kwabampofu.

9Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,

nomkhuleko wakhe uyisinengiso.

10Odukisela abaqotho endleleni embi

uyakuwela emgodini wakhe,

kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.

11Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,

kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.

12Lapho abalungileyo bethokoza,

udumo lukhulu,

kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.

13Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,

kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.

14Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,

kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

15Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo,

unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.

16Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,

ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.

17Umuntu osindwa yigazi lomunye

uyakubalekela egodini;

makangasizwa muntu.

18Ohamba ekupheleleni uyakusinda,

kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.

19Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,

kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.

20Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,

kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.

21Ukukhetha ubuso akukuhle;

ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.

22Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;

akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.

23Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa

kunothopha ngolimi lwakhe.

24Ophanga uyise nonina, ethi:

“Akusiso isiphambeko,”

yena ungumngane wochithayo.

25Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana,

kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.

26Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula;

kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.

27Opha ompofu akayikuswela,

kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.

28Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha,

kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.

IzAga 29

1Umuntu osolwayo,

onentamo elukhuni kodwa,

uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.

2Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,

kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.

3Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,

kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.

4Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela,

kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.

5Umuntu othopha umakhelwane wakhe

wenekela izinyawo zakhe inetha.

6Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe,

kepha olungileyo uyenanela, athokoze.

7Olungileyo uyazi indaba yabampofu,

kepha omubi akayiqondi.

8Abantu abayizideleli bavusa umuzi,

kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.

9Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,

siyadlova sihleke, nokuthula akukho.

10Abantu begazi bayazonda opheleleyo,

kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.

11Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,

kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.

12Uma umbusi elalela indaba yamanga,

zonke izinceku zakhe zimbi.

13Ompofu nocindezelayo bandawonye;

uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.

14Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,

isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.

15Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,

kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.

16Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko,

kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.

17Yilaye indodana yakho,

iyakukuphumuza,

yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.

18Lapho kungekho mbono khona,

abantu bayadlubulunda,

kepha ogcina umthetho ubusisiwe.

19Inceku ayisolwa ngamazwi,

ngokuba noma iqonda ayilaleli.

20Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?

Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.

21Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni

iyakuba yindodana ekugcineni.

22Umuntu onolaka uvusa ukuxabana,

nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.

23Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,

kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

24Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;

uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.

25Ukwesaba abantu kubeka ugibe,

kepha owethemba uJehova uyalondeka.

26Abaningi bafuna ubuso bombusi,

kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.

27Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo,

noqotho endleleni uyisinengiso komubi.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU