Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 8

Ukugula kakhulu noma ukufa

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 39

4“Jehova, ngazise ukuphela kwami,

nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;

mangazi ukuthi ngingodlulayo.

5Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;

imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;

impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,

noma eqine kangakanani. Sela*

6“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;

impela uzikhathaza ngokuyize nje;

unqwabela imfuyo,

kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

7“Kalokhu-ke, Nkosi,

ngilindele ntoni na?

Ithemba lami likuwe.

Ihubo 39:4-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 116

Ukudumisa kosindisiweyo

1Ngiyamthanda uJehova,

ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi

ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3Izintambo zokufa zangizungeza,

nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;

ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:

“Ngiyakuncenga, Jehova,

khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile;

uNkulunkulu wethu unobubele.

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili;

ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

Ihubo 116:1-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 86

Umkhuleko wososizini

Umkhuleko kaDavide.

1Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,

ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

2Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;

wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

3Yiba nomusa kimi, Nkosi,

ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

4Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,

ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.

5Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,

unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,

ulalele izwi lokunxusa kwami.

7Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,

ngokuba uzakungiphendula.

8Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;

akukho okunjengemisebenzi yakho.

9Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,

zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.

10Ngokuba umkhulu wena,

uyenza izimangaliso,

unguNkulunkulu wena wedwa.

11Ngifundise, Jehova, indlela yakho;

ngiyakuhamba eqinisweni lakho;

yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,

yesabe igama lakho.

12Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu

wami, ngenhliziyo yonke yami,

ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

13Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami,

ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.

Ihubo 86:1-13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 88

Ukukhala kosengozini yokufa

Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti.* IMaskili* likaHemani umEzra.

1Jehova Nkulunkulu wensindiso yami,

ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho,

indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi,

ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4Ngibalwa kanye nabashona emgodini,

nginjengomuntu ofileyo.

5Icansi lami liphakathi kwabafileyo;

nginjengababuleweyo abalele ethuneni,

ongasabakhumbuli,

benqunyiwe esandleni sakho.

6Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,

ebumnyameni, otweni.

7Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;

amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*

8Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,

wangenza ngibe yisinengiso kubo;

ngivalelwe, ngingephume.

9Iso lami liyafa ngosizi;

ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,

ngizelulela izandla zami kuwe.

10Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?

Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*

11Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho,

nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

12Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni,

nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

13Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe;

ekuseni umkhuleko wami uyenyuka

phambi kwakho.

14Jehova, ulahlelani umphefumulo wami,

ungifihlelelani ubuso bakho na?

15Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami;

ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.

16Ulaka lwakho olushisayo lungehlele;

ukwesabisa kwakho kungiqedile.

17Kungizungeza njengamanzi imihla yonke,

kungikaka kanyekanye.

18Isihlobo nomngane ubaxoshele kude;

ubumnyama bungumhlobo wami.

Ihubo 102

Ukwethemba eNkosini

Umkhuleko wohluphekayo, nxa ephela amandla, ethulula isikhalo sakhe phambi kukaJehova.

1Jehova, yizwa umkhuleko wami;

ukukhala kwami makufinyelele kuwe.

2Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami;

beka indlebe yakho kimi,

ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.

3Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi;

amathambo ashile njengezinkuni.

4Inhliziyo yami ishayiwe,

ibunile njengotshani,

ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.

5Ngenxa yezwi lokububula kwami

amathambo ami anamathele enyameni yami.

6Ngiyafana nevuba ehlane,

nginjengesikhova kwahlongasibi.

7Ngiyaqwasha,

nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.

8Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;

abahlanya ngami bayangiqalekisa.

9Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,

nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.

10Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.

11Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;

mina uqobo ngiyabuna njengotshani.

12Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,

nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

13Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni;

sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa,

yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.

14Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,

zihawukele uthuli lwalo.

15Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,

amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

16Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,

ubonakele enkazimulweni yakhe;

17wanaka umkhuleko wabangenalutho,

engawudeleli umthandazo wabo.

18Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;

abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

19Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,

wabuka umhlaba esezulwini

20ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,

akhulule abantwana bokufa,

21ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova

nodumo lwakhe eJerusalema,

22nxa izizwe zibuthana ndawonye

kanye nemibuso ukumkhonza uJehova.

23Wanciphisa amandla ami endleleni,

wafinyeza izinsuku zami.

24Ngithi: “Nkulunkulu wami,

ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;

iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.

25Endulo wawusekela umhlaba,

izulu lingumsebenzi wezandla zakho.

26Kuyakubhubha lokhu,

kepha uyakuma;

yebo, kuyakuguga konke njengengubo;

njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.

27Kepha unguwe njalo,

iminyaka yakho ayiyikuphela.

28Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala;

inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”

Ihubo 142

Ukukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo

IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko.

1Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,

ngincenga uJehova ngezwi lami.

2Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,

ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.

3Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,

wena uyawazi umkhondo wami;

endleleni engihamba ngayo

bangifihlele ugibe.

4Bheka ngakwesokunene sami,

ubone ukuthi akakho onginakekelayo;

isiphephelo singiphuthele,

akakho okhathalela umphefumulo wami.

5Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:

“Wena uyisiphephelo sami

nesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6Lalela ukukhala kwami,

ngokuba ngicindezelekile kakhulu;

ngikhulule kubo abangizingelayo,

ngokuba banamandla kunami.

7Khipha umphefumulo wami etilongweni

ukuba ngibonge igama lakho;

abalungileyo bayakungizungeza,

ngokuba uyakungiphatha kahle.

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU