Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 9

Umkhuleko

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 34

4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;

wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Babheka kuye phezulu, bakhanya;

ubuso babo abusoze bajabha.

6Nasi isihlupheki esakhala,

uJehova wezwa,

wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;

ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

Ihubo 34:4-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 71

Umkhuleko wocela ukusizwa

1Jehova, ngiyethemba wena;

mangingajabhi naphakade.

2Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;

beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3Yiba kimi idwala lokuhlala,

ukuze ngiye kulo njalonjalo;

ukuyalezile ukusindiswa kwami,

ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

Ihubo 71:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 86

6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,

ulalele izwi lokunxusa kwami.

7Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,

ngokuba uzakungiphendula.

8Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;

akukho okunjengemisebenzi yakho.

Ihubo 86:6-8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU