1Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo,
kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi,
kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.
3Umuntu oswelayo ocindezela abampofu
unjengemvula ekhukhulayo engashiyi ukudla.
4Abashiya umthetho badumisa ababi,
kepha abagcina umthetho balwa nabo.
5Abantu ababi abaqondi ukwahlulela,
kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe
kunocebileyo ophambene ngezindlela zakhe.
7Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo,
kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.
8Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo
uyibuthela onomusa kwabampofu.
9Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10Odukisela abaqotho endleleni embi
uyakuwela emgodini wakhe,
kepha abapheleleyo bayakudla ifa lokuhle.
11Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso,
kepha ompofu oqondileyo uyakusifica.
12Lapho abalungileyo bethokoza,
udumo lukhulu,
kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
13Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,
kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo,
unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,
ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17Umuntu osindwa yigazi lomunye
uyakubalekela egodini;
makangasizwa muntu.
18Ohamba ekupheleleni uyakusinda,
kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.
19Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla,
kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.
20Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso,
kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.
21Ukukhetha ubuso akukuhle;
ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.
22Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo;
akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.
23Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa
kunothopha ngolimi lwakhe.
24Ophanga uyise nonina, ethi:
“Akusiso isiphambeko,”
yena ungumngane wochithayo.
25Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana,
kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.
26Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula;
kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.
27Opha ompofu akayikuswela,
kepha ositheza amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
28Lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha,
kepha ngokubhubha kwabo abalungileyo bayanda.